zulu.1115.yourstyle_beauty_NEW
Izeluleko zeziphaqulo kwabesi-khumba esinsundu
1 CONCEALER
Uma isikhumba sakho sinsundu, nakekela ibala laso - ikakhulu esiphongweni. I-concealer yinhle ekufihleni izishishili phezu kwe-foundation
2 FOUNDATION
Ukuze uthole imiphumela emihle ekugqamiseni ibala, sebenzisa i-foundation emanzi embaleni ongakhanyi kunowesikhumba sakho.
3 POWDER
Njalo faka u-powder kancane ngaphezu kwe-foundation.
4 BLUSH
Khetha imibala enjenge-rose no-light pink, noma oshube ngokusawolintshi, ngokuncike emcimbini oya kuwo.
5 EYESHADOW
Imibala esebenza kahle ezikhumbeni ezinebala elinsundu yileyo egqwale ngokubhlu noku-purple, kodwa futhi zama eyethusi naleyo yemvelo.
6 EYELINER
Ungayisebenzisi i-eyeliner uma usebenzisa i-eyeshadow ensundu. Uma ungathokozile ngalokhu - sebenzisa i-eyeliner emnyama.
7 MASCARA
Sebenzisa i-brush elizokwenza izinkophe zibukeke zizinde, ubambelele embaleni wakho wendalo, noma usebenzise umbala okhanyayo.
8 LIPSTICK/LIPGLOSS
Imibala egqwale kahle kuya kweshubile ikusebenzela kahle. Qiniseka ukuthi izindebe zakho ziyacwebezela futhi ziyakhanga.
9 LIPLINER
Lokhu kuyadingeka, kodwa uma ufuna ukuba nezindebe ezinhle, khetha umbala ohambisana ne-lipstick yakho.[z]
Iqhubeka ekhasini 62
BONA ZULU July 2009
UBUHLE BAKHO
◄Mac Deep Dark Blot Powder, (R180).
▲Mac Select Cover-up Concealer, (R145).
◄L’Oreal Infallible Continuous Perfecting Foundation, (R145).
▲Mac Pink Powder Blush, (R140).
Ukubukeka kahle ngokwendalo kumayelana nesikhumba esibu-shelelezi nokuse-benzisa imibala efanele
BONA ZULU July 2009
◄Revlon Lipgloss, (R99,95).
►L’Oreal Natural Lipstick, (R105).
Indaba: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
Isuka ekhasini 60
▲Revlon Copper Spice Eyeshadow, (R135).
◄Revlon ColorStay Liquid Liner, (R135).
▲L’Oreal Double Extension Mascara, (R140).
►L’Oreal Natural Dark Skin Tones Eyeshadow, (R135).
►Estée Lauder Signature Lipstick, (R220).
▲Clarins Blue Shimmer Eyeliner, (R170).
