zulu.1946.yourfamily_pregnancy
Ukusebenza ukhulelwe
Ngaphambi kokutshela umqashi wakho ukuthi ukhulelwe, qiniseka ukuthi uyawazi amalungelo akho - lokhu kuzokusiza ukuze ubone uma enza okungafanele akwenze kuwena.
UKHULELWE, siyakubongela! Kodwa ngabe umtshela kanjani umqashi wakho lezo zindaba? Kusemahlombe akho ukuthatha isinqumo sokuthi ubatshela nini emsebenzini ukuthi ukhulelwe. Umthetho uyakuvuna - empeleni ukukhulelwa kwakho akufanele kube yinkinga emsebenzini wakho.
Ungakasho ukuthi ukhulelwe, qiniseka ukuthi uyawazi amalungelo akho.
Lokho akusho ukuthi uyazivikela ekucwasweni nje kuphela. Ukwenza isibonelo - ukwazi ngamalungelo akho uma uthatha ikhefu lokuyobeletha, kungasiza ekulungiseleleni ukubeletha.
NgokweWebsite yoMnyango wezabaSebenzi, abesimame kumele bakhuthazwe basheshe babatshele abaqashi uma bekhulelwe. Lokho kuqinisekisa ukuthi umqashi uzokwazi ukubheka ingozi okhulelwe alengela kuyona emsebenzini athathe izinyathelo zokumvikela.
UDkt. Daniel Mahapa wezifo zabesimame esakhuluma naye uthi kungenzeka uthathe isinqumo sokutshela umqashi wakho ngokukhulelwa kwakho emva kwezinyanga ezintathu sekwehle amathuba okuphuphuma kwesisu.
Ngakolunye uhlangothi, izinyanga zokuqala ukhulelwe yizona ezinzima kakhulu. Umzimba wakho usuke usathuswa wukuthi ukhulelwe kanti kungenzeka uhlushwe yinhliziyo encane.
Uma kwenzeka uhlushwa wukugula ukhulelwe kungadingeka ukuba usheshe utshele umqashi wakho ngokukhulelwa kwakho.
Okunye okumqoka okumele ukubheke wukuthi umsebenzi owenzayo awusiyo yini ingozi kuwena.
Uma usebenza endaweni okuphakanyiswa kuyona izinto ezisindayo, enamakhemikhali nemithi yokuhlanza noma usebenza umile noma uhleli isikhathi eside, tshela umqashi wakho ngokushesha ukuthi ukhulelwe.
Ngisho nomsebenzi onjengowokufundisa enkulisa noma e-primary ungaba yingozi uma usanda kukhulelwa ngoba izingane ziphathwa yizifo ezinjengesimungumungwane ne-chicken pox eziyingozi enganeni engakazalwa.
Tshela udokotela wakho noma umhlengikazi uma kukhona okukukhathazayo. Bazokutshela uma bebona ukuthi indawo osebenza kuyona iyingozi ekukhulelweni kwakho.
Uma bethi iyingozi tshela umqashi wakho ukuze athathe izinyathelo zokukuvikela. Uma kungenzeka, akubhekwe zonke izinto eziyingozi kuwena.
Lezo zinto zingabandakanya ukusebenza amahora amade, ukusebenza endaweni enamakhemikhali nenodlame, umsebenzi odinga amandla nokunye.
Uma lezo zinto sezibhekiwe, makususwe konke okuyingozi kuwena. Uma lokho kungeke kwenzeke, okhulelwe makayekiswe ukusebenza ahole ngokugcwele kusalungiswa isimo.
Okunye okumele ukukhumbule:
Umqashi akakwazi ukukuxosha noma athi yeka ukusebenza ngoba ukhulelwe.
Akakwazi ukukwehlisa esikhundleni, akushintshele komunye umsebenzi noma ehlise umholo wakho.
Umqashi wakho akakwazi ukukwenqabela ukuba ukhushulelwe kwesinye isikhundla noma uqeqeshwe.
Akakwazi ukukutshela ukuthi khipha isisu ukuze ungaxoshwa. [z]
Indaba: Kamogelo Sebola
YAZI AMALUNGELO AKHO
Umthetho uthi abaqashi ababenzele lokhu abasebenzi abakhulelwe:
Abakhulelwe mababe nendawo yokuphumula emsebenzini.
Mabanikwe ithuba lokuyoxukuzwa nelokuya kodokotela - lokhu kubandakanya izinto ezinjengoku-yovocwavocwa.
Abaqashi mabanike izimenenja nabasebenza nomuntu okhulelwe izeluleko nokumeseka.
UKUKHULELWA KWAKHO
UKUhlolelwa umsebenzi ukhulelwe
Uma uhlolelwa umsebenzi ukhulelwe, khumbula lezi zinto:
Akukho emthethweni ukubuza ngokukhulelwa.
Akukho emthethweni ukubuza ngesifo esingadalula ukukhubazeka ngandlela thile.
Umqashi akakwazi ukubuza ngezinhlelo zakho mayelana nokukhulelwa kwakho uma uhlolelwa umsebenzi noma emva kokuqashwa.
Uma ubuzwa ngokukhulelwa kwakho, umbuzo wuthathe njengongekho emthethweni wenqabe ngesizotha ukuwuphendula.
