zulu.1944.legalsep2007
uthini umthetho
INKINGA: U-supervisor wethu efemini uyadinwa uma kukhona umsebenzi oya endlini encane ngezikhathi zomsebenzi. Njalo uhlale ethi uzongixosha uma ngingakwazi ukuya endlini encane ngaphambi komsebenzi noma emva kwawo noma ngelantshi. Ngazama ukumhlonipha kodwa kwanzima.
Ekugcineni kwaqulwa icala - ngamangala njengoba futhi nguye umqashi owayengusihlalo (chairman). Ngicabanga ukuthi angixoshwanga ngeqiniso njengoba kunguye owayephethe icala. Akazange afune nokungizwa ukuthi ngithini noma mhlawumbe akubhale phansi engangikusho. Ngabe kukhona engingakwenza ngalolu daba-
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokwe-Labour Relations Act, kwakungavunyelwe ukuba umsebenzi amelwe wumuntu womthetho ecaleni lokuqondiswa kwezigwegwe. Emva kwesikhathi, uhulumeni wawuxegisa lo mthetho, wathi umqashi nomsebenzi banelungelo lokumelwa, ngisho ngabe ngomunye wabasebenzi, isikhulu senyunyana noma ummeli. Lokhu kwenzelwa ukuba izinto ziqhubeke ngeqiniso nabasebenzi baneliseke.
Kodwake enye inkinga ekhathazayo ngeyokuthi ubani ozokuba ngusihlalo.
Iningi labaqashi liye likhethe omunye umsebenzi enkampanini phezu kokuba i-CCMA nezinkantolo zabasebenzi zikuthola lokhu kungenelisi.
Abe-CCMA banamacala amaningi lapho abasebenzi bexoshwa ngoba abaqashi babeba futhi ngosihlalo. Kungakho-nje izinqumo zabo zaziba nokungabazisa.
Ngumsebenzi kasihlalo ukuqiniseka ukuthi umsebenzi unikwa ithuba elifanele ukunika ubufakazi nokuba abuze ofakazi. Kufanele azi futhi aqonde inqubo yokuqondisa izigwegwe yenkampani nokuthi ukulalelwa kwecala kufanele kuqhutshwe kanjani nokuthi yini eyenziwe nokukhulunyiwe kwaqoshwa phansi ngaleli cala.
Kwakufanele uqhube ngendlela yomthetho we-Promotion Of Administrative Justice Act 3 of 2003. Ngokolwazi olunikile, kuyacaca abazange bakunike ithuba lamalungelo afanele. Xhumana nehhovisi labe-CCMA ngokushesha ukuze bakusize ugcwalise amafomu adingekayo, ukwazi ukuzwakalisa isikhalazo sakho ngendlela efanele kulowo owayengumqashi wakho.[z]
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
BONA ZULU - September 2007
Ngaxoshwa ngokungemthetho-
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
