zulu.1940.yourman_ties
KHETHA UTHAYI OKUFANELE
Uthayi okahle ungenza ingqephu enhle ibukeke kahle ngokwedlulele - ngisho naleyo engeyinhle
IFESHINI YABESILISA
UTHAYI yinto yokuhloba ephambili kumuntu wesilisa (ngaphandle kokuba uyi-metrosexual mhlawumbe ungeke ube nandaba ngokuphatha isikhwama sabesilisa).
Nakhu odinga ukukwazi uma
ukhetha uthayi:
Mawube mude kahle - ukucija kwawo makufike ekhongcweni lebhande lakho.
Ungawuthengi uthayi onezithombe, ama-cartoon noma imidwebo ngaphandle kokuba uya ephathini yezingane noma emhlanganweni wabomndeni.
Khetha uthayi obukeka kahle ngokuhloniphekile uma uya kwi-interview yomsebenzi, umhlangano wezamabhizinisi noma emcimbini obalulekile.
Ungawufaki uthayi onemisho kanye nehembe elinemisho ngaphandle kokuba lelo hembe linama-pinstripe nokuyilapho ama-stripe emancane.
Thaka amaphethini okugqokile kanye nothayi. Ngamahembe anemigqa kungakuhle ukufaka othayi abangenamidwebo, noma uthayi odwetshiwe nehembe elingadwetshiwe.
Ungafaki ihembe eli-dark nothayi o-dark. Uthayi o-dark ubukeka kahle ehembeni elikhanyayo. Ihembe elikhanya kakhulu lingahamba nothayi o-dark.[z]
Source: www.2tieatie.com
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
