zulu.193.Plug
KUNEZINSIZWA ezintathu zaseMlazi ezisungule into yokukhipha ipulaki kwi-socket emva kokubanjwa wugesi izikhathi ezimbalwa.
Le nto ebizwa ngokuthi yi-3P (Pin-Plug-Puller) yenziwe ngopulasitiki kanti ingena epulakini ejwayelekile eno-pin abathathu, kanti ifike yakhe isibambo ngaphezulu kwepulaki nokwenza kube lula ukukhipha ipulaki kwi-socket.
"Ngaba nomqondo wokuba kube khona engikwakhayo ngo-2000 emva kokubanjwa wugesi kaningana ngithi ngizama ukukhipha ipulaki kwi-socket yayo lapho sasidayisela khona izithelo," kusho umsunguli wayo uSimphiwe Dlamini (27).
"Ngelinye ilanga ngasika ingxenye yebhodlela likapulasitiki lobisi ngoba ngifuna ukuyisebenzisa uma ngikhipha. Ngo-2002 ngacabanga ukuthi mhlawumbe omunye umuntu lo mqondo angawuthola uwusizo, nokwenza ukuthi sinomfowethu uBongumusa (28) nomngani wethu uSandile Sikhakhane (30), sibone kungcono sisungule inkampani yale nto ngokusemthethweni. Sasingenayo imali eyanele, ngaleyo ndlela saya kwabe-Durban Electricity okuyibo abasisiza savula inkampani yethu ebizwa ngokuthi yiSimela Khona Trading (Pty) Ltd, sase siyaqala sawudayisa ngemvume esemthethweni khona lapha endaweni.
"Saqale sazama ukuwakha ngezinto eziningi ezehlukene. Ekuqaleni sasebenzisa izingxenye zama-container obisi siwasika alingane nepulaki kodwa sabona ukuthi sidinga into eqinile.
"Emva kokuhamba kwesikhathi sasebenzisa iPVC, kodwa kwatholakala ukuthi ibiza kakhulu ngoba kwakuzodingeka ukuba sikhokhele owayezosisikela asifakele nemibala ngodayi. Emva kwalokho sezwa ngobumba olwalufanele umkhiqizo wethu kodwa lubiza."
Lokhu akuzange kubathene amandla. Lezi zinsizwa zontathu zafuna indlela yokuba zithole imali yokuthenga lolu bumba - nokwaba ngukuba zigcine sezidayise ama-shares enkampanini yazo. Zasebenzisa lezi zimali ukuba zikwazi ukuthola lolu bumba lomkhiqizo wazo ukuze uphelele.
Okwalandela lapho kwaba wukumaketha umkhiqizo wazo. Zazazi ukuthi azinaso isipiliyoni kulo mkhakha - ngenhlanhla zasizwa wuMntwana u-Africa Zulu oyindodana yoMntwana uNtokozo Zulu (osakhothama), wendlu yasebukhosini Onkweni noyi-executive chairman yeBafana Security Pty (Ltd).
"Ingqinamba yokuqala kwaba wukuthi sizoyisabalalisa kanjani ngokusemthethweni emhlabeni wonkana. Njengoba futhi ingabizi kakhulu, kusho ukuthi kufanele uzidayise zibe ziningi. "Ngaqale ngafakela izitolo zendawo lapho abantu beya khona cishe kathathu ngosuku. Ngaphinde ngasebenzisana noxhaxha lwezitolo (chainstores) ezweni lonkana nokuyinto eyenza kube lula ukuzisabalalisa," kuphawula uMntwana u-Africa Zulu.
Lezi zinto zokudonsa amapulaki zizothengiswa ngamaphakethe ezintathu (ephaketheni lilinye) kanti kungakuhle imindeni yonke ibe nazo. Leli thimba lethemba ukuthi ukuphumelela kwalo kungenza bakwazi ukusiza abanye ngemifundaze ukuze bangazabalazi njengoba kwenzeka kubona.[z]
Ngeminye imininingwane xhumanani noMntwana u-Africa Zulu kule nombolo: 082-827-6992.
Emva kokubanjwa wugesi izikhathi eziningana, izinsizwa ezintathu zabona kungcono zakhe into ezizokwazi ukukhipha ngayo amapulaki kagesi odongeni...
BONA ZULU - September 2007
Impumelelo yokwakhiwa kwezinto zokukhipha amapulaki ilele kulezi zinsizwa: (kwesobunxele) nguSimphiwe Dlamini, uMntwana u-Africa Zulu, Sandile Sikhakhane noBongumusa Dlamini.
Bavikela izimpilo
nguTANIA SANDBERG
izithombe nguCLIVE THOMPSON
BONA - August 2007
