zulu.1937.bloclpuzzle
BONA Block Puzzle
BONA ZULU – May 2006
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomlingisi wesimame ezikweleni ezimnyama.
No 55
Wina!
AmaCD abiza R5 600 uthole nokwazi ngomculo kaChris Brown
U-CHRIS BROWN yinsizwa enhle ethandekayo. Ngenxa yethalente lakhe usekhiphe iCD yokuqala enemicu epholile, nezomenza adume umhlaba wonke.
I-CD yakhe eqanjwe ngaye ithatha abalaleli ibabeke kuma-malls, emaphathini nalapho kuhlanganyela khona intsha nokuyinto eyenza ukuthi kube lula kuBrown ukudlinza ngothando acula ngalo: ucula ngentokazi alangazelela ukudansa nayo, ethandana nomunye umuntu kodwa asanganiswe wuthando lwayo.
Nge-albhamu yakhe yokuqala uthakasela ubusha nokuba sothandweni.
UBONA unamahampa amahlanu abiza R1 120 ophisana ngawo. Ihampa ngayinye ine-poster kaChris Brown neCD yakhe yokuqala, kanye nalawa: Jagged Edge, Anthony Hamilton, Byron Cage, Men Of Gospel, Hezekiah Walker, Mafikizolo (DVD), Voices, Kenny G noSwazi Dlamini.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikhala uthole igama elifihleke ezikweleni ezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard, ubhale igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini uthumele kuleli kheli: BONA/Chris Brown Block Puzzle No 55,
Box 32067, Mobeni,
4060. [z]
Uvalwa mhlaka:
31 May 2006
UMA kwenzeka niphinda nihlangana, wenzele umusa umndeni wakho nabangani – ngokubatshela izizathu ezenza kube semqoka ukuthenga ngokheshi...
n Akukho zivumelwano ozozisayina ezizokubophezela esikweletini.
n Uyakwazi ukubhajetha nokulawula imali yakho – nokuyinto esemqoka uma unebhizinisi lakho.
n Uzokwazi ukonga imadlana encane.
Uma uthenga iTV ngesikweleti, ugcina usukhokha imali ecishe iphindeke kabili kulelo nani layo...
Ake sithi ukhethe iTV engu-54cm ebiza u-R1 199. Uma uzoyithenga ngesikweleti, ukhokha i-deposit ka-R120, ukhokhe i-instalment sika-R63 njalo ngenyanga.
Okusho ukuthi ungagcina usuyikhokhele u-R1 992. Kuleyo mali kusuke kufakwe inzalo ka-R433, imali yephephabhuku le-club (okuvame ukuba libe ngu-R15 ngenyanga), imali yokudiliva impahla (ecishe ibe ngu-R120) neyomshuwalensi (ecishe ibe ngu- R15 ngenyanga).
Tshela nabanye – yikhokhele ukheshi, ugoduke nayo unethezekile! [z]
Phinda ucabange uma uthenga ngesikweleti
n Ukube bewazi ukuthi ungakwazi ukulenqaba iphephabhuku lesitolo, unqabe ukudilivelwa kanjalo nomshuwalensi: UBUZOKONGA R360
n Ubuzokonga ngaphezulu kwalokho... Ukuba izimpahla zakho uzithenge kwaPEP ngokheshi noma nge-lay-by ukwenza isibonelo: UBUZOKONGA U-R793!
Ezentengiso
Tshela nabanye!
Siza utshele nabanye ukuthi – wonga kakhulu uma uthenga ngokheshi noma nge-lay-by
BONA ZULU – May 2006
