zulu.1112.BEC success-tips
I-NANDZIHA HOMEBAKED COOKIES
Olunye udaba lwempumelelo kwezamabhizinisi oluzokhuthaza abanye osomabhizinisi!
BONA ZULU – December 2005
NGONYAKA odlule uGladys Kgorane wathola ukuthi ikhona inzuzo angayithola ebhizinisini ayelicabanga. Kwamkhanyela ukuthi abantu badinga okuzokwenza impilo yabo ibe lula. U-Gladys ukhule ekuthanda ukubhaka. Manje lokho sekwenze wavula ibhizinisi elisimeme.
Ngo-2004, uGladys wavula iMonate Homebaked Cookies. Leli bhikawozi lehlukile kwamanye, ngenxa yalo sekudaleke amathuba emisebenzi kanti kulona kubhakwa amakhekhe abuye adilivwe lapho edingeka khona.
Libhaliswe kulo nyaka kanti uGladys wamangala uma ethola ukuthi igama elithi Monate lalingekho. U-Gladys wazithola ekwenye inkinga ngoba amakhasimende akhe ibhizinisi lakhe ayelazi ngeMonate Homebaked Cookies. Kwamsiza ukuthi elaseSouth Africa linezilimi ezingu-11 ezisemthethweni ibhizinisi lakhe walibhalisa ngegama lesiShangane elithi Nandziha elichaza uMonate kanti inkampani yakhe ibizwa ngeNandziha Homebaked Cookies.
I-Nandziha Homebaked Cookies isiza umphakathi ngamabhisikidi enziwa ekhaya ibuye iwadayisele nabanye. Babhakela yonke imicimbi – faka i-oda lakho, iNandziha Homebaked Cookies ikunike okufunayo!
Ngesikhathi uGladys evula iNandziha Homebaked Cookies umsebenzi wawumkhulu kakhulu waze wasizwa abesimame abathathu, okungo-Esther Bogopa, Christine Modise no-Idah Maluleka. U-Gladys wafikelwa omunye umqondo wokuwadayisela ezinye izimboni namahhotela amakhekhe akhe.
U-Gladys nabambisene nabo basebenzela emakhaya. Babhakela imingcwabo, amaphathi neminye imicimbi. Baphezu komkhankaso wokufundisa ezinye izintokazi ezimbili ukubhaka ukuze zibalekelele kanti kunabanye abahlanu abazosiza ngokudayisa amabhisikidi afreshi.
U-Gladys nethimba lakhe bayazi ukuthi bazophumelela ngenxa yokuxhaswa abantu baseSouth Africa. Impatho abayinika amakhasimende abo eNandziha Homebaked Cookies iyona ezokwenza ukuthi bangaliboni elidlalayo abancintisana nabo kanti lokho kusho ukuthi basazoqhubeka nokwenza amakhekhe aphuma phambili kule mboni.
Njengamanje uGladys nethimba lakhe benza amahampa kaKhisimusi kanti ngaleyo naleyo hampa oyithengayo kuvuleka ithuba lomsebenzi eNandziha Homebaked Cookies. Uma ufuna ukufaka i-oda shayela uGladys ucingo ku-083-554-2390.
IMIKLOMELO YAMABHIZINISI AMANCANE E-MAGEU NUMBER 1
Le miklomelo iqondene nabafundi abangamalungu eBONA Empowerment Club asebeziqalele amabhizinisi abo amancane. Ukuze uwine imali engaphezulu kuka-R50 000 kanye nemiklomelo, bhala igama lakho, ikheli, ucingo nenombolo yakho ye-cellphone kanye negama lebhizinisi lakho.
l Abazongenela lo mncintiswano mabagcwalise ifomu yokungenela ezotholakala kuma-workshop eBONA Empowerment noma kwi-website ethi www.empowermentclub.co.za.
l Chaza ngamafuphi ukuthi ibhizinisi lakho elani. Ngabe udayisa ukudla, une-spaza shop noma okunye?
l Imiklomelo iyonikwa abantu ababukeka benekhono kwezamabhizinisi abanamabhizinisi asimeme.
Thumela imingenelo ekhelini elithi Mageu Number 1 Small Business Start-up Awards,
Box 3858, Rivonia, 2128. Amagama abafinyelele kowamanqamu ayoshicilelwa kuBONA nyanga zonke kusukela ngoJanuary 2006, avezwe kwi-website yethu kubuye kuxhunywane nabo ngocingo. Bonke abazowungenela bazothola izitifiketi. Abangu-12 abayofinyelela kowamanqamu bayohlangana kumafayineli eGoli ngoSeptember 2006.[z]
AMATHUBA AMABHIZINISI NGE-SUNBAKE!
I-Sunbake, edume ngeThe Best Bake under the Sun, izoxhasa i-workshop yeBake and Cook for Profit ezoba seLimpopo ngoNovember.
I-Sunbake izobuye iphisane nge-spaza shop esinezimpahla! Ozowina uzokwazi ukuvula ibhizinisi noma asebenzise imikhiqizo esesitolo yebhizinisi lokupheka noma lokunye.
Omunye umhlomulo ngaphezu kwalowo, abafundi bakaBONA bayacelwa ukuba bathumele iresiphi abazosebenzisa kuyona isinkwa seSunbake, ama-rolls noma eminye imikhiqizo esetshenziswa uma kuphekwa. Iresiphi ewinile izothola ihampa yeSunbake ebiza uR100. Thumela iresiphi yakho ekhelini elithi Sunbake, Box 1300, Rivonia, 2128, ubhale igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini noma eye-cellphone.
I-Sunbake inamabhikawozi eNorthwest, Limpopo, Gauteng naseMpumalanga. NgeSunbake uzothola umkhiqizo oyikhwalithi okongela imali.
Xhumana noLinda de Witt wakwaSunbake ku-015-298-8706 uma ufuna imikhiqizo ozoyifaka esitolo sakho uma useduze naseLimpopo.
I-BONA Empowerment Club ungayishayela ku-011-883-8829. Funda uBONA uye kwi-website ethi www.empowermentclub.co.za ukuze wazi ngeBake and Cook for Profit nangama-forums okuvula ibhizinisi.
Izeluleko zikaGladys ezingu-10
Azisa umphakathi ngebhizinisi lakho. Izeluleko ezilandelayo zizokusiza ukuba ukwenze lokho.
1. Uma ungasebenzi, zenzele amakhadi ebhizinisi lakho ozowanika abantu emicimbini. Kulawo makhadi, akucace ukuthi utholakala kanjani nokuthi obani abangasizakala ngebhizinisi lakho.
2. Chaza ngebhizinisi lakho kwi-Internet. Kwi-Internet bayakwazi ukukunika ikhasi ozolisebenzisela izidingo zakho mahhala. Emva kwalokho faka yonke imininingwane yalelo khasi ekhadini.
3. Uma uthola amakhadi ebhizinisi, balandele abakunike wona! Bhala ngemuva ukuthi wahlangana kuphi nalowo muntu owakunika lona. Hlela ukuba nibonane, niqinise ubudlelwane benu.
4. Ungayeki ukuzazisa ebantwini. Ibhizinisi lakho lisimamise ngokungayeki ukuxhumana nabantu owake wababona.
5. Emcimbini wokuzethula emphakathini, makube nguwe onika umuntu into oyiphethe kuqala, bese uyamukela emva kwalokho. Zihlole ukuthi uzethule kanjani kubantu ngaphambi kokucela usizo lwabo.
6. Shaya sengathi uyasebenza uma ufuna omunye umsebenzi. Beka isithombe esihle ngawe.
7. Kosomabhizinisi kubalulekile ukukwazi ukukhuluma ukuze uzakhele igama ebantwini. Kwabafuna umsebenzi, ukukwazi ukukhuluma kungaheha abantu ugcine usuhlangana nabantu abangafuna usizo lwakho.
8. Khumbula ukuthi ohlangana nabo bangakuholela endaweni ofuna ukuya kuyo. Iningi labantu liseduze kwabantu ofuna ukusondela kubona.
9. Abangochwepheshe ekuzaziseni emphakathini kubathatha imizuzwana engu-30 ukukwenza lokho. Zijwayeze ukusho amagama ozethula ngawo.
10. Yiba yilokho oyikona uma uzethula ebantwini. Akasekho umuntu othanda ukulalela umuntu owazi yonke into. Bathathe kahle abantu ubabonge abakusizayo.
BONA ZULU – December 2005
