zulu.1930.yourworld_knowall
KWENZIWA YINI UKUTHI ABANTU BABE NOMBALA WEZINWELE OHLUKAHLUKENE?
John Mokebe, Port Elizabeth
Sizophinda sichaze nge-melanin, John. I-melanin inika isikhumba nezinwele umbala. Uma umuntu ene-melanin eningi, izinwele ziba nsundu kakhulu. Abantu abadala banezinwele ezi-grey ngoba uma uguga, umzimba ukhiqiza i-melanin encane, kuphele umbala wemvelo ezinweleni.
YISIPHi ISIBONGO NEGAMA ELANDILE EMHLABENI?
Avril Singana, Soweto
Avril, ngokweGuinness Book Of Records, isibongo esande kakhulu emhlabeni esamaShayina esithi "Zhang" (esipelwa sibe ngu "Chang") - bangaphezulu kuka-100 million abantu abanaleso sibongo esineminyaka engaphezulu kwenkulungwane. Leli gama lalichaza "umuntu owenza ama-bows" isikhali esikhipha imicibisholo.
Igama elande kakhulu elithi Mohammad (lipelwa kanje e-Iran, Afghanistan nasePakistan), noma kuthiwe Mohammed (lipelwa kanjalo eNorth Africa), Mohamed noma Mehmet. Kuthiwa bangu-15 million abantu abanaleli gama emhlabeni.
IMIBUZO YAKHO
KWENZIWA YINI UKUTHI IZINDAWO EZEHLUKAHLUKENE EMHLABENI ZIBE NEZIKHATHI EZEHLUKAHLUKENE?
George Makhanya, Queenstown
George, thatha ibhola le-tennis ulibambe ulibhekise ekukhanyeni. Uhlangothi olungabhekile ekukhanyeni luba mnyama. Ukukhanya kumele ilanga ibhola le-tennis limele uMhlaba. Njengoba ilanga lilinye, engxenyeni eyodwa yoMhlaba kuzoba phakathi nemini kwenye ingxenye kube phakathi kobusuku.
Njengoba kwakungeke kulunge uma kwenye indawo emini kuphakathi kobusuku kwenye kusebusuku, kwavela isu lama-time zones ajikeleza nelanga, okusho ukuthi emini, phakathi kobusuku, ngo-9pm, nokunye, kucishe kufane noma kuphi lapho uya khona - u-9pm uyohlala usebusuku.
Ngamanye amazwi ama-time zone enziwa umuntu ukuze kube lula ukuhamba nokuxhumana.
Ngabe kukhona into oke uzibuze ukuthi yenzeka kanjani, kuphi noma nini? Nakhu lapho uzothola khona izimpendulo ngemibuzo ekuqwashisa nasebusuku ulele
KUDALWA YINI UKUTHI IZINGANE ZIZALWE ZINGENAMAZINYO?
Kabela K, Gingindlovu
Uma izingane zizalwa Kabelo zidinga ubisi. Ukudla okuqinile zikudla ngokuhamba kwesikhathi. Amazinyo akadingeki obisini ngoba aluhlafunwa. Okusempeleni amazinyo angaziphazamisa ngoba kungadingeka ukuba zilumunce ubisi. Futhi nomama ngeke aphatheke kahle uma encelisa ingane enamazinyo.
BUZA KITHINA Ngabe unombuzo kaMiss Know-all? Bhalela ekhelini elithi Miss Know-all, Box 32083, Mobeni, 4060.
