zulu.1928.hiv
UBONGI wangenwa yiHIV eneminyaka engu-15, cishe eminyakeni emine eyedlule. "Ngangazi ngeHIV, kodwa ngenxa yothando, ngangesaba ukutshela isoka lami ukuthi sisebenzise ikhondomu ngoba ngibona ukuthi lizocasuka lingishiye phansi," kusho yena. UBongi wathola ukuthi u-HIV-positive ngesikhathi ingane yakhe igula. Lokhu kwaholela ekutheni bobabili bayohlolelwa iHIV kwatholakala ukuthi banayo.
Ngaphandle kolwazi nge-HIV/AIDS, into ekhathaza kakhulu wukuthi abantu abasha bayathanda ukuthatha amashansi," kusho ongumsebenzi we-AIDS. "Ngenxa yalokhu, uhhafu wabaphathwa yi-AIDS yinto eyenzeka kubantu abasha (ikakhulu abesimame) beminyaka engu-15 kuya kwengu-24.
"Iningi labantu abasha aba-HIV-positive alinalwazi lokuthi linalo leli gciwane."
Kungani abantu abasha besengcupheni"
Izizathu ziningi. Iningi labantu abasha, limandla ngakwezocansi, ngesikhathi liqala ukungena esigabeni sokukhula, kube nzima ukwenqaba ngoba ngesinye isikhathi ukuya ocansini kubandakanya ukuhlukumeza, indluzula noma imali nokubhekelana ngezinye izidingo.
Abantu abasha abazishayi mkhuba izexwayiso ngalesi sifo ngoba bekholwa wukuthi abekho engozini, baluthwe ozakwabo.
Kokunye futhi, iningi labantu abasha, likuthola kunzima ukukhumbula ukusebenzisa amakhondomu njalo nokuwafaka ngendlela. I-HIV ayibhebhetheki kalula. Ukuze uyithole, kudingeka ukuba igazi elinayo noma uketshezi lwezocansi lomuntu onayo, kungene emzimbeni wakho.
Njengoba iningi labantu abasha abaHIV ibangena ngokuya ocansini, indlela yokuhlale uphephile, wukuba ungayi nhlobo ocansini - ukuya ocansini noma ingayiphi indlela, noma ukuba sothandweni olwethembekile uma nobabili ningakabi naleli gciwane.
Uma ukuziphatha kwakho ngokocansi kukubeka engcupheni yokuthola izifo zocansi, ukusetshenziswa ngokuyikho kwekhondomu yabesilisa nabesimame, kungakwehlisa lokhu. Ukungawasebenzisi njalo nangendlela okungesiyo, kungaholela ezifweni ezithathelana ngokocansi ngoba lokhu kwenzeka ngisho uye kanye ocansini.
Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ukuba HIV-positive, akusho ukuthi amasosha akho omzimba ngeke asalwa naleli gciwane, ngakhoke qhubeka uzivikele.
Uma ucabanga ukuthi kungenzeka uthole i-HIV ngokuhlukunyezwa ngokocansi, ngokuphuma noma ngokuqhuma kwekhondomu, hamba uyohlolwa uthole neseluleko sokuthi kufanele yini uqale usebenzise ama-drugs ayinqandayo (nokungehlisa amathuba okungenwa yileli gciwane).
Gwema ukubhebhetheka kwayo
Ukubhebhetheka kweHIV kuvikeleka kalula. Uma u-HIV-positive, kubalulekile ukwazi ukuthi leli gciwane ungalidlulisela kwabanye uma niya ocansini ningazivikele, ngisho ngabe uzizwa uphile kahle, noma usebenzisa imithi ye-HIV.
Ukusebenzisa amakhondomu kunganivikela ekubhebhethekiseni iHIV.
Abasha nokuba-HIV-positive
Ukuthola ukuthi uneHIV yinto eyesabisayo. Lokhu kuliqiniso ikakhulu uma usemusha, ngoba abantu abasha abasesigabeni sokukhula abaneHIV kufanele babhekane nengcindezi yokungavikeleki kanjalo nokwesaba ukuthi ontanga yabo bazokwazi.
Ukunakekela abantu abasha abaneHIV kuyinselelo ngoba bahlale benezinkinga zokusebenzisa imithi.
Abasebenzi abanika usizo lwezempilo bathi iningi labantu abasha kuthi lapho bethola ukuthi baHIV-positive, kubathathe izinyanga ukukwamukela lokhu ngaphambi kokuba basebenzise imithi yokwelapha. Baye bathembe ukuthi izoziphelela.
Hlale uphilile
Uma ungenwe yiHIV, izinto ezibalulekile ongazenza, ukuthola ukunakekelwa ngokwempilo nokuthola iseluleko nokwesekwa.
Funda wazi kabanzi ngalesi sifo. Ulwazi ungaluthola kudokotela wakho, umeluleki wakho noma ezikhungweni zikahulumeni nezomphakathi eziphathelene ne-AIDS.
Alikho ikhambi le-AIDS ngaphandle kwemishanguzo eliyidambisayo.
Udokotela nabanakekela ngokwempilo bayokuchazela okungcono ongakukhetha ukuze uhlale uphilile.
Uma u-HIV-positive kufanele uzinakekele nokuyinto engakusiza uhlale uphilile isikhathi eside ungaphathwa yi-AIDS.
n Yidla okunempilo - inyama, inhlanzi, amaqanda, amakinati, ipapa, amazambane, irayisi, isinkwa, izitshalo nezithelo.
n Uma uzizwa unokwesaba noma uphatheke kabi, xoxa nabanye abantu. Ungathuli nento ngoba uzoba ne-stress. Lala ngokwanele uphumule.
n Vikela amasosha akho omzimba. Gwema utshwala, ukubhema, abantu abanomkhuhlane nezinye izifo kubandakanya ezithathelana ngocansi.
n Thola iseluleko sezokwelapha nemithi. Landela imiyalelo kadokotela wakho. Qiniseka ukuthi uyazigcina izinsuku enenze isivumelwano sokubonana ngazo nodokotela wakho, uphuze imithi njengoba utsheliwe. Uma uphuza eminye yayo, lokhu kungakwenza ukuthi ukufa kweHIV kuqhubeke. Elapha noma yikuphi ukugula ngokushesha.
n Iya ocansini ngendlela ephephile. Ungenzi umzimba wakho ube ntekenteke ngokuzibeka engcupheni yokuthola ukufa okuningi okungeke kuzwele emishanguzweni yalesi sifo kubandakanya iHIV edlulele koya nabo ocansini. Uma ungazinakekeli, uzothola ukugula ngokushesha.[z]
BONA ZULU - December 2005
Ukulwa neHIV/
AIDS
sihlanganiselwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Alikho ikhambi le-AIDS, ngakhoke ukuzivikela yilona khambi
BONA ZULU - December 2005
Umtitilizo wamakhondomu eLifeStyles
ABENZI bamakhondomu eLifeStyles bathi abesimame mabazikhethele okubenza baphatheke kahle - ikakhulu ngakwezocansi. Kufanele baxoxe nophathini babo ngamakhondomu abawakhethayo.
Sekuyisikhathi sokuba sikwazi ukulawula izimpilo zethu zezocansi sizinakekele ngoba iHIV/AIDS ishaya kanzima abantu besimame.
UBONA unikezela ngezikhwama ezintathu ezigcwele amakhondomu eLifeStyles nemikhiqizo yezobuhle ebiza R1 000 iyinye. Okufanele ukwenze, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyo emini uyithumele kuleli kheli: BONA/LifeStyles Condoms Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060.
Usuku lokuvala ngumhlaka: December 30, 2005
Abantu abasha
