zulu.1924.freddie
Angakwenza konke
Khohlwa wukubukeka kahle kwakhe - noma umsebenzi wakhe wokukhangisa ngokwangaphansi kokugqoka. Yijubane lakhe nendlela aqedela ngayo amabhola esimakhele ugazi kubalandeli uFreddie Ljungberg
UFREDDIE LJUNGBERG walithatha iso lemenenja ye-Arsenal u-Arsène Wenger kangangoba waze wathatha isinqumo esingandile sokusayinisa lo mkdlali waseSweden odlala esiswini kodwa engakaze ammbone edlala bukhoma. Wambona kwiTV. Ngalobo busuku iSweden yehlula i-England, emva kwalokho uWegner akazange abe esadinga ukuba kubekhona afuna ukukubona.
Lowo kwakungu-1998 kanti no-Ljungberg washeshe wakukhombisa ukuthi wayeyifanele imali engu-£3 million ikilabhu eyamkhokhela yona.
Emdlalweni wakhe wokuqala edlalela i-Gunners, kwamthatha imizuzu emine nemizuzwana engu-42 ukuba ashaye igoli emva kokungena endaweni yomunye umdlali ngesikhathi bedlala neManchester United ngoSeptember wangalowo nyaka.
“Kusukela ngidlala umdlalo wokuqala kwi-Arsenal abalandeli bangemukela kahle kakhulu kangangoba ngiyakubonga ukungeseka kwabo. Uma bengimisa emgwaqweni, lokho kungukuhlonipheka okukhulu kimina,” kusho u-Ljungberg.
“UFredrik Ljungberg ngumdlali okwazi ukudlala noma kuphi enkundleni,” kusho omunye wabahlaziyi bezebhola.
“Noma ngubani oseke wayibona i-Arsenal idlala uziokufakazela ukuthi ijubane lakhe nokuqedela amabhola kwakhe yikho okuyingxenye yethalente lakhe.”
Empeleni uLjungberg kwi-Arsenal udlala ezimpondweni kanti kwiSweden udlala esiswini nokuyindawo ayithandayo.
LO mlisa okumanje nguye umdlali osedlale isikhathi eside kunabo bonke kwi-Arsenal wazalwa engu-Karl Fredrik Ljungberg ngo-April 16, 1977, eVittsjö, okuyidolobha elincane eningizimu yezwe laseSweden.
Umndeni wakhe wathuthela eHalmstad ogwini ngesikhathi u-Ljungberg eneminyaka emihlanu. Kulapho le nsizwa yaqala khona ukuba nothando emdlalweni webhola ngesikhathi ijoyina iHalmstad BK. Namanje usenazo izicathulo zebhola ayezifaka eseneminyaka emihlanu, njengesikhumbuzo.
U-Ljungberg waqala ukudlala kwi-first division neqembu i-Halmstad ngo-October 1994. Ngesizini eyalandela, wabe esengumdlali ojwayelekile esikimini esikhulu wabasiza bawina iSwedish Cup.
Emidlalweni engu-139 ayidlala washaya amagoli angu-16.
Ngo-1998 u-Ljungberg wabizelwa eqenjini lesizwe laseSweden kanti igoli lakhe lokuqala walishaya ngesikhathi bedlala neDenmark.
Ezinsukwini eziyisithupha emva kokudlalela izwe lakhe bedlala ne-England ngoSeptember 1998, wasayiniswa yi-Arsenal…
ESHAYE umbala obomvu ezinweleni - ekhangisa ngezingubo zangaphansi zeCalvin Klein – uFreddie washeshe wazakhela ugazi kubalandeli eHighbury.
Kodwa kwaba ngesizini ka-2001-2002 lapho azitholela indawo yakhe eqenjini lakhe.
Washaya igoli elibalulekile kwiFA Cup waphinde washaya amanye angu-12 kwiLigi ukusiza i-Arsenal iwine iFA Cup okwesibili neLigi kabili.
Ukulimala enyongeni kwmkhubaza kakhulu kwiWorld Cup 2002 wahlala izinyanga ezintathu elulama.
U-Ljungberg welulama wathokozela ukubuya kwakhe kwi-Arsenal ngokushaya igoli bedlala ne-Borussia Dortmund kwiChampions League.
Ngesizini ka-2003/04 wakhutshazwa wukulimala eqakaleni kwamenza wangakwazi ukudlala indima enkulu ekunqobeni kwe-Arsenal isicoco.
Washayela i-Arsenal amagoli ayishumi kubandakanya nelalibaluleke kakhulu bedlala ne-Lokomotiv Moscow kwiChampions League.
NGO-2005 wahlushwa yinyonga yakhe futhi. Odokotela baqale badideka bedidwa wukuvuvukala eduze kwenyonga bamhlola kaningi.
“Ngangesaba,” kusho u-Ljungberg ngesikhathi sixoxisana naye. “Ngahlolwa kodwa akekho owaziyo ukuthi yini eyayonakele kimina.”
“Sasicabanga ukuthi wukulimala okudala, kodwa abatholanga lutho olonakele.
“Emva kwalokho babona ukuthi izindlala enyongeni yizo ezazidala lokhu ngokuvuvukala, kodwa futhi bangazi ukuthi ukufa kudalwa yini.
“Kwadingeka ukuba ngiyohlolelwa umdlavuza nezinye izifo - kwakungadlalwa.”
Ekugcineni kwatholakala ukuthi wayephethwe wukufa okusezindlaleni okudalwa ama-tattoo amabili amakhulu ama-panthers avundle emhlane wakhe.
Lo mdlali wasesiswini washeshe wabuyela ekudlaleni, ngaleyo ndlela wasiza iSweden ukuba ingene kwiWorld Cup 2006 washaya amagoli amahlanu emidlalweni eyisishiyagalombili adlala kuyona.
EGermany itshe lagaya ngomunye umhlathi njengoba iSweden yasheshe yabuyela ekhaya ngokushaywa yiGermany emzuliswaneni wesibili.
U-Ljungberg washaya igoli lokuwina bedlala ne-Paraguay, nakuba lokho kwaba wukuwina kweSweden kuphela kulowo mqhudelwano.
Ngo-August 8, 2006, waqokwa njengokapteni weqembu lesizwe laseSweden ethatha izintambo ku-Olof Mellberg.
Umbala obomvu ezinweleni zakhe, awusekho. Namuhla le nsizwa engubude obungu-1,76m edlala esiswini iyazimisela uma idlala.
“Wenza konke,” kusho umqeqeshi weSweden u-Lars Largerback. [Z]
BONA ZULU – March 2007
KWESIKHULU: UFreddie edlalela iSweden – nokumanje usengukapteni wayo.
KWESOBUNXELE: Nakuba umbala obomvu ungasekho ezinweleni, kodwa uFreddie usazenza izimanga enkundleni.
Indoda egijima esiswini
BONA ZULU – March 2007
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
izithombe ngabeGETTY IMAGES/GALLO IMAGES
