zulu.1917.vox
4 BONA September 2008
Uvo Lwakho
Q Ngabe iBafana izobe isiwulindele u-2010?
CHA. “Abadlali bethu abanakho ukuzinikela - into ephambili yimali. Batotoswa kwakhulu! banezinsiza eziphambili ezwenikazi lonke kodwa imiphumela ayibonwa!”
Monica Mahlangu, onguthisha
CHA. “Bayehluleka ukwakha iqembu esingalethemba. I-SAFA kufanele izinuke yona amakhwapha. Konke lokhu kuyiphutha layo ngokungazihleli izinto ngesikhathi.”
Lesego Mongale, wesikhungo sezingcingo
YEBO. “Indlela abadlala ngayo manje ingcono kunasezinyangeni ezedlule. Ngicabanga ukuthi bazoqhubeka badlale kangcono kufike iWorld Cup sebeyilindele.”
Irene Moeng, ongaqashiwe
YEBO. “Ibhola labo selingcono kakhulu. Ngicabanga ukuthi bazobe sebewulungele u-2010. Masimnike ithuba uSantana. Sengathi uyayazi into ayenzayo.”
Mandlenkosi Khumalo, ozisebenzayo
BONA ZULU September 2008
YEBO. “Sisekhona isikhathi sokuzilungiselela. Badinga ukudlala njengeqembu - nokuyinto engabonwa njengamanje Umqeqeshi ongowakuleli angabenzela lukhulu.”
Stanford Mokokota, ongunogada
NO. “I-SAFA ayenzi kahle. Ayithole umqeqeshi wakuleli - umuntu ozinikele ezweni lakhe. Ngicabanga ukuthi abadlali abazinikele ngokwanele ekudlaleleni iqembu lesizwe.”
Sizwe Nkosi, switch engineer
CHA. “Indlela abehlulwa ngayo ichaza ngokusobala ukuthi bayobe bengakakulindeli. Thina sidinga abadlali abazinikele abakwazi ukubambisana eqenjini.”
Vele Kwinda, ongumfundi
YEBO. “Bazobe sebekulungele. Umqeqeshi wabo uyethembisa impela futhi uzinikele. Asimnike ithuba, mhlawumbe bangasimangaza sonke.”
Peter Sibanda, unogada [z]
