zulu.1109.buffon
Unozinti ophuma phambili emhlabeni uphawula ngokudlala ngokubambisana, ukudayiswa kwemidlalo, ukudlala kwakhe kwiJuventus kuSerie B, ukuwina iNdebe yoMhlaba nangenkulumo-mpikiswano ekhona emdlalweni webhola…
indaba ngu-ISAAC KWELA
Izandla zakhe ziphephile
ONOZINTI abafani nabadlali abadlala phakathi. Bagqoka ijezi elinombala ongafani nowejezi leqembu abalidlalelayo. Bama bodwa emapalini bavimbe ibhola.
Uma iqembu lishayiwe, akufanele kusolwe unozinti ngalokho. Abadlali basemumva abasuke bengamsizanga ngokwanele okufanele basolwe, nabadlali baphambili abasuke bengazamanga ukubamba ibhola kahle kanti kukhona nezinye izinto ezenza ukuba kungabi unozinti kuphela okumele asolwe ngokuhlulwa kweqembu.
Kodwa kuvame ukuba kube yindlela unozinti adlala ngayo ekhomba ukuthi iqembu lizonqoba yini noma ligcine selidlala ehlathini.
Ngabe lokho kufakazela amazwi kaMichel Platini onguMongameli we-UEFA owathi ukuze iqembu liphumelele kufanele libe nonozinti owavimba kahle amabhola, umgadli ongamethemba nabadlali abayisishiyagalolunye abasezingeni eliphezulu eqenjini.
U-Gianluigi Buffon uyakuphika lokho. Uthi umgadli nonozinti babalulekile, “uma kuvela ithuba lokufaka igoli, amehlo ezihlwele ahlala kumgadli nakunozinti.”
Lo nozinti oneminyaka engu-29 owawina iNdebe yoMhlaba ne-Italy nyakenye wabuye wathi, “ngokwazi kwami, abadlali abanganakekile abawinisa iqembu.”
Wenza isibonelo ngokwenzeka eGermany ngo-2006, lapho amagoli e-Italy angu-13 afakwa abadlali abangu-10 abahlukahlukene.
“Iqembu lonke ladlala ngokuzimisela, alizange libheke ukusizwa abadlali abathile.
“Kumnandi ukuwina nibambisene njengabadlali,” kuqhuba yena. “Ukubambisana kweqembu kuyimfihlo yempumelelo yalo.”
U-Buffon wazi kangcono ngoba uzalelwe emndenini wabadlali…
I-Juventus
Umama wakhe uMaria wayephonsa i-discus, ubaba wakhe u-Adriano equbula izinsimbi, umalume wakhe u-Angelo edlala i-basketball, odadewabo ababili oVeronica noGuendalina bedlala i-volleyball. Bonke bake bamela elase-Italy.
U-Gianluigi ubuye abe yisihlobo sengqalabutho kanozinti onguLorenzo Buffon.
Ngo-1995, uBuffon wayeneminyaka engu-17 ngesikhathi esayiniswa yiParma AC wadlala okokuqala kwiSerie A bebhekene ne-AC Milan.
I-Parma yawina i-UEFA Cup ngo-1999 uBuffon esemapalini.
Baningi ababembhekile nokwathi ngo-2001 iJuventus FC yamsayinisa ngo-R450 million.
Ngo-2003, uBuffon wathola umklomelo we-UEFA Most Valuable Player noweBest Goalkeeper, ngoMarch 2004 uPele wambala kubadlali bebhola abangu-125 abaphuma phambili.
Ihlazo
U-Buffon wayeneminyaka engu-19 ngesikhathi edlala okokuqala eqenjini lesizwe lase-Italy bedlala neRussia enkundleni yaseMoscow kwiFIFA World Cup ka-1998.
Elase-Italy lalithembele kuyena kwiWorld Cup ka-2002.
Akazange angenelwe amagoli emidlalweni eyisikhombisa ngesikhathi kudlalelwa leyo ndebe kanti ingu-453 imizuzu ayidlala engangenelwa amagoli kwiWorld Cup ka-2006.
Kwabe sekungokwesibili kuqopheka umlando kule midlalo njengoba uWalter Zenga naye owayengunozinti we-Italy avimba imizuzu engu-517 ngaphandle kokungenelwa amagoli kweye-Italia 90.
U-Buffon wacishe wangaya ukuyodlala eGermany.
NgoMay kulowo nyaka, yena nabanye abadlali babekwa icala lokugembula ngokungemthetho emidlalweni yeSerie A nokuyinto eyenzeka ngesikhathi kusenehlazo lokugwazelwa kwemidlalo kwelase-Italy.
Ngesikhathi eseneminyaka engu-22 edlalela iParma, wabekwa ngephutha icala lokuthi wathi uphase ibanga leshumi ngamalengiso (matric exemption) ngesikhathi ebhalisela ukufunda enyuvesi yaseRome.
Okwabuye kwamdonsela amehlo wukukhetha kwakhe ukugqoka ijezi elingunombolo-88.
“Unombolo 88 usetshenziswa abe-neo Nazi uma beqonde ukuthi ‘Heil Hitler,’” kusho uVittorio Pavoncello oyisiphathimandla sezemidlalo esimele umphakathi wamaJuda. Wathi uhlamvu luka “H” wuhlamvu lwesishiyagalombili ezinhlamvini zamagama.
Wadalula nokuthi uBuffon wake wabonakala egqoke ishethi elalibhalwe ukuthi “Boia chi molla” (“Mawafe amagwala”), isiqubulo esasisetshenziswa amaqembu ezepolitiki ngesikhathi kusabusa uMussolini.
“Sifuna asitshele ukuthi wayikhethelani le nombolo, ayishintshe njengophawu lokuhlonipha labo bantu engabaphathi kahle,” kusho uPavoncello.
U-Buffon wagcina ekhethe ukugqoka ijezi unombolo 77.
“Ukuziphatha kwami ngaleyo ndlela kwakuhambisana nengcindezi engangikuyona ngaleso sikhathi. Kujwayelekile ukuthi umuntu omusha enze izinto engacabanganga kabanzi ngazo,” kuchaza uBuffon.
Ukudlala ehlathini
Phezu kwamaphutha akhe, uBuffon waqhubeka waba yintandokazi kwelase-Italy kanti nabantu bakhululeka ngesikhathi efakwa eqenjini elalizodlala eGermany ngo-2006. Kodwa izinkinga zazingakapheli.
Ngo-July 2006, iJuventus yehliselwa kwiSerie B ngenxa yehlazo lokudayisa umdlalo. Izihlabani zabadlali abanjengoBuffon no-Alessandro Del Piero zazithola sezidlala namaqembu amancane ezinkundleni zemidlalo ezazingekho esimweni esigculisayo.
Emdlalweni wokuqala iJuventus eyawudlala kwiSerie B yadlala i-draw ka-1-1 idlala isingu-10. Amaphephandaba ayekuthokozela ukubona umkhumbi weJuventus ucwila aze aphisana ngama-T-shirt ayehlekisa ngayo ayebhalwe ukuthi “I was there” (Ngangikhona).
Abanye abadlali balishiya leli qembu kodwa uBuffon waqhubeka wathembeka kulona.
Emva komdlalo wabo neRimini, kwamkhanyela ukuthi kufanele azame ukukhuphula amasokisi ngoba wayebona ukuthi amaqembu adlala kwiSerie B azodlalela ukufa nokuphila uma ebhekene neJuventus.
I-Juventus yabuyela ngokushesha kwiSerie A, kanti ngo-April 2007 uBuffon wasayina ikontileka yokudlalela leli qembu kuze kube ngu-2012.
Ukudlalela izwe
U-Buffon nengoduso yakhe u-Alena Seredova waseCzechoslovakia bafaniswa nabashadikazi bakwaBeckham ngoba bayizintandokazi kwabezindaba e-Italy. Ngabe uthini ngalokho?
“Kusho ukuthi siyisibonelo esihle kwabezindaba njengoba bethanda ukubhala ngezemidlalo nathi,” kusho yena..
Izindaba ezingemnandi ezithinta izwe neqembu azizwakali eSouth Africa kuphela kodwa ziyezwakala nase-Italy njengoba abadlali abasemqoka abanjengo-Alessandro Nesta no-Francesco Totti bengafuni ukudlalela iqembu lesizwe.
“Banazo izizathu zabo kanti kufanele sihloniphe izinqumo zabo. Bayogcina bebuyile kodwa okwamanje kukhona okusababambile. Asikhumbule ukuthi impilo nomndeni yizinto ezisemqoka. Okwamanje mina ngeke ngikwazi ukungalidlaleli iqembu lami,” kusho uBuffon.” [z]
U-Gianluigi Buffon
u
t
Kumnandi ukuwina
Unozinti wokuqala owadlala efake ama-gloves ngu-Amadeo Raúl Carrizo wase-Argentina owayedume ngelika “Tarzan.”
Wazalwa ngo-1926 wadlala okokuqala kwi-Argentine First Division ngo-1945 edlalela iRiver Plate.
Wayeyisethenjwa eqenjini lase-Argentina enza ezibukwayo ikakhulu uma bedlala neBrazil.
Zikhona izinsuku ezazibuye zingabi zinhle kuCarrizo njenganamhla i-Argentina ishaywa yiCzechoslovakia ngo-6-1 kwiFIFA World Cup ka-1958. Ukuhlulwa kwabo kwenza ukuba ayeke ukudlalela iqembu lesizwe.
Ngo-1968, uCarrizo wayeseqophe umlando kabili: wadlala kwi-Argentine First Division imidlalo engu (513), wadlala imidlalo ilandelana ngaphandle kokungenelwa amagoli (8).
Uthi ubuwazi?
