zulu.1911.zuma
'Uhulumeni ungenza lukhulu!'
Sixoxisane noJacob Zuma ngezinkomo, amakhosikazi, ubandlululo - nekusasa leSouth Africa
UJACOB ZUMA uyakuthanda ukufuya. Wakhulela emakhaya eNkandla KwaZulu Natal nokuyilapho azalelwa khona. Wayelusa izinkomo zikayise wafunda nokushaya induku. Isibalo sezinkomo zakhe sakhula saye safinyelela ku-100 kodwa zabuye zabhuqwa yisomiso.
"Leso somiso sangicekela phansi ngoba ngagcina senginezingu-30. Ngifuna ukuthenga ezinye ngoba ngiyalithanda iphunga lazo ngisho nelobulongwe imbala," kusho yena etshela abakwaBONA.
"Uma ngifika eNkandla, ngiye ngithi: nakhu engikudingayo!"
Maduze nje abe-KZN Taxi Owners Association kubikwa ukuthi bathengela uZuma ezinye izinkomo. Kwezwakala sengathi bamnika ezingu-18, kodwa yena uyayiphikisa le mibiko.
"Bangithengela ezingu-8 base bengihlabela ezine," kusho uMsholozi.
Baningi abakholwa wukuthi izindawo zasemakhaya kwezinye izingxenye zeKZN nezase-Eastern Cape azibhekelelwe kakhulu ngaphansi kombuso kaThabo Mbeki.
Njengamanje abantu bakulezo zindawo babeke amathemba abo kuZuma ukuba azithuthukise nokuyinto naye ayigcizelele ukuthi izokuba phambili ezinhlelweni zakhe uma engase abe ngumongameli wezwe.
Intuthuko
"Emasontweni amabili edlule ngangizihlalele khona emakhaya sikhuluma ngayo le ndaba," kusho yena.
"Abantu abasalimi. Kufanele sivuselele izinhlelo zokuphila ezindaweni zasemaphandleni.
"Kuningi esingakwenza enhlabathini ngenhloso yokuba sikhiqize okutshaliwe. Kungakhoke kufanele sikhuthaze abantu ukuba batshale. Abaningi bazimisele ngokuqala ukutshala ngoba indlala yokungasebenzi iyabaphoqa ukuziphilisa ngomhlabathi.
"Ngikholwa wukuthi uhulumeni kuningi ongakwenza. Ukuthuthukisa lezi zindawo kubaluleke kakhulu ekulwiseni ukungaqashwa. Abantu bathutheleka emadolobheni kwakheke nemijondolo eminingi. Kufanele sithole izindlela zokubhekana nalezi zinkinga," kusho uZuma.
UZuma usezakhele igama njengomxazululi ezindaweni ezinengxabano njengeyaseBurundi neyaseKZN.
Uphezu kwezinhlelo zokuxazulula ukungqubuzana kwezinhlanga ezahlukene ezindaweni zasemaphandleni uma kwenzeka eba ngumongameli wezwe.
"Asizange siyixazulule le nkinga kusukela ekuqaleni - ngoba sasithemba ukuthi izosombululeka ngokwayo," kusho yena.
"Sinabantu abahlala emapulazini, abasebenza khona kanjalo nabanini bamapulazi abangakaziniki isikhathi sokuba bayixazulule le nkinga."
"Umuntu ohlala epulazini uzitshela ukuthi njengoba esekhululekile, isimo sakhe sizoshintsha," kusho yena. Kodwa ngeshwa isimo somnotho sikhomba ukuthi lokho ngeke kwenzeke ngokushesha.
"Kufanele lungenelelwe lolu daba kutholakale nezindlela zokubhekana nalo ngempumelelo.
"Kufanele sazi ukuthi singabhekana kanjani nalokhu ngokomqondo. Sidinga isivumelwano esizosiza abaholi bezinhlangothi zombili bazi ukuthi bazobhekana kanjani nalolu daba."
Kodwa ukholwa wukuthi izigameko zakamumva zokucwasana ngokwebala njengesase-Free State University esaqoshwa kwi-video yinto engamukelekile nakancane.
Impumelelo
"Inkinga wukuthi izindaba ezinhle zempumelelo azibhalwa," kusho yena.
"Sengihlangane nabantu abaningi bezinhlanga ezahlukene abazimisele ngokusebenzisana. Uma ubheka lapho siphuma khona, sesenze enkulu inqubekela phambili."
Uma siza ngasodabeni lwaseZimbabwe, uZuma angajabula ukuba abantu bakulelo lizwe bazitholele isixazululo sezinkinga zabo.
"Asikho isixazululo sangaphandle esingatholakala. Senze konke okusemandleni ethu ukuphuma nekhambi, ngaphezu kwabo bonke abantu - ekubeni abanye babelokhu begxeka. Thina sahlala phansi nezinhlangothi zombili saxoxisana. Kumanje sebeqalile ukuthola isisombululo."
Simbuza ngobuqiniso bokuthi usazoshada amakhosikazi amabili, uvele wahleka. "Abezindaba bahlale bengishadisa. Ngeke ungibuze imibuzo enjalo."
Ngabe usazowucula Umshini Wami uma uba ngumongameli waseSA"
"Nomakanjani - ngizogcina neCD yami kaDe la Rey futhi!"[z]
INDABA STEPHAN HOFSTATTER
BONAOKUKHETHEKILE
u
t
UZuma evakashele eNkandla lapho akhula khona.
OKUSHIWO ABANTU
Uma uJacob Zuma eba ngumongameli wezwe, ngabe kungakuhle ukuba abe namakhosikazi amaningi kangaka"
CHA. Indoda kufanele ibe nonkosikazi oyedwa. Akulula ukwethemba indoda enamakhosikazi amaningi.
YEBO. Isiko liyamvumela ukuba akwenze lokho. Ngeke ashintshe isiko lakhe ngokuthanda kwabantu. Uma ekholelwa emasikweni, kufanele ayekwe akwenze lokho ngisho ngabe ungumongameli wezwe.
CHA. Umongameli onjani onamakhosikazi amaningi" Esikhathini sanamuhla amakhosikazi angaphezu koyedwa angumthwalo emphakathini nakwezezimali.
CHA. Ukhuthaza isithembu ngokuba namakhosikazi amaningi. Umongameli wezwe kufanele abe yisibonelo esihle - ikakhulu ngalesi sikhathi sesifo se-HIV/AIDS.
YEBO. I-African Renaissance isikhumbuza ngokubaluleka kwamasiko akwelase-Africa. Izingane ezakhulela esithenjini zinenhlonipho kanti zikhuliswe kahle nokuzenza zibe ngabantu abadala abanezibopho ezinhle.
