zulu.190.beauty
Kukhona ongakwenza ukuze usheshe ulunge uma unohambo uthola ukuthi isikhathi sesidliwe yinja!
BONA ZULU - October 2007
Lunga ngokushesha
nguCHRISTINE HAMMANN izithombe nguCHRIS LAURENZ
umkhangisi nguGUGU ophuma kwa-ICE i-make-up nezinwele nguCATHERINE VEER
UMA ushiywa yisikhathi ekubeni kufanele ukuba ulungele ukuya emhlanganweni, ukufaka i-mascara, i-eyeliner, noma i-nail polish kungaba ngumsebenzi onzima. Ongakwenza wukuba ugweme izitaputapu ezingakungcolisa ukhethe okufakeka kalula nokungadingi ukufakwa ngokucophelela.
Izinwele
Uma ungenasikhathi sokulungisa izinwele kungcono wenze isitayela esingahluphi esingeke sidle isikhathi esiningi.
I-make-up
Okubalulekile nge-make-up uma usujahile ungenasikhathi, wukufaka leyo engeke ikuchithele isikhathi ugweme nenombala ogqamile. Sebenzisa i-lip gloss enombala esikhundleni se-lipstick ngoba yona ungayisula ngeminwe kalula uma ungayifakanga kahle. (KwaYardley banochunge lwezobuhle olusha...)
Izinzipho
Izinzipho ezingafakwe lutho ezihlanzekile zingcono kunezifakwe upholishi eziphukile. Sebenzisa i-nail polish remover ususe upholishi oxebukayo uqondise izinzipho zakho kahle nge-emery board. Faka upholishi ongenambala ngaphezulu uma unesikhathi.
Okuthatha imizuzu emibili
Utatazela kakhulu uma ubona ukuthi useliwe. Kodwa kukhona ongakwenza okungathatha isikhathi esincane kabi! Hlela kahle: yeka ojwayele ukukwenza njalo ekuseni wenze okungeke kuthathe isikhathi eside.
Izinwele
Uma kudingeka ukuba uvuke ekuseni ukame izinwele zakho, gcoba i-gel ene-silicone ezinweleni noma ushuqule ngesikhafu noma ufake isigqoko ungakaphumi endlini.
I-make-up
Geza ubuso ufake isiswakamisi. (Ungakhohlwa wukuxubha amazinyo!) I-lipstick ingagqamisa ubuso bakho.
Izinzipho
Qiniseka ukuthi izinzipho zakho zihlanzekile zanqunywa kahle. Ungakhohlwa wukususa isikhumba esixebukayo esingakudonsela amehlo abantu. Ungahlukani nokhilimu wokugcoba izandla uma uhamba.
Okokugcina...
Qiniseka ukuthi uphethe konke ozokudinga - okhiye, imali, i-cellphone, iduku, ipeni namaphepha ozowasebenzisa emhlanganweni, kanye nenombolo yomuntu ongamshayela uma kwenzeka ubambezeleka endleleni.
Usungaphuma ubhekane nomhlaba! [z]
