zulu.1908.yourlifeguide_positive
DLELA UKUPHILA
U-Criselda Kananda usisiza ekutheni siqonde kabanzi ngeHIV/AIDS futhi usikhombisa ukuthi singaphila kanjani!
ISISHO sakudala sithi ukuvikela kungcono kunokwelapha. Ukudla okunazo zonke izakhamzimba kungasiza ekulweni nezifo ezingakuhlasela uma uneHIV.
Kule nyanga ngizothanda ukuba sigxile ekutheni ukudla kungalehlisa kanjani izinga lokufa emphakathini wethu kanti ngenyanga ezayo ngizogxila ekukunikeni ulwazi ngokuthi ama-ARV asiza kanjani ekudambiseni iHIV.
Njengoba imoto ingeke ihambe ngaphandle kuka-petrol, imizimba yethu nayo ayikwazi ukulwa nezifo uma singadli. Imizimba yethu idinga izakhamzimba ezithile ezinjengamaphrotheni, amavithamini nama-carbohydrates ukuze ihlale iphilile.
Ukudla kungumthombo wazo zonke lezi zakhamzimba kanti kumqoka ukuthi umzimba wakho ube nazo ngokwanele ukuze amasosha omzimba aqine kahle, wona asiza umzimba ukuze ulwe nezifo.
Ukudla akugcini ngokusinika amandla aqinisa imizimba yethu nje kuphela kodwa kumqoka ekugcineni isisindo semizimba yethu sikahle ikakhulu uma uneHIV.
Ukudla okungayilungele imizimba yethu njengokudla okunamafutha angemahle nokunoshukela ongadingeki, okungenayo imifino nezithelo akuwasizi ngalutho amasosha omzimba.
Ukudla okulungele imizimba yethu kumele kube: namafutha amancane; ama-carbohydrates asesinkweni, erayisini nasemazambaneni; izithelo nemifino; kanye nokudla okunamaphrotheni okunjengenyama, inhlanzi, amaqanda, imikhiqizo yase-dairy namantongomane.
Isemqoka indlela opheka ubuye ulungise ngayo ukudla ngoba umsoco ungalahleka uma ukubilisa noma ukuthosa weqise.
Isibonelo, imifino akufanele iphekwe ize ishintshe umbala, yidle isaklamuzela isenomsoco.
Yidla okungenani kathathu ngosuku uphuze amanzi amaningi nokunye okuluketshezi okunjengejusi efreshi ekhanywe ezithelweni.
Ukuze ukhuphule izinga lokuphakeleka kwama-minerals namavithamini, ungasebenzisa amaphilisi angama-multivitamins nama-mineral. La maphilisi angaba nama-minerals namavithamini anjengo-Vitamin C no-E, omega 3 fatty-acids, vitamin B nama-anti-oxidants. La maphilisi akufanele athathe indawo yeminye imithi oyinikwa ngudokotela (enjengama-ARVs) kanti waphuze ngegunya likadokotela.
Uma kukhona isifo esikuphethe noma unesifo esiyingozi ekubeni uneHIV, kungadingeka ukuba ushintshe okudlayo ukuze kuhambisane nezidingo zakho.
Isibonelo, uma unohudo kunganconywa ukuba ungayidli imikhiqizo yase-dairy ngoba ingenza uhudo lube mandla kakhulu. Kumqoka ukubuza kudokotela noma kuchwepheshe wokudla ukuthi yikuphi ukudla ongakudla.
Ngokwami, kuhle ukuqala ngokudla izithelo nemifino. Kungenzeka ucabange ukuthi ngenza kuzwakale kulula ukulawula iHIV nezinye izifo kodwa kuyasiza ukwazi ukuthi ungaqala ngani!
Kuthiwa ngokuqala ngokudla imikhiqizo yemvelo (njengezithelo nemifino efreshi) amandla okwelapha angaphakathi athola akudingayo ukuze umzimba usebenze ngokuphelele.
Angiphethe ngokucaphuna amanye amazwi obuhlakani: "Impilo iyisibusiso esikhulu emuntwini." Asinakekele impilo yethu ngokudlela ukuphila singaphileli ukudla. [z]
I-CD KA-CRISELDA
UCriselda Kananda ngumama oyisishoshovu ngokwezempilo nongumethuli wohlelo kwiMetro-FM onothando lokuletha ithemba kulabo asebe-HIV-positive ngokucobelelana nathi ngasedlule kukona yena uqobo.
KwiCD yakhe iPositive Talk ukhuluma ngokubaluleka kokwazi isimo sempilo yakho, achaze amatemu ezokwelapha aqondene ne-HIV/AIDS asibonise nezindlela zokubhekana nalesi simo. Kule CD kunengoma iBeautiful Woman ekhuthaza ituse ubuhle bangaphakathi.
Le CD iyatholakala ezitolo zakwaReliable ezweni lonkana.
Ngolunye ulwazi xhumana noCriselda: info@positivetalk.co.za; i-fax: 086-617-5480; Website: positivetalkservices.co.za.
IMITHETHO YOKUPHEPHA KOKUDLA
Yidla ukudla okungenawo amagciwane. Izifo ezitholakala ekudleni singazigwema kanje:
Geza izithelo nemifino ngamanzi ahlanzekile ngaphambi kokuzidla.
Qiniseka ukuthi izandla zihlanzekile ngaphambi kokuthinta ukudla.
Gwema ukudla inyama engavuthiwe noma engaphekiwe, amaqanda abiliswe esekhishwe emagobolondweni noma amasaladi ane-salad dressing enamaqanda angavuthiwe.
Bheka usuku lokuphelelwa yisikhathi kuyo yonke imikhiqizo yokudla ungakakudli.
Qiniseka ukuthi ukudla kubekwe kahle ukuze amagciwane angaphindaphindeki.
PHILA NGETHEMBA
