zulu.1901.bec events
Amathuba ezamabhizinisi kwezolimo noma ekuziphiliseni ngokudla
Nini: March 1, 2008
Kuphi: Protea Hotel The Ranch, R101 phakathi kwaseMokopane nasePolokwane
Isikhathi: Fikani ngo-9.30am ukuze siqale ngo-10am
Imali: R50 umuntu kukhokhwa emnyango
(Ilantshi, itiye, ikhofi kubaliwe.)
Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar
UKUZE UBHUKE:
Shayela uPuleng ucingo kule nombolo: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi
(8.30am-5pm phakathi nesonto)
Uhlelo
l Oyonandisa nguMUSA
l FORCE KHASHANE – uMhleli OMkhulu kaBONA
l PHILEMON TALANE –
Nkuzi Development Association
l MAGEU NUMBER 1
BUSINESS START-UP AWARDS 2007
l IMISHADO YE-ARANDA
l IDINA NOKUXHUMANA NABANTU
I-BAKE & COOK FOR PROFIT
I-WORKSHOP yokuphekela imishado nemingcwabo
Abe-Sasko Flour bafuna umbhaki obedlula bonke kuleli
I-SASKO Flour ingabanye babaxhasi abakhulu bama-workshop ka-2008 eBONA Bake & Cook for Profit.
Njengoba kungu-2008, bazobe bekukhombisa ukuthi ibhizinisi lokudla lingakungenisela kanjani imali…
Ukusiza ekukhuthazeni abafundi bakaBONA baphumelele, iSasko Flour isiyethule umkhankaso wokufuna ababhaki abanempumelelo ukwedlula eyabanye kuleli. Uma ucabanga ukuthi unalo ikhono, sithumelele umlando omncane ngebhizinisi lakho lokubhaka usichazele ngomsebenzi owenzayo nokuthi sekunesikhathi esingakanani uwenza, usitshele ngamakhasimende akho nangempumelelo osuyizuzile usebenzisa iSasko Flour ekubhakeni.
Ungaba nenhlanhla indaba yakho iqokwe ngaphansi kwezi “Ndaba zeMpumelelo” zazinyanga zonke uzibeke ethubeni lokuthola izinto ezimangalisayo ozozisebenzisa ekuqhubeni ibhizinisi lakho.
Thumela imininingwane yakho namuhla kuleli kheli: BONA/Sasko Flour Top Baker Competition, Box 3858, Rivonia, 2028. Abayofinyelela kumafayineli kuyoxhunywana nabo kwenzeke mhlawumbe bamenyelwe ukuhambela umcimbi kaBONA njengezimenywa eziqavile.
NgeSasko Flour kulula kakhulu ukwenza okubhakayo kunambitheke kamnandi!
Zibandakanye neMageu Number 1
INDAWO yasePolokwane inika impumelelo enkulu kulabo abazibandakanye ebhizinisini lokuziphilisa ngokudla njengoba kwenzekile kunengqungquthela ye-ANC. Kukho konke lokhu, iMageu Number 1 wuyena phathini wakho ongamethemba. Lokhu kuzokwenza ukuba amakhasimende akho ayithakasele i-menu yakho.
IMageu Number 1 iphuzwa kakhulu lapho kuhlangene khona umphakathi njengasemingcwabeni, emishadweni nasezitokifeleni kanti namuhla isiyatholakala nasezingqungqutheleni kanjalo nasemihlanganweni ephezulu ukuze abantu bahlale bephaphame. I-Low GI Mageu Number 1 ayinawo amafutha, ayinakolo kanti ayinazo nezithako zasemadeleni nokuyinto ekhethwa abaningi abenza umsebenzi wokuziphilisa ngokudla.
Umcimbi weBONA Empowerment oyobanjelwa eProtea Hotel eThe Ranch ePolokwane kufanele noma yikanjani ungakuphutheli uma uzimisele ngebhizinisi.
Kulo mcimbi wasePolokwane, abeMageu Number 1 bayobe bethula i-2008 Business Start-up Awards. Le miklomelo ephambili ibandakanya imali engukheshi engu-R50 000. Ungangenela kuwo lo mcimbi noma uthumele nge-fax imininingwane yakho lapho utholakala khona kanye nomlando omfushane ngawe noma ushayele uPuleng ucingo kule nombolo: 011-883-8830. Owokuqala owine umklomelo ka-R2 000 wazinyanga zonke uyomenyezelwa ePolokwane.
Uhlelo losuku lubandankanya ukwethulwa kwezifundo zeBake & Cook for Profit nokuyilapho ungathola ulwazi lokuqala i-bed and breakfast noma i-guesthouse, ukungena emabhizinisini okuhlela imihlangano nokuthi ungawathola kanjani amathenda kahulumeni ekuphekeni nasemicimbini. IMageu Number 1 izophinde ikhombise amaresiphi alula.
ILimpopo isiyisizinda esidonsa abavakashi. Njengoba u-2010 ususemnyango, usungakwazi ukuzisungulela indawo edayisa ukudla kwesintu noma mhlawumbe yikuphi okudliwayo okungakwakhela imali. Phuza iMageu Number 1 iphuma efrijini ngekhathoni noma uyithake namakinati agayiwe nobhanana. Ungathakasela futhi iMageu Number 1 Banana noma ePlain uyithele engilazini. Woza neresiphi yakho yeMageu Number 1 emcimbini weBONA Empowerment ukuze uzibeke ethubeni lokuwina ihampa yeMageu Number 1.
BONA ZULU – March 2008
IBONA Empowerment Club izohambela ePolokwane ngomhlaka 1 March, 2008. I-workshop iyokuba ngoMgqibelo ihambisana nelantshi evuthayo, kwethulwe nezinkulumo ezakhayo zokuzibandakanya embonini yezolimo - nokuyimboni eqashe abantu abaningi eLimpopo - kutholakale nolwazi lokwakha imali ezitokifeleni.
Inhloso yeBONA Empowerment Club wukunika abafundi amathuluzi okuzisungulela amabhizinisi amancane noma bakwazi ukudlondlobalisa amabhizinisi abo ngokuxhumana nabanye. Kuzokuba khona izindodla zemiklomelo, imihlomulo namathuba okuqeqeshelwa izinhlelo zemisebenzi kulo nyaka ka-2008.
BONA ZULU – March 2008
Obhulankethi bemishado abayisipesheli bakwa-Aranda
EMISHADWENI, emingcwabeni nasezitokifeleni kulapho uthola khona obhulankethi bakwa-Aranda.
Uchunge lweBelfiore olubandakanya amaTouch Me’s, Double Suede’s, Finesse noma ama-Aranda Babies - ngezinye zezinto ongakhetha kuzona ngemibala ehlukene, amaphethini nosayizi. U-Aranda ukhiqiza obhulankethi abakhombisa ukubaluleka kwamasiko ehlukene. Ngakhoke uma uthengela ukulobola, umabo, umembeso noma yimuphi umcimbi womshado wesintu, kufanele ungabakhohlwa obhulankethi bakwa-Aranda.
U-Aranda ufakela obhulankethi bemicimbi yesintu nemishado emakhosini aseNingizimu ye-Africa, izindlovukazi kanjalo nakosaziwayo. Ayikho neyodwa iCEO eshadile, isihlabani sikamabonakude noma umculi, ubhulankethi wakhe ongenziwanga abakwa-Aranda.
Uma uphezu komqondo webhizinisi elizokwakhela imali, kungani ungaziqaleli ibhizinisi lokuthengisa obhulankethi bakwa-Aranda. Amalungu eBONA Empowerment Club angazithengela obhulankethi bakwa-Aranda babe baningi ngenani eliyisipesheli bese ebadayisa ngemali ethe xaxa.
Ukuze uthole kabanzi, shayela abakwa-Aranda ucingo eRandfontein ngezikhathi zomsebenzi kule nombolo: 011-693-3721.[z]
