zulu.18.DJ Fresh
U-Fresh ungumsakazi okhuthele
Udumo aluthola ngokusakaza luyigxathu lokuqala ezinhlelweni zikaThato Sikwane ezimayelana nomsebenzi wakhe…
“Kuzovuleka amathuba amasha.” U-DJ Fresh ephawula ngokusebenza kwakhe kwi-5fm.
BONA ZULU – October 2006
indaba nguDOUG GORDON
BAMBIZA ngoDJ Fresh kanti sesimuzwa kwi-5fm yeSABC. I-SABC yayishela iminyaka emibili le nsizwa yaseGauteng ubude bayo obungu-1,9m ebikwiYfm – uThato Sikwane odume ngelikaDJ Fresh uneminyaka engu-33 kanti wayenza izifundo zomthetho.
Ngo-1998 wayebalwa ezingwazini zabasakazi beYfm ababeheha izigidi zabalaleli ngokudlala umculo we-kwaito, i-house ne-rap.
Kodwa izikhathi sezishintshile manje isiteshi asesebenza kusona sesiyazidlala naso lezo zingoma. “I-5fm isiyisiteshi esidlala zonke izinhlobo zomculo,” kusho uSikwane.
“Senza okufunwa yisizukulwane seMTV.
“Wumphakathi ofuna lo mculo esiwudlalayo kanti nami ngifuna ukuba yingxenye yokufunwa abantu.”
I-5fm idinga umuntu onjengoFresh ukuze izinto ziyihambele kahle. Lesi siteshi esidume ngokudlala umculo we-rock sesineminyaka sizama ukwenza okwenziwa ezinye iziteshi ngokufaka ohlwini lwezingoma esizidlalayo abaculi abanjengoMandoza neSkwatta Kamp.
Kodwa lokho akusisizanga ngalutho. Kulo nyaka isibalo sabalaleli be-5fm siku-1,3 million, kanti abeMetro FM bangu-6 million.
U-Helen Graham imenenja entsha ye-5fm uthi lesi siteshi esabalaleli abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-25.
Isifiso sokusebenzela lesi siteshi uFresh samfikela mhla eyolanda unkosikazi wakhe uThabiso Sikwane eRadio Park e-Auckland Park.
“Ngatshela uphrojusa owayelapho ukuthi ngingathanda ukusebenzela i-5fm emva kokushiya iYfm. Wangishayela ucingo emva kwesonto wathi asixoxe,” kusho uThato.
“Saxhumana kwaze kwaba sekupheleni kwenkontileka yami neYfm.”
UDJ FRESH ubeneminyaka emine esakaza uhlelo lwasekuseni kwiYfm. Wayedlala izingoma ezazidansisa abantu, esibikela ngamahlazo enzeka kwezemidlalo nakwezepolitiki kanti wake wagqoka nengubo yowesimame ngenhloso yokuqoqa iminikelo yokusiza abantulayo.
UFresh usazoqhubeka nadume ngako njengoba esayine inkontileka yeminyaka emihlanu neSABC.
“Bakuthanda engangikwenza kwiYfm bangithathela kona,” kusho yena.
Imali ayithola njengoDJ ayikhalisi kanti usazimisele ngokusebenza kwiTV.
Wenqaba ithuba lokushayela uchunge olusha lwe-game-show olwaluzokwenziwa yinkampani enkulu kwezokuphrojusa.
“Bazama ukunginqumela imali ethandwa yibona sangezwana. Ababukeli bafuna ukubona into eseqophelweni eliphezulu kanti akufanele wesabe nemali uma ufuna okusezingeni eliphezulu.”
Uyazi ukuthi izinto ngeke zaba lula njengoba eseshayela uhlelo oluqala ngo-4 kuya ku-7 kusihlwa phakathi nezinsuku. O-DJ abayizimbangi zakhe bayazi ukuthi ukuncintisana kusazoba kukhulu njengoba esejoyine i-5fm.
U-Chilli M noDineo Ranaka beYfm sebezoncintisana nendoda eyabeka isiteshi sabo ezingeni elihle.
“U-Fresh wayevutha bhe kwiY kanti usazoqhubeka nakwi-5fm,” kusho uDineo. “Uhlakaniphile kanti uya kude.”
NGOKUKA-FRESH, ukusebenzela lesi siteshi kungukuthatha elinye igxathu kanti akazimisele ngokuphumula. “Akukho ukuphumula kimina!” kusho yena. “Ngiyowenza ngize ngikhathale lo msebenzi!
“Abalaleli ngihlale ngibatshela ukuthi abangavilaphi. Kungcono ungayenzi into uma izokwehlula. Ngizikhandla kakhulu.”
U-DJ Fresh uhlose ukuxhasa imifundaze engu-150 ngonyaka kanti usezakhele istudiyo sokurekhoda enyakatho-ntshonalanga yeJozi ukuze athuthukise abaculi.
“Ngangingadlali ngokwakha leso studiyo,” kusho yena. “Yibhizinisi leli engiliqalile kanti lidla imali enhle. Leyo mali kumele ibuyiswe yilona.”
Usechithe iminyaka elishumi esebenzisa ithalente lakhe elidlula elabaculi abaningi.
Sekudayiswe amaCD eFresh House Flava neDefinition Of House angaphezu kwengxenye yesigidi kanti uthola u-R50 000 uma kunomcimbi azowuphatha ngempelasonto kuleli, e-Africa yonkana nasemhlabeni wonke.
Ukusebenzela i-5fm kuzoba yingxenye yezinto azenzayo ngokusho kwakhe. “Kuzongivulela eminye iminyango.” [z]
