zulu.189.attack
Wasinda ngokulambisa
Wacwiyelwa umuthi
Sekukhona enye ingane ecwiyiwe...
indaba nguTSHWARELO ESENG MOGAKANE/AENS
NGENHLANHLA wakwazi ukuphunyuka ngesikhathi ehlaselwa ababefuna ukwenza umuthi ngaye, kodwa-ke kuFortune Khumalo oneminyaka engu-9, ubuhlungu yima buqala manje. Okokuqala nje odokotela bathi ngeke abathole abantwana njengoba isitho sakhe sangasese nengxenye yaso kwashumpulwa ngesikhathi ehlaselwa ngomhlaka 25 August.
Kuzodingeka ukuba ahlinzwe ukuze achame kahle.
Ngesikhathi sibhala lolu daba, uFortune wayesalaliswe esibhedlela iDr George Mukhari Hospital eGaRankuwa eduzane nasePitoli. Umama wakhe ohlukumezekile uNancy Siweya, uhlala ezihlotsheni ukuze abe seduze naye.
"Kunzima kimina ukukwamukela lokhu okwenzeke kumfana wami. Nakuba kunjalo kodwa ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi usaphila," kusho uSiweya.
Odokotela bamtshela ukuthi indodana yakhe yaba nenhlanhla ngokuthi isinde kulokhu kuhlaselwa.
"Bathi uyi 'ndoda' enesibindi eyakwazi ukuphulukundlela," kusho yena.
Lo mfanyana wayekade ezidlalela ibhola nabangane bakhe ntambama ngalowo Mgqibelo wezimanga endaweni yasemakhaya eJilongo eduze naseGiyani eLimpopo ngesikhathi ethi uyozikhulula ehlathini.
"Wayesahambe ibangana nje ngesikhathi kuqhamuka indoda engaziwa," kusho uSiweya.
Le ndoda yamdonsa yamngenisa phakathi ehlathini, yadabula ibhulukwe lakhe ngommese, yabamba isitho sakhe yasishumpula.
Yayikwenza konke lokhu ngale kokuthi vu.
Ngaleso sikhathi uFortune owayethukile futhi opha wamemeza efuna usizo. Owayezidlulela ngendlela wamphuthumisa esibhedlela.
Kuyesabisa
URisimati Hlungwane, onguthishanhloko eShingombe Primary School, nokuyisikole lapho uFortune efunda khona, uthi nabanye abantwana esikoleni sibaphathe kabi lesi sigameko.
"Abantwana bakhala izinyembezi. Akumangazi ukuthi abakwazi nokunaka kahle uma kufundiswa. Sonke le nto isithinte kakhulu," kusho yena.
Uthi umkhandlu wokuphathwa kwesikole wabiza umhlangano ophuthumayo emva kwalesi sigameko ukuze kubonakale ukuthi umndeni lo ungasizakala kanjani.
"Sasithinteke kakhulu ngokuthi kwakungekho namali engenayo emndenini womfana lo. Abazali bakhe abasebenzi futhi kwakufanele bahambe ibanga elide baye ePitoli," kusho uHlungwane.
Isikole sasungula isikhwama sokusiza umndeni. Umfundi ngamunye kwacelwa ukuba anikele ngo-R2, othisha bafaka u-R200 umuntu ngamunye. Ilinganiselwa ku-R5 000 imali esiqoqiwe.
Le mali isisizile ngezindleko zokuhamba, kodwa-ke omunye umnikelo usadingeka ukuze kusizwe umndeni ukhokhele izindleko zesibhedlela.
Umsolwa oneminyaka engu-23 waboshwa osukwini olwalandela olokuhlaselwa komfana, kusolakala ukuthi wayesasigcine kuye isitho somfana.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uNsumpa Mohale Ramatseba, wathi umsolwa wazivumela yena ngokwakhe ukuthi wanquma isitho somfana wathi wayezosidayisa eGauteng.
Wathweswa icala lokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nezitho zomzimba womuntu.
Akabuzwanga ukuthi uyaliphika noma uyalivuma yini icala ngesikhathi evela phambi kwemantshi enkantolo eMalamulele mhla zingu-19 kuSeptember, icala lahlehliswa yena wagcinwa ngaphakathi ezitokisini.
"Akasazi ngisho nokusazi," kusho uSiweya.Yize noma sihlala endaweni eyodwa, kodwa yena uhlala kude kakhulu kunathi."
Uthi uthemba ukuthi uNkulunkulu uzomupha amandla nesibindi sokumxolela umhlaseli. [z]
African Eye News Service
UNGASIZA
Siza uFortune alulame kulesi senzo esinyantisa igazi! Thumela iminikelo yakho esikhwameni somndeni wakwaKhumalo, iFortune Khumalo Trust Fund, eFrist National Bank, Malamulele Branch, Cheque Account# 62151417360.
BONA ZULU - November 2007
U-Fortune nomama wakhe uNancy. Lo mfanyana uselashwa namanje.
Okushiwo yizangoma
"Izenzo eziningi zokubulawa kwabantu kufunwa izitho zomzimba zenziwa yizinyanga mbumbulu - ezethembisa abantu ukuthi bazoceba uma bezilethela izitho zemizimba yabantu" kusho u-Anna Mphephu Rikhotso osebe yisangoma iminyaka engaphezu kuka-40 futhi obuye abe ngumkhulumeli wophiko lwaseVosloorus lweNhlangano Yabelaphi Bendabuko.
"Abanye basebenza beyithimba noma ngabodwana balimaze izingane ngoba bekholwa wukuthi zinamandla okubusisa abantu, okusho inhlanhla enhle."
"Laba benzi bobubi kufanele bavezwe obala!"
"Awukho umuthi ongenza umuntu ukuthi acebe," kusho uMthandazi uTJ Mathosa, oseneminyaka engu-13 enza lo msebenzi wakhe. "Amandla amadlozi akini kuphela angakulethela impumelelo."
"Umuthi awuzidingi izitho zomuntu ukuze usebenze. Amadlozi yiwona akhombisa izangoma nezinyanga umuthi wokuphilisa hhayi owokubulala."
Sidinga ikhomishane ezophenya izangoma nezinyanga ukuze kutholakale ukuthi ziyalibamba yini iqhaza kulokhu kubulawa kwabantu ukuze zenze imithi, kusho isangoma uMartha Mongoya wenhlangano yabelaphi baseGauteng, iGauteng Traditional And Faith Medical Practitioners.
"Isangoma esiqeqeshiwe noma inyanga ababulali muntu ukuze kwenziwe ngaye umuthi noma kugcinwe izitho zomzimba ukuze kwenziwe ngazo umuthi.
"Ikhomishane kulokhu ingasiza ekutheni kugezeke igama lethu futhi kukhishwe abenzi bobubi emsebenzini wethu."
"Izangoma nezinyanga kufanele zithunyelwe kuzo zonke izindawo zokwelapha. Uma nje kukhona otholwa enezitho zomzimba womuntu axoshwe angabe esaba yinyanga noma isangoma futhi anikezelwe emaphoyiseni."
"Izangoma nezinyanga ezingabhalisiwe kufanele zixoshwe," kuphetha yena.- Force Khashane
