zulu.1893.becevent
UMCIMBI KA-AUGUST
Sibungaza abesimame bakuleli
INYANGA ka-August iza nochunge lwemicimbi yokubungaza abesimame ezweni lonkana.
I-BONA Empowerment Club namanje isazinikele ekuphakeleni abantu bakithi ulwazi lokwenza izimpilo zabo ngcono. Kulokhu lolu lwazi kuzobe kucotshelelwana ngalo eKrugersdorp Golf Club ngoMgqibelo August 2, 2008.
Kuzokube kunezindathane zemiklomelo kulabo abazokube behambele lo mcimbi, kukhonjiswa nolwazi ngokubhaka kwiBake and Cook for Profit, ukuba muhle ngemikhiqizo ye-Avon kanjalo nombukiso wefeshini owethulwa abasiki bengqephu bakuleli. Oyedwa oyoba senhlanhleni uyowina iBusiness Start-up award yakwaMageu Number 1. Zonke izitokifela nezinhlangano zomphakathi ziyamenywa kulo mcimbi weBONA Empowerment Club wokubungaza abesimame bakuleli.
BONA ZULU August 2008
Ingqikithi: Sithuthukisa abesimame emabhizinisini asakhasayo namancane
Nini: UMgqibelo August 2, 2008
Kuphi: Krugersdorp Golf Club, Nightingale Crescent,
Rant En Dal, Krugersdorp
Isikhathi: Fikani ngo-9:30am ukuze siqale ngo-10am
Imali: R60/umuntu ngamunye (kukhokhwa emnyango)
Kuhlangene nelantshi neziphuzo. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE: Shayela oyiRevue Liaison kule nombolo: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi (8.30am-5pm phakathi nezinsuku zesonto)
UTembisile
U-MC uMakheni Motana
UCriselda
