zulu.1891.teenjan
Intsha yelulekwa nguFat Charlie
OSHICILELWENI olwedlule saphawula ngokubaluleka kokuzibekela izinjongo. Kule nyanga sibheka izindlela zokuhlela impilo yakho ngokuyikho - yizindlela ezilula lezi esikhuluma ngazo ezizoqeda ukudideka entsheni.
Cabanga ngale mibono esizokunika yona uyisebenzise ukuze ukwazi ukufeza izinjongo ozibekele zona - noma kanjani uzowubona umehluko.
PCabanga ngaphambi kokukhuluma: Kunesizathu esenza ukuba abantu bathi kufanele ubale ugcine ku-10 ngaphambi kokukhuluma uma udiniwe - lelo khambi liyasebenza. Ngaphezu kwalokho, lokhu kuyindlela yokuqinisekisa ukuthi isimo asibi muncu kakhulu kunakuqala.
Ukubala ugcine ku-10 - noma ukucabanga ngaphambi kokukhuluma - kwenza ugxile kokushiwo omunye umuntu. Kungenzeka umphendule kabi kodwa okungcono ongakwenza wukuzithulela uzibuze lo mbuzo: Ngabe le nkulumo yakhe isho ukuthini"
Kungenzeka ukuthi kukhona okwenzile okungamphathanga kahle lowo muntu enihilizisana naye - yehlisa umoya ubuze ukuthi konakelephi.
Kungenzeka futhi ukuthi usukelwe umuntu ngoba efuna ukuba udinwe. Uma uthula ucabange kahle ngalokho akwenzayo, oqala uthuthuva uzodumala abone ukuthi awunandaba naye!
Uma kungabazali bakho abakuphathe kabi, kuzokusiza ukucabanga ngaphambi kokukhuluma nabo.
Vala umlomo ukuze ugweme ukuchitha isikhathi uxolisa kubona ngokuhamba kwesikhathi!
P Ngizozicabangela: Ngabe kusemqoka ukuba ne-cellphone esesitayeleni noma ukugqoka okugqokwa abanye" Ngabe kuhle ukuthukuthelela abazali bakho uma bengenawo amandla okukuthengela lezo zinto"
Ngabe impilo yakho uzoyibulala ngokusebenzisa izidakamizwa ezisetshenziswa abanye"
"Uma ungithanda ngempela uzoya ocansini nami" - ngabe usuke ekuthanda ngempela umuntu okulinga ngalolo hlobo"
Uma impendulo yakho kulemibuzo kungu "Cha" kusho ukuthi uyazicabangela - usendleleni yokwenza okuthile ngempilo yakho.
P Ngizozivocavoca: Uma udlala ibhola noma i-netball, uzobona ukuthi okwenzayo kusemqoka kangakanani kanti kuba mnandi kakhulu uma ungumuntu ongazikhonzile ezemidlalo.
Akudingeki ukuba uze uye ejimini noma ugijime - ukuthatha uhambo olude ngezinyawo kwanele. Kodwa zimbili izinto ezimqoka kakhulu: yisikhathi osichitha uzivocavoca nokuthi okwenzayo ukwenza kangaki.
Nakuba ukuhamba ngezinyawo uma uya esikoleni kunempilo, akufani nokuzikalela isikhathi ozozivocavoca ngaso. Ibanga olihamba ngezinyawo alimqoka njengokubheka isikhathi osichitha uhamba nokuthi uhamba kangaki.
Khumbula ukuthi ukuba ngumqemane kuphaphamisa ingqondo yakho. Umzimba wakho uphila kahle uma uzivocavoca kanti ngesikhathi uzivocavoca ungakwazi ukucabanga ngosuku lwakho nezinhlelo onazo ngekusasa.
P Ngizofunda: Lokhu kuseyindlela yokuzivocavoca kodwa-ke kulokhu ubuchopho bakho obuxukuzayo. Kulo nyaka zibekele umgomo wokuthi ngeke ugcine ngokufunda izincwadi zesikole kuphela kodwa uzofunda incwadi eyodwa ngenyanga.
Vakashela i-library yangakini uqale ukufunda!
PNgizosiza abazali bami: U-Fat Charlie wake wakusho lokhu kanti usazokuphinda - ungagwema ukungaboni ngaso linye phakathi kwakho nabazali bakho uma ubalekelela ekwenzeni umsebenzi wasekhaya ngaphandle kokukhala.
Yikhaya lakini lelo kanti kungaba kuhle ukufaka isandla ekulihlanzeni. Uma uwusizo kubazali bakho kungenzeka bakubekezelele uma kwenzeka wenza iphutha.
P Ngizokwenza okuhlukile ngesikhathi sami: Ngabe uma uphuma esikoleni ufika ekhaya ujamele iTV" Kuyeke lokho. Sisebenzise ngendlela efanele isikhathi sakho.
Ngalokho asisho ukuthi hlukana nokubukela ama-shows akho owathandayo - kodwa wakhethe ongawabukela. Zibekele isikhathi sokuwabuka ube nesikhathi sokudlala nabafowenu nodadewenu - ubakhombise ukuthi kukhona okunye eningakwenza ngaphandle kokubukela iTV.
Okunye ongakwenza, uma wena nogogo wakho nikhonze izinhlelo ezifanayo, mvakashele nibuke lezo zinhlelo enizithandayo. Ngaleyo ndlela nizoba nesikhathi enizosichitha ndawonye nenze okuthile.
PNgizokwenza isiqiniseko sokwenza umsebenzi wami wesikole ngesikhathi: Bafowethu nodadewethu, akusibo bonke abafundi abangaphuma phambili ezifundweni zabo esikoleni kodwa ungenza ukufunda kube lula ngokuqinisekisa ukuthi i-homework yakho uyenza ngesikhathi ulalelisise uma kufundwa.
Kumnandi ukuhlala wazi ukuthi umsebenzi wakho uwenzile uhlale unethezeke ngesikhathi abanye betatazela bejahe ukuqeda owabo.
P Khumbula izinsuku zokuzalwa kwabanye abantu nezinye izinsuku ezibalulekile: Lokhu kungabukeka kuwubala kodwa kuyindlela ongathokozisa ngayo abanye abantu. Yiba nekhalenda umake lezo zinsuku ezisemqoka.
Akudingeki ukuthi uthenge izipho ezibizayo. Kwanele ukubona ukuthi ulukhumbulile lolo suku.
Akufanele ukhohlwe wusuku lokuzalwa kukamama wakho neMother's Day - ngokukhumbula lezo zinsuku, umama wakho uzojabula ngendlela
emangalisayo. [z]
BONA ZULU - January 2007
Lo nyaka makube ngowakho!
Qiniseka ukuthi izinto zikuhambela kahle ngo-2007...
BONA ZULU - January 2007
Ngabe yikangaki nisho lawa mazwi bafowethu nodadewethu" Ngabe yikangaki ubatshela lokho abazali bakho" Ngabe yikangaki uzwakala uthi ufuna ukuphathiswa okomuntu omdala, kodwa phezu kwalokho wenze okuphuma eceleni okungakhombisi ukuthi usukhulile"
Ngifuna ukuphathwa njengomuntu omdala - impendulo ecacile kulokho yileyo ethi Ziphathise okwakhe phela!
Yiqiniso elimsulwa lelo. Ukuba mdala kuhambisana nezinselelo ezithile - lezo zinselelo zisuke zingasabadingi abazali bakho nesikole sakho - khumbula ukuthi ubude abuphangwa.
Ngiyazi ukuthi akulula ngesinye isikhathi, kodwa zamani ukukukhumbula lokho bafowethu nodadewethu! Usemusha, awukabi mdala. Izinguquko ezenzeka emzimbeni wakho zisazoqhubeka zenzeke. Bekezela. Ngelinye ilanga uzokhula...
... uzongena ezikweletini, uzosebenza uhole imali engakugculisi, usazohlushwa wukukhokha imali yerenti, usazoba nomthwalo wokwenza konke okulindeleke ukuba ukwenze...
Nikhumbule bafowethu nodadewethu ukuthi akekho umuntu onganivimba ukuba nibe badala kodwa yinina kuphela eningakwenza lokho, izinqumo ozithathela zona manje yizona ezizobeka isithombe sokuthi uyokhula ube ngumuntu onjani.
'Ngifuna ukuphathiswa okomuntu omdala!'
