zulu.1889.ntataise (2)
Ikusasa elingcono
Fundisani abantwana
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguJULIA KUPKA
ABANTU bavame ukukhala ngokwehla kwezinga lemfundo. Nakuba zikhona izinkinga, kunezindawo eziphumelela ngendlela emangalisayo - kanti isimo siba ngcono kakhulu kunakuqala!
Uma kukhulunywa ngemfundo kuthiwa kuhle ufunde ukuhamba ngaphambi kokugijima. Lokho kuchaza ukuthi isisekelo esihle sihlala sidingeka.
Ingena lapho-ke iNtataise. Igama elithi Ntataise elesiSuthu elisho ukucathulisa umntwana. Yileli gama okuqanjwe ngalo izinkulisa eziphethwe yinhlangano ezimele ezivulwe emphakathini wabampofu.
Kodwa iNtataise ayigcini ngokuvula abantwana imiqondo ibathuthukise kodwa ibuye isize nabadala ngokubahlomisa ngamakhono okucija abantwana emfundweni yabo.
Ekupheleni kweminyaka yo-1970 uJane Evans waseFree State eViljoenskroon owayeyintatheli abuye abe ngunkosikazi womlimi, wavula inkulisa ukuze kusizakale izingane zababesebenza epulazini.
U-Evans wakwazi ukuthola usizo ayeludinga ukuze avule iHuntersvlei Farm Pre-School kanti abamxhasa kakhulu ngoDawn Haggie, umongameli we-African Self Help Association noDenise Parkinson osemnyangweni wezempilo kuMkhandlu-dolobha waseGoli.
Ngalolu hlelo kwakusizakala nabesimame abasebenza epulazini nabasizi basezindlini. "Ngalo kwakuhloswe ukuhlomulisa abesimame nezingane ezindaweni ezisemaphandleni," kuchaza u-Evans.
Wacelwa amanye amapulazi amabili ukuba awasize nawo ukuze avule izinkulisa zawo. Konke kwaba yimpumelelo kanti u-Evans wabona ukuthi bangazisebenzisa lezi zinhlelo ekunikeni izingane ezizalwa emakhaya antulayo imfundo eziyidingayo.
Emva kokuxhaswa amazwe aphesheya waqala uhlelo lweminyaka emithathu - kanti ngo-1980 kwavulwa iNtataise.
Ngo-1999 iJohannesburg College Of Education yaklomelisa u-Evans nge "The Rector's Gold Medal" ngenxa yesandla asifakile kwezemfundo. Ngo-1995 iNtataise yaba yinkulisa yokuqala ukuthola iPresident Award ngegalelo layo ekukhulisweni kwabantwana.
U-Lydia Motsoeneng, ongumdidiyeli wezokuqeqesha, wayeshade nowayesebenza epulazini. "Ngangingasebenzi ngingafundile," kusho yena.
"Ngesikhathi kuvezwa umbono wokuba kuvulwe inkulisa yabantwana babasebenzi basemapulazini epulazini engangihlala kulona, nokuyinto esasingakaze sizwe ngayo ezweni lethu ngaleso sikhathi, ngalisebenzisa lelo thuba."
Okwakusemqondweni kaBonny Ntsoeleng, osengumdidiyeli wohlelo lwabesimame manje, kanye nabanye besimame abangamavolontiya kwakungukuphucula impilo yomphakathi.
"Kwadingeka ukuba sisebenze ngokuzikhandla ukuze sithole imali yokuthenga esasikudinga neyokuqeqesha. Kodwa namanje asikakwazi ukuziholela," kusho u- Evans. "Ngabe asikho lapho sikhona manje ukuba asikutholanga ukuxhaswa ngezimali."
Umphakathi wawukhala ngokuthi inkulisa izokwehlisa izinga lenhlonipho emindenini.
"Babethi izingane zizoba ngamahlongandlebe zingagcini ngokudelela abazali bazo nje kuphela kodwa zingabe zisalawuleka uma sezifunda e-primary," kusho uNtsoeleng.
Namuhla izinto zishintshile. "Abazali basixhasa ngendlela emangalisayo," kusho yena.
"Sebeshintshile. Sesiyakwazi ukudingida nabo izinto ezinjengokuntuleka kwemisebenzi, udlame neHIV/AIDS."
I-Ntataise iguqula impilo yabantu kanti uNtsoeleng noMotsoeneng bawubufakazi balokho.
Sekukabili lezi zintokazi ziya eMelika - nokuyinto ezazingayiphuphi noma zilele leyo.
"Ngalolo hambo sathola ithuba lokufunda ukuthi abazali baxhumana kanjani nezingane kuleyo miphakathi entulayo ezingxenyeni zamazwe omhlaba. Ukuya kwethu phesheya nokuqeqeshwa esakuthola kwasisiza sakwazi ukucobelelana ngolwazi," kusho uMotsoeneng.
"Namuhla sinezingane eziningi ezazisenkulisa yethu ezifunda enyuvesi. Ezinye ziseza kithina zicele ukuba sizisize kuma-assignments azo amayelana nokukhuliswa kwezingane.
"Abanye bangothishanhloko namuhla," kusho uMotsoeneng.
Manje iNtataise isifinyelele ezindaweni eziyimijondolo. Zingu-15 izinkulisa zeNtataise ezavulwa endaweni eyodwa!
"Izinkulisa zibaluleke kakhulu ikakhulu ezinganeni ezintulayo ezingakutholanga ukukhuliswa ngendlela efanele. Ngazo izingane zithola ithuba lokuvuthwa zisendaweni ephephile zithole nokunakekelwa okufanele. Izingane zinikwa isisekelo esiyiso semfundo," kusho uJane Evans. [z]
BONA ZULU - January 2006
Kuhlomuliswa abancane nabesimame emaphandleni
1. I-Thabang pre-school eseRammulutsi Township, eViljoenskroon.
2. Izingane zasenkulisa zifunda ukudweba.
3. U-Jane Evans, owasungula uhlelo lweNtataise.
4. Odado bese "motweni" yabo!
5. U-Bonny Ntsoeleng (kwesobunxele) noLydia Motsoeneng (kwesokudla) benoMiriam Makgalanyane waseThabang pre-school.
6. Othisha nezingane bebuka indiza eyithoyizi.
7. Izinkulisa ezivulwe ngohlelo lweNtataise emapulazini zishintshe impilo yabancane - nabadala.
BONA ZULU - January 2006
