zulu.1887.stars
IZINKANYEZI ZAKHO
ARIES
(Mar 21 – Apr 20)
Sukuma ngokushesha uma amathuba omsebenzi nawezomcebo ekuvelela. Lokhu kuzokwenza ukuba uphumelele ezinhlosweni zakho.
TAURUS
(Apr 21 – May 20)
Uzokuba nezinhlanhla ngenxa yobungani. Uma umqondo uwusebenzisa ngokuhluzekile, lesi kuzoba yisikhathi sempumelelo.
GEMINI
(May 21 – Jun 21)
Isibindi nokuzethemba kuzokwenza uphumelele. Abambe ngazo zombili amathuba akuvelelayo nazokwenza uphumelele.
VIRGO
(Aug 24 – Sep 22)
Yisikhathi sokuthola izindaba ezimnandi. Ukuxhumana kwakho nabantu kuzokwenza uvakashe kakhulu.
LEO
(Jul 23 – Aug 23)
Yisikhathi sokuba ukwazi ukuzakhela inzuzo ukwazi nokonga imali yakho oyitholayo.
BONA ZULU July 2008
LIBRA
(Sep 23 – Oct 22)
Chitha isikhathi esiningi uzihlalele ekhaya lakho kamnandi. Kungakuthokozisa ukuzihlalela nabathandiweyo bakho. Ungazichithela isizungu ngezincwadi, ezobuciko nomculo.
EPHRAIM“JOMO”SONO
13 July 1955
CANCER
(June 22 – July 22)
Usuku lwakho lokuzalwa lusho lukhulu ikakhulu ngezezimali, ukuxhumana nabantu, kokuthinta umndeni, uthando, impilo nomsebenzi. Uzozenzela imali eningi, kodwa futhi uzoyisebenzisa kakhulu.
Uzokhuthazeka kwezamabhizinisi ukwazi futhi ukuzithuthukisa ngokuba uxhumane nabantu abalusizo.
Umndeni wakho njengakweminye ejwayelekile, uzobhekana nesimo sobunzima nesihle. Kuzoba khona intokozo othandweni.
Ukusebenza kwakho kuzokuba nembuyiselo nakuba kuzokube kugqilaza. Kuningi okwenzayo ozophumelela kukona.
SCORPIO
(Oct 23 – Nov 22)
Bheka okusha ongakwenza ukuzichithela isizungu. Yisikhathi sezinhlanhla nokuyilapho uzozuza lukhulu ngenxa yokutshala izimali
SAGITTARIUS
(Nov 23 – Dec 21)
Nakuba uxinwe wumsebenzi, kodwa kukhona okusha okufanele ukwenze. Uzophumelela ngaphezu kwezimbangi zakho.
CAPRICORN
(Dec 22 – Jan 20)
Yiba nesineke uma uzimisele ngobambiswano kokwenzayo. Ungavuselela uthando oludala uthokozele isikhathi nabangani bakudala.
AQUARIUS
(Jan 21 – Feb 19)
Manje yisikhathi sokubeka ukwesaba eceleni, uhlele izinto ezintsha wenze nezinguquko. Qhubekela phambili ngokubambelela kokuhlelile.
PISCES
(Feb 20 – Mar 20)
Ulwazi ozoluthola luzokusiza uphumelele ezinhlelweni zakho isikhathi sazo singakafiki. Uzovelelwa amathuba amahle empumelelo.[z]
