zulu.1886.lettersjun
Ewine
Masituse othisha bethu
NGITHANDA ukubonga bonke othisha ezikoleni zangakithi ngokuzinikela kwabo hhayi ezinganeni kuphela kodwa nakubantu bomphakathi.
Kuyathokozisa ukwazi ukuthi kunabantu abazinikele kanje ezikoleni zethu - ngenhloso yokufundisa umphakathi.
Abanye babazali bethu, baqolwa abantu ngenxa yokuthi abakwazi ukufunda nokubhala. Bayaphoqelelwa ukuba basayine banike ilungelo lowo muntu lezimpahla zabo zasendlini noma bakwazi ukubona imininingwane yabo yasebhange.
Kodwa isimo sesiyashintsha njengoba sekukhona othisha abasemkhankasweni wokukhuthaza ukufunda emphakathini.
Igama elihle lothisha abaningi malingoniwa yidlanzana lababi.
Othisha abaningi benza umsebenzi omuhle - masibabonge!
Aaron Tlou, Tweefontein
u-R100
Izincwadi
Ukwesaba!
BAZALI - ningasivumeli isimo sokuba ingane yesabe ukubuya ekhaya ngoba nakhu ithole amamaki amancane esikoleni.
Yekani ukudinelwa izingane nizigcone uma zifeyilile.
Zama ukwenza ingane yakho ibe nokuzethemba ukuze ikwazi ukulungisa amaphutha ayo.
Yekani ukuziqhathanisa nezinye izingane.
Kungcono nizitshele ukuthi isimo sizoba ngcono uma zisebenza ngokuzimisela.
Ungenzi okungaholela ekutheni izibulale.
Thabo Mafaese, Ikageng
Izethembiso
Asazi kuyokwenzekani lapha ngo-2010. Ngikhathazwa wukuthi uma izinto ziqhubeka kanjena, kuyacaca intsha yethu eningi iyobe isiyedlula kulo mhlaba ngenxa yesifo se-AIDS.
Maduze nje abaholi bebehla benyuka bekhankasela amavoti ethu, basethembisa izulu nomhlaba kodwa manje sebenyamalele.
Ngikhathazekile ngoba ngicabanga ukuthi siyophoxeka kwiWorld Cup ka2010 njengoba kwenzeka e-Egypt.
Kukhona okufanele kwenziwe ukuze iBafana ingasiphoxi ngeNdebe yoMhlaba kuleli.
MM, Pietersburg
Uyazikhethela ukuba wumama
AKUBONA bonke abesimame ababusiswe ngenzalo. Abanye abathandi ukuthola abantwana.
Ingcindezi yomphakathi kwabesimame, wukushada nokuthola abantwana.
Ukuba ngowesimame kusho izinto ezehlukile kubantu abehlukile. Abesimame namuhla kuningi ababhekana nakho okufanele bakhethe okuzwana nabo.
Akekho okufanele aphoqelelwe ukuba wumama ebe engathandi.
Ukungabi namntwana akukwenzi ukungabi ngowesimame.
MN, Polokwane
BONA ZULU - June 2006
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
Masiyeke ukukhala njalo!
Masiziphathe kahle siyeke ukulokhu sikhala njalo. Siyakhala emitholampilo, ezibhedlela nasemiphakathini yethu. Masikuyeke lokhu.
SW, Queenstown
Kubi!
Kubuhlungu ngoba izingane namuhla azisabahloniphi abantu abadala.
Ukwenza isibonelo, uma izingane zamantombazane zicelwa ukuba zenze imisebenzi yasendlini, azilaleli.
Into eziyaziyo wukugeza zingene indlela nabangani zize zibuye ebusuku zilindele ukuba abazali bazo bavuke bazivulele.
Abafana abafuni ukuya esikoleni, into abayaziyo izidakamizwa nokuduna izimoto zabanye abantu.
Umyalezo wami kubantu abasha wukuba baye esikoleni ukuze babe nekusasa eliqhakazile babe yisibonelo esihle esizukulwaneni esilandelayo.
TS, Bergville
Ucansi!
Kuyadabukisa ukuthola ukuthi izingane zethu zizifake kangakanani ocansini. Ngabe aziboni ukuthi kukhona okuhle ezingakuthanda kunocansi"
Mantombazane ngithi, phaphamani - ikakhulu uma nisesesikoleni. Ngeke wenze izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa - imfundo kufanele ifike kuqala.
Ningajahi ukuya ocansini ngoba nizokhulelwa noma nithole i-AIDS.
Abafana bona" Musani ukuphoqelela amantombazane ukuba aye nani ocansini.
Ungakuthokozela ukuba sothandweni kodwa ungadicileli impilo yakho phansi.
Petunia Senong, Marble Hall
BONA ZULU - June 2006
Ngathinteka!
Lwangithinta udaba luka-Emmanuel Yeboah kuBONA kaNovember 2005.
Kubuhlungu ukuthola ukuthi ubaba wakhe wabashiya ngenxa yokukhubazeka kuka-Emmanuel.
Umama wakhe ngiyambonga ngesibindi sakhe sokungayilahli noma angayibulali ingane yakhe ekhubazekile.
Ngavaleka amadlebe ngenza ibanga lesithupha. Abazali bami babengafuni ukungisa e-high school ngabancenga.
Angizange ngiye esikoleni sabakhubazekile, kodwa ngaphasa njengezingane ezingenakho ukukhubazeka. Zazingihleka zingigcona ngikhale ngithi, "Kungani lokhu kwenzeka kimina Nkosi""
Manje ngineziqu ze-educational management.
Kinina enikhubazekile ngithi: ukukhubazeka akusho ukuphela komhlaba.
Masiwasebenzise amathalente ethu esiwaphiwe uMdali.
Kunye kuphela esengikucela kuMdali: yimpilo ende. NgiyaMbonga futhi ngokuNgibusisa ngokukhubazeka kwami.
P Mdletye, Mount Fletcher
Izincwadi
Ibhuku lami!
Kunokukhanya engaqala ukukubona ngisemncane. Lokho kukhanya nguBONA.
Nanamuhla ngisakulandela lokho kukhanya.
Lokhu kukhanya kuyangikhanyisela.
UBONA uyolokhu uludondolo lwami kunoma yini engiyenzayo empilweni.
Noma ngubani angahamba ngale nduku yokudondolozela ngoba eyesizwe sonkana.Nomusa Gumede, Margate
Funda!
Manje yisikhathi sokufundisa izingane zethu ngezocansi. Kuningi ezihlale zikuzwa kubantu ngalesi sihloko - zizwe okungelona iqiniso kubangani bazo.
Abazali kufanele balungenelele lolu daba ngaphambi kokuba izingane zabo zifike esigabeni sokuthomba, bazitshele amaqiniso ngezocansi.
Izifundo zezocansi esikoleni zibalulekile.
Sengathi nabantu abasha bangazifundisa ngalesi sihloko ngaphambi kokuzibandakanya ocansini.
Ramautswa Nancy, Maboine [z]
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo yokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
