zulu.1882.bossdec
Zisebenze
Ukuthunga kungaba ngumsebenzi ongawenza uthole imali...
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe nguMARC CURRIE
KUYISIFISO sikaMildred ukuvula isikole sokusika ingqephu ngelinye ilanga. Kodwa njengamanje, kumphatha kahle ukusebenzela ekhaya lapho ethungela khona.
Eminyakeni emithathu edlule uMildred Ngubane wafundiswa nguNellie Nyawo ukuthunga.
Ngaleso sikhathi uMildred owayesebenza njengomsizi wasezindlini wayefundela ukuthunga kanye ngesonto.
Kwathi lapho esefunde ukusika amaphethini nokuthunga, waqala ukuthatha ama-oda abantu uma engasebenzi - ukusebenza wakuyeka esenamakhasimende ayevame ukufaka ama-oda.
Akakaze abaswele abantu azobathungela nokuyinto emenza abe matasa kusukela ngo-9 ekuseni kuze kube ngu-5 ntambama.
"Unzima lo msebenzi kodwa ngiyawuthanda ngoba ngizimele," kusho yena.
U-Mildred uthunga imifaniswano yesikole, imvunulo nezingubo zomshado.
Endaweni ahlala kuyona udume ngokuthunga izimpahla ezinhle.
UKUQALA
Ungaqala ukufunda ukuthunga ngomshini ojwayelekile nokuyinto engabiza u-R600. Kodwa ukufunda ukuthunga ngomshini onezitishi eziningi kungenza ukuba ube namandla okuthunga okuningi ngokushesha!
Okunye okungakusiza wukuba nezikele zokusika, i-tape yokukala kanye ne-ayina loku-ayina izimpahla zakho.
Amanye amakhasimende afika nendwangu yawo kanti kungadingeka ukuba uzithengele nawe indwangu noma ube namasampula ayo ozowakhombisa amakhasimende.
INZUZO
Kusemqoka ukubala imali ozoyisebenzisela ukuthenga indwangu, oziphu, ukotini nokunye ngaphambi kokunquma inani lokudayisa okuthungayo.
U-Mildred uthi ungayithola inzuzo uma uthenga ngobuhlakani uthunge usheshise.
"Ngiyazithunga iziketi ezinhlanu ngosuku. Uma ngithunga isiketi esishibhile, indwangu ngiyithenga ngo-R50, ngithenge ukotini, uziphu nokunye ngo-R10," kuchaza yena.
"Okusho ukuthi ngisebenzisa u-R60 ngesiketi esisodwa, ngisidayise ngo-R120. Eziketini ezinhlanu ngithola inzuzo ka-R300.
"Uma ngithunge eziningi ngithola inzuzo engaphezulu kwalokho.
"Ukuthunga amabhulukwe kuthatha isikhathi kanti uma ngithunga wona aba ngaphansi kwamahlanu ngosuku!
"Abantu ngingabeluleka ngokuthi mabangabizi kakhulu ngabakuthungayo futhi bathunge okuyikhwalithi ukuze bahlale benamakhasimende.
"Ngithola inzuzo enhle ngezimpahla eziqashisayo, yingakho nje kukuhle ukuthunga izingubo ozoziqashisa. Izingubo zomshado ngiziqashisa ngo-R1 000-R3 000, kuye ngesibalo sezingubo umuntu aziqashayo.
UKUWUFUNDELA
Ukufundela ukuthunga kuncika esikhathini nasemalini onayo. Ziningi izikole ongafundela kuzona ukuthunga kanye ngesonto noma uthole isitifiketi noma i-diploma kwi-fashion design. Kufundele esikoleni esinegama elihle noma ozosizwa ngomngani wakho, ezikhungweni zomphakathi nasesontweni. [z]
Thungela
inzuzo
BONA ZULU - December 2007
U-Mildred esiza ikhasimende.
BONA - August 2007
