Zulu.1104.yourceleb_10q
IMIBUZO
kaXoli Zondi
odlala indawo ka-WINNIE kwi-Family Bonds usitshela NGOkuba nodumo nangezihlabani ezimhlanyisayo
1. Wazalelwaphi, wakhulelaphi-
E-Hammarsdale, eKZN - kodwa manje ngihlala eMelville eGoli.
2. Yini eyakwenza wakhetha ukudlala eyezithombe-
Ngangivele ngikulangazelela.
3. Yini enye owawungayenza ngaphandle kwalokho-
Ngangingaba yintatheli. Ngesikhathi ngihluleka wukwenza i-drama emva kokuqeda ibanga leshumi, ngafundela ukuba yintatheli, ngangaqeda.
4. Uyaqala ukuvela kwiTV udlala indawo kaWinnie kwiFamily Bonds. Ngabe abantu bayahlanya uma bekubona-
Yebo, ikakhulu eKZN.
5. Ngabe impilo yakho ishintshe kangakanani-
Kufanele ngiqale ngicabange ngaphambi kokuvula umlomo ngoba abantu bayayigada into engiyishoyo. Okunye, uma usudumile kufanele uziphathe kahle!
6. Yisiphi isihlabani sokuqala owahlangana naso-
NguBrenda Fassie.
7. Ngabe ukuhlekisa yinto yakho-
Cha, kodwa abantu bayayilalela into engiyishoyo kanti ngiyakwazi ukubahlekisa.
8. Ngabe uBongo ungumuntu onjani-
Uyahlekisa, unomusa nenhliziyo enhle.
9. Yimuphi umdlali ongathanda akusayinele igama lakhe-
E-SA nguJamie Bartlet, odlala indawo kaDavid Genaro kwiRhythm City. E-Hollywood nguDenzel Washington.
10. Yimuphi omunye umdlalo ongathanda ukudlala kuwona kwiTV-
YiRhythm City.
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
SIXOXA NESIHLABANI
