ZULU.187.stars
Okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - May 2007
Umsebenzi: Bezwa wena emsebenzini, ngakhoke zithobe uma bedinga umbono wakho.
Impilo: Zivocavoce ukuze uqede i-stress.
Imali: Thenga ngokonga uthenge okungabizi.
Uthando: Sebenza ubheke phambili, uhlelele ikusasa.
Umsebenzi: Ukubekezela kwakho kuzokulethela umvuzo.
Impilo: Yidla okunempilo uqaphele isisindo sakho.
Imali: Sebenzisa amathuba okwenza imali.
Uthando: Khombisa uthando kumuntu wakho uma ufuna uthando lwenu lusimame futhi luqhubekele phambili.
Umsebenzi: Izinhloso zakho zibukeka zikuzela nezinhlanhla namathemba amahle.
Impilo: Linganisa umsebenzi nentokozo, uphumule futhi.
Imali: Abangani abasha bangakunika ithuba lokuphumelela.
Uthando: Ungabi namahloni okwazisa umuntu wakho ngokukuphethe kabi.
Umsebenzi: Uma uzimisele ngokuzibonakalisa, khombisa ukuthi ubalulekile.
Impilo: Qaphela okudlayo ukuze ube nomdlandla.
Imali: Yisikhathi sokuba uqaphele ungagembuli.
Uthando: Hlanganyela nabanye abantu ukuze uyithokozele impilo.
Umsebenzi: Qhubeka nezinhlelo - yisikhathi esihle samabhizinisi.
Impilo: Qikelela impilo yakho, uma ufuna ukuhlale ujabule.
Imali: Uma ufuna ukuthokozela impilo, ungayidli imali.
Uthando: Yisikhathi esihle kakhulu. Zikhiphe uvakashe uzakhele abangani.
Umsebenzi: Dala ukuzwana nozakwenu emsebenzini ukuze uphumelele.
Impilo: Kudingeka ukuba uphumule, uzihlalele nabomndeni wakho.
Imali: Yonga imali wongele ikusasa.
Uthando: Uthando lwakho luzoqina, ukwazi ukuthatha izinqumo eziya phambili.
Umsebenzi: Qaphela ungakujahi ukukhushulelwa esikhundleni.
Impilo: Zivocavoce emnyango, noma ucabange eyokujoyina iqembu lendawo.
Imali: Inhlanhla izokulethela injabulo uzizwe uphephile.
Uthando: Mzwele umkhombise uthando uphathini wakho.
Umsebenzi: Unemiqondo emihle ephusile, yenze ikusebenzele.
Impilo: Qaphela okudlayo, ungadli kakhulu.
Imali: Uma ucabanga ukwenza umashonisa, lalela imizwa yakho.
Uthando: Lesi yisikhathi esihle sokusondelana nabantu ababalulekile empilweni yakhe.
Umsebenzi: Sebenzisa wonke amathuba uma ufuna ukuphumelela emsebenzini.
Impilo: Phumula uthokozele ukuba nabangani nabomndeni.
Imali: Kufanele ufunde isifundo emaphutheni edlule.
Uthando: Qaphela ungambukeli phansi umuntu okhombisa uthando kuwe.
Umsebenzi: Zimisele uzinikele kokwenzayo ukuze uphumelele.
Impilo: Qaphela ukudla kwakho ukuze ube nomdlandla.
Imali: Cabanga ngezindlela ezizokwenza umzimba wakho ube ngumqemane.
Uthando: Thokozela ukuya ezindaweni ezintsha nesithandwa sakho.
Umsebenzi: Yisikhathi sokufunda lukhulu kozakwenu emsebenzini.
Impilo: Njengoba uhlale umatasa, qiniseka ukuthi ungumqemane uphilile.
Imali: Ungase uzakhele imali uma uwasebenzisa amathuba ayisipesheli.
Uthando: Othandweni kuzohamba kahle, uma ungenamuntu - uzomthola ozozwana nenhliziyo yakho.Umsebenzi: Yisikhathi sokuba ubukeze izifiso zakho, uhlelele okusha.
Impilo: Zivocavoce uqaphele imikhuba emibi empilweni.
Imali: Ukuxhumana nabantu abasha nemiqondo emisha ephusile, kuzokulethela imali.
Uthando: Sebenzisa amathuba owatholayo uzithokozise.[z]
