zulu.1878.parenting
Ukuzikhipha
okwabazali
nengane
BONA ZULU - September 2007
Ukuqinisekisa ukuthi nobabili niyasithokozela isikhathi senu
YINTWASA-HLOBO! Izimbali ziyaqhakaza kanti nesimo sezulu sihle kakhulu nokwenza abaningi bakuthokozele ukuzikhipha. Kodwa ukuhamba nengane yakho encane akusiyo into elula. Kuningi okufanele ukubeke engqondweni njengokuthi uzofika kanjani lapho uya khona, nokuthi yiziphi izinto okufanele uzipakishele ingane yakho.
Uyaphi" Lokhu kubalulekile uma uzimisele ukuhamba nengane yakho. Izingane ezincane ziyayithanda imvelo nezindawo ezizenza ziphatheke kahle - azikuthokozeli ukuba sezindaweni eziphithizelayo njengama-malls. Abantu abaningi, ukukhanya kukagesi, umsindo nezinto eziningi ezinyakazayo ziyenza ingane inganethezeki nokungayidalela izinkinga ekulaleni, ihlale ikhala ingabi nokuphumula okuhle.
Kugweme ukulokhu unika ingane yakho abantu belokhu beyivusa ngoba befuna ukuyibona. Lokhu kungayidalela ukudinwa njengoba ingeke ikwazi ukuthi "ngikhathele ukudlala sengidinga ukulala." Izolokhu iqhubekile idlala ize idlulwe yisikhathi sokulala bese iba nezinkinga ekulaleni.
Yini okufanele uyipakishe" Njalo hlale uphethe isikhwama samanabukeni uma uhamba nengane yakho. Ungakhohlwa wukupakisha zonke izinto eziqondene nokushintsha amanabukeni njengamanabukeni owasebenzisa uwalahle nokokusula umntwana izinqe. Kufanele uphathe ukudla okwanele kosuku, ngaphandle-ke uma umncelisa ibele. Ubhulankethi nezinye izingubo nokhilimu bokugcoba umntwana konke uyakudinga.
Uzohamba kanjani" Uma kungukuthi ibanga ozolihamba liyahambeka ngonyawo, kungcono usebenzise i-pram. Uma uya kude, kungcono usebenzise imoto yakho noma uthole umuntu ozokunika i-lift. Izinto zokuthutha zomphakathi azimlungele umama nengane encane.
Kanjani ngezinto zokufaka ingane" Ama-prams nama-strollers uma uya endaweni eseduze alungile, kodwa kungaba wumthwalo uma uya kude uzohamba ngezinto zokuthutha umphakathi. Ungasebenzisa imbeleko uma ufuna ingane isondele eduze kwakho.
Khumbula, uma uhamba ngemoto udinga i-car seat ukuze ingane yakho ihlale iphephe futhi ifakwe ibhande.
Okomama
nobaba....
Iqiniso noma inkoleloze:
Ngabe kuyingozi ukukhiphela ingane esanda kuzalwa emnyango"
Ochwepheshe base-www.babyparenting.about.com bathi akuyona ingozi ukukhiphela ingane yakho esanda kuzalwa emnyango, nakuba izingane ezisanda kuzalwa zisheshe zizwele emagciwaneni ngenxa yokuthi imizimba yazo isuke isenamasosha omzimba angakaqini. Qiniseka ukuthi ingane yakho igqoke ngendlela eyiyo kanti futhi ivikelekile elangeni. Gwema ukuba ilokhu ithintwa abantu abaningi. Iphathele nomunye ubhulankethi ozobhekana nokushintsha kwesimo sezulu.
Indaba yamagama
UKUKHETHA igama lengane akuyona into elula. Isinqumo osithathayo njengomzali sizoba nomthelela enganeni yakho impilo yayo yonke, kanti igama oyinika lona yilo elizokuba yisibuko sayo. Njalo abazali lokhu bakuthola kungumsebenzi onzima ngoba maningi amagama abangakhetha kuwona.
Ziningi izinto ezingaba nomthelela ekukhetheni kwakho igama. Ukwenza isibonelo, inkolo yakho yiyo engakuhlahlela indlela kulokhu, noma abemithombo yezindaba, noma amasiko omndeni.
Nazi ezinye izeluleko ezingakusiza ngokuqanjwa kwamagama...
ONGAKWENZA
Ukukhetha amagama amahle: Lolu wuhlobo olukade lwaba khona nolusazoqhubeka. Ukwenza isibonelo: Bongani, Lebogang, Thabang, Noxolo.
Bheka ukuthi libizeka kanjani: Ngisho ngabe ukhetha liphi igama, libize kakhulu ukuze uzwe ukuthi libizeka kanjani.
Bheka ukuthi iziqalo zamagama (initials) zinjani: Bhala phansi igama nesibongo bese ubheka ukuthi ama-initials awezwakali yini kabi.
Faka impilo egameni elidala: Ukushintsha i-spelling ukuze amagama azwakale efana. Ukwenza isibonelo, uma ukhetha elithi Eric, intombazane ungayiqamba ngokuthi u-Erika.
Awoqobo: Kufanele ubone ukuthi igama ngeke yini liyidalele uhlevane ingane emphakathini ekuhambeni kwesikhathi.
Bambelela ezimpandeni zakho: I-SA inezilimi eziningi zesiNguni ongakhetha kuzo lapho uqamba ingane yakho igama. Lawa magama, akuwona nje amagama kuphela, kodwa amele izimpande nesiko lengane yakho ngokweqiniso.
OKUNGAFANELE UKWENZE
Uma uqamba ingane yakho ngolimi ongalujwayele, qiniseka ukuthi uyazi lichaza ukuthini lelo gama. Xhumana nabantu abaningi abakhuluma lolo limi, ungazicabangeli ngokwakho ukuthi lelo gama njengoba libizeka kamnandi, kusho ukuthi nencazelo yalo yinhle.
Izinhlobo zezimoto, izimpahla ezisebenza ngogesi, kanjalo nosaziwayo yizinto eziphelelwa yisikhathi, ekubeni ingane yakho izophila nalelo gama impilo yayo yonke.
BONA ZULU - September 2007
nihlanganiselwe nguTHANDI NXUMALO
izithombe ngabeGALLO IMAGES
u
t
okwabazali
Fundisa abancane amakhono okuphatha imali
IZINGANE kungaba yinto enhle ukuzifundisa ngokuphathwa kwemali zisakhula ukuze zisizakale lapho sezikhulile. Into yokuqala okufanele uyifundise ingane yakho wukonga nokuyi "khulisa" imali yayo. Ithengele isikoqokoqo ezoyifaka kusona. Ingayifaka mhlawumbe ngamasonto noma ngenyanga - leyo eyiphiwe mhlawumbe izihlobo noma ogogo nomkhulu.
Ukukhuthaza ingane yakho ukuba yongele mhlawumbe ukuthenga ithoyizi, noma iTV game kuzoyenza ikwazi ukuba nomqondo wokuzibekela izinhloso efuna ukuphumelela kuzo empilweni.
Uma ingane yakho isiqonda kangcono ukuthi kusho ukuthini ukonga, usungaqala uyikhulisele leyo mali ngokuba uyivulele i-akhawunti yasebhange, ukuze ithole inzuzo ngokonga.
Yichazele ngomehluko phakathi kwento 'efunekayo' 'neyisidingo' - "Njalo kungcono ukonga imali kunokuba uyisebenzise ezintweni ongazidingi."
Ukufundisa izingane zakho lokhu kuzokusiza ekukuvikeleni ekutheni ungazithengeli izinto ezibizayo nezinhle ezingazidingi, ngaleyo ndlela kusizakale umndeni wonke.
Izingane kumele zilawulwe abazali, ngakhoke ziyeke zisho ezikufisayo uma sekuziwa kwibhajethi yasendlini.
Uma zicela into ebizayo, zitshele ukuthi uzozisiza ukuba zongele leyo nto imali. Uma kukhona ezikucelayo ezitolo, ziyeke zikhethe phakathi kokubeka imali noma ziyidle ngokuthenga mhlawumbe lelo thoyizi elincane. Ukubeka imali kwengane yakho kuzoyenza ibe nolwazi lwezibalo ifunde nelinye ikhono lokuphatha imali.
BONA ZULU - September 2007
Ubuzali yinto yabazali bobabili...
Okufunwa omama kobaba
Uma umama efika ekhaya nengane esanda kubelethwa, udinga ubaba ukuba amnike isikhathi sokuba alulame ngokomzimba nangokomoya.
Kukhona lowo muzwa wemvelo kunoma yimuphi umuntu ongumama ukuba anike ingane yakhe lonke uthando nokunakekela kulowo mntwana omusha. Lokhu akusho ukuthi mhlawumbe usehlubuke ubaba noma ezinye izingane. Ongumama omusha udinga lonke usizo nokwesekwa.
Okufunwa obaba komama
Obaba abasha baye bazizwe bengesiyo ingxenye yobudlelwane bukamama nengane, kodwa futhi nabo bayafuna ukuzibandakanya. Nakuba obaba abasha beqonda kahle kamhlophe ukuthi ingane ithatha isikhathi esiningi sikamama, nabo bayakufuna ukunakwa. Obaba kuyadingeka basize omama, kanti futhi bayakudinga ukwesekwa uma kukhona ubunzima ekunakekeleni ingane.[z]
BONA ZULU - June 2007
okwabazali
t
