zulu.1873.filler
BONA ZULU - January 2007
Ukuhlolwa kwamabele
3 izinto ezingaphephisa impilo yakho
BONKE abantu besimame kufanele bahlole amabele abo kanye ngenyanga noma bavakashele udokotela kanye ngonyaka ukuze bahlolwe.
Izindlala ezike zibe semabeleni azivamile ukudalwa wumdlavuza kodwa uma usheshe wahlolwa wathola nokwelashwa, umdlavuza unganqandeka kalula. Izindaba ezimnandi kakhulu ezokuthi ukuzihlola ngokwakho kuyinto elula kabi.
Amabele ungawahlola emva kokuya ezinsukwini zakho uma ungowesimame osemusha, noma uwahlole emva kokuphela kwesikhathi sokuya ezinsukwini zakho, bese uwahlola njalo ngenyanga. Akufanele usikhohlwe isikhathi sokuwahlola. Uma kutholakala indlala ebeleni, vakashela udokotela ngokushesha.
Izindlela ezintathu zokuhlola amabele:-
Step 1: Khumula okugqokile ume phambi kwesibuko ubheke ibele ngalinye ukuthi alinayo yini indlala ebonakalayo, ubheke ukuthi indlela isikhumba esibukeka ngayo ayinamehluko yini kokujwayele.
Gxila ezingonweni - bheka ukuthi azishonile yini phakathi noma azibukeki zinomehluko yini.
Phakamisa izingalo zombili ubheke ukuthi isikhumba asivuvukele yini noma asishonile yini phakathi.
Step 2: Lala ubeke umcamelo ngaphansi kwehlombe langakwesokudla. Beka isandla sangakwesokudla ngemuva ekhanda. Sebenzisa iminwe yangakwesobunxele, ucindezele ibele langakwesokudla. Qala ngaphezulu uzungeze ibele lonke ngisho nengono imbala. Yenza okufanayo ohlangothini lwesobunxele.
Step 3: Okokugcina, khama ingono ngayinye ubheke ukuthi akuphumi kungcola yini.[z]
Bonke abantu besimame bayawesaba umdlavuza wamabele kodwa udinga imizuzu embalwa njalo ngenyanga ukuze uqinisekise ukuthi uphephile kuwona
