zulu.1872.BEC recipes-tips
ISELULEKO SALE NYANGA
Ukunquma amanani
Njengomnini bhizinisi uwena okumele unqume amanani emikhiqizo yakho.
Inani olinqumayo = izindleko zakho + inzuzo
Dayisa umkhiqizo wakho ngamanani afanele. Uma uthatha isinqumo sokungakhokhisi kwezinye izindleko, kufanele wazi ukuthi yisinqumo ozithathela sona leso esiba yingxenye yokunqunywa kwamanani.
BHEKA USHICILELO LUKA-BONA OLULANDELAYO UTHOLE ISELULEKO SESITHATHU
BONA ZULU - October 2006
Ukumaketha ibhizinisi lasekhaya
UKUMAKETHA ibhizinisi lakho kusho ukukhangisa ngomkhiqizo wakho kulabo bantu ofuna ukubadayisela wona. Ngabe ukwenza kanjani lokho"
Xhumana nabangaba amakhasimende akho. Ungabashayela ucingo, noma nibonane ubuso nobuso, ukhangise ngalo usebenzise ama-business cards, iYellow Pages noma ukhangise ngalo emotweni.
Ukukhipha amakhadi ebhizinisi lakho (noma uwaposele kulabo osuxhumane nabo ngocingo) kusho ukuthi ungusomabhizinisi ozinikele. Usuke ungakahlomi ngokuphelele uma ungenalo ikhadi.
Kufanele ube nocingo oluqondene nebhizinisi lakho kanti uma unalo, ibhizinisi lakho liba sohlwini lwalawo akwiYellow Pages. "Njengoba behlale bekhona abantu ababheka amabhizinisi amasha, kungenzeka uthole amakhasimende," kusho omunye usomabhizinisi.
Uma ufuna ukukhangisa ngalo usebenzisa imoto, kuzokusiza ukuchitha isikhathi esiningi emgwaqweni. Ngabe awufuni ukuthi ikhasimende elingathokozile ngomkhiqizo walo libone isikhangiso sakho lithathe inombolo yakho yocingo"
Kucashunwe kwiSA Guide To Working From Home [z]
AmaRusks - amnandi nekhofi ...
Izithako
2 izinkomishi ufulawa omhlophe
2 izinkomishi i-wholewheat
bread flour
1/3 inkomishi Illovo White Sugar
1/2 i-teaspoon usawoti
2 ama-teaspoon i-baking powder
1 i-teaspoon i-cinnamon
1/2 inkomishi ibhotela
elincibilikisiwe
2 amaqanda
3/4 inkomishi i-buttermilk
2 ama-teaspoon i-vanilla essence
2 ama-teaspoon i-almond essence
Indlela yokwenza
1. Shisisa uhhavini ngo-200oC. Hlanganisa izithako ezomile endishini.
2. Hlanganisa izithako ezimanzi uzithele kwezomile. Govuza kuze kuthambe inhlama ifane neyamabhisikidi.
3. Beka inhlama endaweni evuvuzelwe ngofulawa. Yindlale ibe wugqinsi olungu-2,5cm.
4. Qoba kube yizikwele ezingu-5cm x 10cm. Bhaka kwehlukane ngo-5cm esitsheni sokubhaka esigcotshisiwe - imizuzu engu-25 kuze kuhlofozele kube nsundu.
5. Cisha uhhavini. Yeka ama-rusk ethreyini lokubhaka kuze kuphole uhhavini.
6. Ama-rusk abhakiwe kumele aqine ome. Wapholise uwafake esitsheni esivaleka ngci. (Ama-rusk ahlala efreshi isikhathi eside.)
BONA - October 2006
