zulu.186.yourlifeguide_askangie
Thola usizo
kumeluleki wezempilo
Isoka lishade omunye webandla
Dear Sis Angie: Ngineminyaka engu-22. Sithe sisathandana nesoka lami lavele lashada omunye umuntu.
Ngaliqonda ngalibuza lathi kungenxa yokuhlonipha imigomo yebandla nokudinga lishade nomuntu oyilungu lalo.
Sengilivumele ukuba libuye kodwa selishintshile, alisanginaki. Mina ngisalithanda. Ngicela usizo.
Petunia, Krugersdorp
Dear Petunia: S'thandwa sami, ngizwelana nawe ngokuba kulobu buhlungu usemncane kangaka.
Uthando lungaluhle lube nokunakekela kanjalo nokuvikeleka kodwa futhi lungaba nobuhlungu.
Ungadlula kule nkinga, kodwa kufanele uqale uzihlole ubone ukuthi uyamdinga yini empilweni yakho.
Khumbula, uma uhlala naye uzobeka impilo yakho engcupheni njengoba kukhona aya naye ocansini, adingida naye ezezimali zakhe kanjalo nathatha naye izinqumo.
Iseluleko sami wukuba uzihlangule kuyena. Yisikhathi sokuba uzinakekele ngokwakho ugxile kongakwenza nofisa ukuphumelela kukhona empilweni.
Ngiphila ngamanga
Dear Sis Angie: Ngingowesimame oneminyaka engu-45 onenkinga yokuqamba amanga.
Sengiqambe amanga kubangani bami nabantu engisebenza nabo ngempilo yami. Ngiqambe amanga futhi kubantu bebandla ngokuthi ngihlala kuphi nokuthi ngiziphilisa ngani.
Njengamanje sengithole owesilisa ongithandayo kodwa ngaqamba amanga kuye ngesimo sokushada phambilini.
Ufuna ukungishada kodwa manje ngiyesaba ngoba uzogcina elitholile iqiniso kwabomndeni wami. Ngicela usizo.
Bongi, KZN
Dear Bongi: Kuyacaca ungumuntu ophila ngamanga. Kuyimvelo ukuqamba amanga ngezinye izikhathi, kodwa okwakho sekufana nomkhuba ngoba yinto yansuku zonke.
Kukhona okukwenza uqambe amanga noma ungasathandi ngisho ngabe ungazi ukuthi umphumela walokho kungaba yini.
Sekuyisikhathi sokuba uwuyeke lo mkhuba ngoba uzolahlekelwa abangani, umndeni ngisho nomsebenzi wakho imbala.
Lo mkhuba mubi, udinga ukwenza noma yini ukuba uwuyeke - lokhu kubandakanya umkhuleko nokwelulekwa abantu abafana nomfundisi nodokotela ukuze uphume kulokhu.
Ngasothandweni, thembeka kumuntu wakho umtshele ukuthi ubuwesaba ukuveza ukuthi ubungakashadi eminyakeni onayo.
Uma esazimisele ngokuba nawe, ngicabanga ukuthi kufanele umchazele kabanzi ngomkhuba wakho wokuqamba amanga. Ngineqiniso ukuthi uzokusiza emizamweni yakho yokuyeka lo mkhuba.
Uma engakuxoleli, lokhu kuthathe njengesifundo somphumela wokuqamba amanga. Mhlawumbe kungakusiza kukwakhe uphile impilo yokwethembeka.
Inkinga yothando
Dear Sis Angie: Ngingumelaphi wendabuko oneminyaka engu-28. Ngithandana nowesilisa ongumfundisi ebandleni elingahambisani namadlozi.
Ngiyamthanda kanti namadlozi ami ayamemukela. Njengamanje ulindele ukuba sithole ibandla lethu. Angazi ukuthi kufanele ngenzenjani.
Mahadi, Boksburg
Dear Mahadi: Ngikholwa wukuthi njengoba amadlozi akho esamukela lesi simo kuchaza ukuthi kukhulu okuzayo.
Ngicabanga ukuthi ungaba ngumkamfundisi okahle oziqonda zonke izinhlangothi zempilo ehlukene.
Kujwayelekile ukuba sivivinywe ngezindlela ezehlukene. Sidlula ebuhlungwini, ekukhathazekeni nasekuqeqeshweni ngezindlela ezinzima lapho sizimisele ngokusiza abanye.
Mhlawumbe into yokuqala ongayenza wukuthola ukwelulekwa ngabeTraditional Healers' Organisation ku-16 de Villiers St, eGoli. Ungaxhumana nabo kule nombolo: 011-337-6177. [z]
BUZA KU-SIS ANGIE
Yeka amanga ngoba uzogcina ulahle-kelwe wumse-benzi
Write to:
Ask Sis Angie,
Box 473014, Parklands,
2121.
Qaphela:
USis Angie
akaqeqeshelwe ukuphendula izinkinga zezokwelapha.
USis Angie ungumeluleki ophendula imibuzo yakho nezinkinga
