ZULU.1868.world
UJomo nendodakazi yakhe uNyiko (kwesokudla).
UMHLABA WETHU
ABANTU BAKITHI
ISANGOMA EMNDENINI WAKWASONO
Izipho zokwamukela uNyiko ekhaya.
INDODAKAZI kaJomo Sono uNyiko isanda kwamukela ubizo lobungoma.
“Ngiziqhenya kakhulu ngaye,” kusho lesi sikhulu sebhola.
“Empeleni yimi okwakufanele ngibe ngumelaphi wendabuko njengoba ngaqanjwa ngomelaphi wendabuko omkhulu uMatsilele waseLimpopo Province,” kusho uJomo.
“Ngikholwa wukuthi amadlozi ami aba nofefe kimina ngokuba kuyimi engondla umndeni wami.
“Ngiyawabonga ngalokho ukuba angivumele ngiqhubeke nomsebenzi wami webhola nokuzibandakanya kwezamabhizinisi esikhundleni sokuba ngibe yisangoma,” kuqhuba yena.
UJomo uthengele indodakazi yakhe umuzi oyisipho endaweni yase-Orlando East nokuyilapho izoqhubela khona umsebenzi wayo wokwelapha. Kulapho futhi umcimbi wokuyamukela emva kokuphothula ubungoma waqhutshelwa khona.
UMolefi Sebatie nguye owathathela uBONA izithombe.
BONA ZULU July 2008
Ubaba womkhwenyana - uMike Mangena.
UMSHADO WOSAZIWAYO
UMSHADO WAKWAMANGENA
UMCULI ongumdlali wezithombe uLoyiso “Chippa” Mangena nesithandwa sakhe uGlodean Kenny basanda kubopha ifindo emshadweni wesintu owawusezingeni eliphezulu. ULoyiso uyindodana yowayeyisihlabani sebhola osengumhlaziyi wezebhola kwiTV uMike “Sporo” Mangena. Kosaziwayo ababeyizimenywa eziqavile singabala uJabu Hlongwane nomdlali wezithombe uLucia Cooper nabanye… izithombe nguSipho Mchunu.
UJabu Hlongwane ephahlwe ngu-Olebogile Mosimane noBonolo Nteo.
UKholi Hlongwane, Nozi Munebe, Theo Magasa, Bridgette Hlongwane noCatherine Mate.
Umhlaziyi wezebhola uMike Mangena ephahlwe ngomakoti bakwakhe uLungile (kwesobunxele) noGlodean, nendodakazi uSiyanda.
Umama kaLoyiso uMaveli Mangena ejabulela ukwamukela umakoti nomkhwenyana.
Abashadikazi abasha nendodana yabo uLoyiso Junior.
BONA ZULU July 2008
UMHLABA WETHU
Umama womkhwenyana uMaveli Mangena.

UMHLABA WETHU
INDABA ESEKHAVENI
Okwenzeka ningakuboni kuBONA
UBUCHWEPHESHE
HLALE UQAPHILE
Yilwa nobugebengu - ngeSMS
NJENGOBA sibonile oshicilelweni lokugcina, imiphakathi yakuleli iyahlangana ngenhloso yokulwa nobugebengu. Eminye yemizamo efana nalena ngeye-“eblockwatch.”
Lo mkhankaso wasungulwa ngu-Andre Snyman, ongumnini wenkampani yezokuthutha. Lolu hlelo lwakhe lusebenzisa ubuchwepheshe beSMS ukwexwayisa abakuleyo network ngobugebengu okungenzeka bube sezindaweni zabo.
Okwenzayo wukusayina kwiWebsite. Abayisebenzisayo babika izenzo zobugebengu nezinto abazisolayo ezingahambi kahle ezindaweni zabo ngokuthinta inombolo ethile.
Lo mlayezo udlulela kongumdidiyeli endaweni lapho ubugebengu bubikwe khona.
Umdidiyeli yena uthumela lo mbiko kwi-network yakhe ngendlela yeSMS.
Amaphoyisa nawo ayaziswa ngalokhu. Olunye usizo olutholakalayo lubandakanya inkinobho yesimo esiphuthumayo se-eblockwatch ekwenza ukuba ukwazi ukushayela inombolo obathinta kuyona ngqo kanjalo nabangani bakho abane bathole amaSMS abatshela ukuthi udinga usizo.
■ Thandi Zulu
BONA ZULU July 2008
NGESIKHATHI uKB efika estudyo sethu ezothwebulela ikhava yale nyanga, wafika efa wumkhuhlane - kodwa ezimisele ngokuba siqhubeke ebonakala ukuthi usemdlandleni.
QHAKAZA
KULOBU BUSIKA
QHAKAZA ngeziphaqulo zakho zamehlo ngalobu busika ngokusho - kukachwepheshe wezinwele neziphaqulo uFaith Seuoe. Njengoba nimbona uLira ukuthi uqhakaze kanjani ekhaveni ye-albhamu yakhe - lowo ngumsebenzi kaFaith.
Ukuze abukeke ngalolo hlobo ezikhiphile ebusuku, uFaith wenza iziqhomo zakhe zacwebezela wafaka nombala esebenzisa i-dark pink blush enokusagolide ngaphezulu. Emehlweni wahlanganisa i-marine blue shadow kanye ne-turquoise, emva kwalokho wagcoba i-make-up glitter ye-E. Funkhouser. Wasebenzisa i-gloss eningi ezindebeni ukuze zibukeke zinsundu futhi sengathi zinkulu.
ISELULEKO: Ukuhlanganisa okubomvana kwi-lip gloss yakho kwenza amehlo akho abukeke emhlophe qhwa.
IZELULEKO
UNDIZELA KWELENYONI
BHEKA LOKHU
SISONDELA KU-2010
IMISEBENZI EPHOLILE
Imidlalo yeWorld Cup ka-2010 ishintshe impilo yowesimame…
NGESIKHATHI esemncane uZoliswa Gila wayenesifiso sokuba ngumshayeli wamabhanoyi kodwa ngokwentuleka kwezimali akakwazanga ukuba aqeqeshelwe lo msebenzi. Ngalezi zinsuku iphupho lakhe ngomsebenzi wakhe omenza abuke iCape Town ephezulu kwelenyoni lifezekile.
UGila ngowesimame kuphela oyi-crane operator oshayela eminye yale mishini ephambili kwengu-17 yenani lika-R8-million esetshenziswa ekwakheni inkundla iGreen Point Stadium emumatha abantu
abangu-68 000.
Umsebenzi wakhe wenza andizele endaweni ephakeme ngo-80m ukusuka emhlabeni.
Ungumzali oshadile ohlala emijondolo yaseSamora Machel ngasePhilippi kanti lo mama oneminyaka engu-33 wahlula abangu-200 iningi labo okwakungabesilisa ababegaqele lo msebenzi waqeqeshwa abakwaMurray And Roberts izinsuku ezingu-21 ngaphambi kokuba aqale ukusebenza enkundleni ngoJuly ngonyaka odlule.
Nakuba ayezesaba izindawo eziphakeme, ukulangazelela kwakhe ukuthola lo msebenzi kwaluqeda lolo valo.
I-crane inekhomphyutha, i-air conditioner, ama-heater, umsakazo kanye nomshini axhumana ngawo nabanye abasebenzi kanti uZoliswa ukhuphuka u-80m eya ehhovisi lakhe esibhakabhakeni. Umsebenzi awenzayo umphethe kahle ngoba njengamanje isisindo sakhe singu-85kg.
U-Pieter Cronje okhulumela u-2010 eCape Town uthi bangaphezulu kuka-2 000 abaqashwe eGreen Point, kanti uZoliswa ungomunye walabo abasizakele ngokwakhiwa kwale nkundla.
■ Brenda Nkuna/WCN
NJENGOBA amaholidi esikole esefikile, kungani ningathathi uhambo ningumndeni niyobheka ukuqhubeka kokwakhiwa kwenkundla yebhola entsha ka-2010 iMoses Mabhida stadium eThekwini (esithombeni kwesobunxele) - ubone kwi-video ukuthi le nkundla lapho isiphelile izobukeka kanjani. Ungangena endaweni yokungena yenkundla endala ku-Walter Gilbert Road, usuka kuMngeni Road nokuyilapho kukhona isikhungo sabavakashi esivulwa kusukela ngo-8am-4pm ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu; ngoMgqibelo kusuka ku-8am-1pm.
Ungaya eGreenpoint Stadium eCape Town kodwa kuzodingeka ukuba ukhokhe R40 abantu abadala, no-R20 izingane. Shayela kule nombolo ethi: 021-430-0410 ukuze uthole eminye imininingwane nezikhathi zokuvula.
■ Patricia McCracken
BONA ZULU July 2008
UMHLABA WETHU
UMHLABA WETHU
ISILILO
SIKHUMBULA UVUYO
SONKE sasala sidumele kwaphela amazwi ngesikhathi sizwa ngokufa komunye wezihlabani zakuleli zomculo wokholo uVuyo Mokoena ngoLwesihlanu mhlaka 23 May.
Wakhulela eDuduza kanti waqala ukucula neqembu iMelodi eSprings ngaphambi kokujoyina iPure Magic ngeminyaka yo-1990. Njengomuntu owayecula phambili eqenjini wagcina eqophe ama-albhamu ayishumi neqembu lePure magic.
Useke wacula ngokubambisana noRebecca Malope, Jabu Hlongwane (weJoyous Celebrations) neqembu likamaskandi Izingane Zoma.
UMokoena ushiye umkakhe weminyaka eyisikhombisa uTebogo Mokoena nezingane ezine.
Thina lapha kwaBONA, sithanda ukuzwakalisa amazwi ethu enduduzo emndenini waleli qhawe, ozakwabo nabalandeli bakhe.
Sithi ulale kahle Vuyo Mokoena, siyobuye sibonane kwelizayo. Siyokukhumbula ngezingoma ezifana nezithi Avuleka Amasango nethi Ngobekezela….
■ Steven Makhanya
BONA ZULU July 2008
OWINILE
SIYABONGA, BONA!
Umbiko womunye wethu owine umncintiswano
“Igama lami ngingu-Ennie Skhosana ngiliqhamukisa eBenoni. Ngithanda ukubonga uBONA ngokungiwinisa kweminye yemincintiswano yakhe ngakwazi ukuba mina nomndeni wami ngibone iTheku. Njengoba nani nizibonela esithombeni, salithokozela iholidi lethu eThekwini…”
IKHILIKITHI
ISIFIKILE
I-BAKERS Mini Cricket kuyo yonke le minyaka engu-25 ibilokhu ibuyisela emphakathini ngokusebenzisa imidlalo yekhilikithi emazingeni aphansi ngokuba bahlanganise zonke izingane zezinhlanga ezehlukene.
NgoMay 16, 2008, abeBakers Mini Cricket bagubha iminyaka engu-25 bezibandakanye kwezemidlalo ngokuzama ukwephula irekhodi le-Guinness World Record ngesibalo sezingane ezadlala ikhilikithi ngesikhathi esisodwa ezindaweni ezingu-8 eSouth Africa. Bheka umdlalo wamahhala webhodi labeBakers Mini Cricket oshicilelweni luka-August 2008.
ISIHLABANI SEBHOLA ESICULAYO
ABANTU BAKITHI
… ngabe yisihlabani sebhola noma ngumculi? Zisholo wena, uPule ubuye ngezinkani
NGABE uJabu “Pule” Mahlangu wenzani kulezi zinsuku? Isizathu esenza sibuze lo mbuzo wukuthi uma ufunda okushiwo amaphepha ungaze ucabange ukuthi uyahlupheka akanamali, ushiywe ngunkosikazi nabangani…
Ngokusho kwakhe kubukeka sengathi akukho okuliqiniso. Wayekhathazekile ngesikhathi iPirates ingayivuseleli inkontileka yakhe, kodwa manje usebuyile njengoba esengene emkhakheni omusha - njengomculi we-kwaito.
“Ngiyakuthanda ukucula kangangoba kudala ngazi ukuthi ngizochezukela kuwona,” kusho yena.
“Abantu kufanele bafunde ukusebenzisa wonke amakhono abo isikhathi sisekhona njengoba nami ngenza lokho,” kusho yena.
Kwelokulahlwa wumndeni wakhe, le nsizwa eneminyaka engu-28 enguyise wezingane ezintathu ivele yahleka.
“Ngiyamthanda unkosikazi wami. Sizimisele ukwenza umshado wethu uphumelele,” kusho yena.
“Sinendawo yethu eBuccleuch nomkami usebenza njengePA.”
Umculo ngeke uthathe uthando lwakhe lwebhola. UMahlangu uthi usengaqhubeka nebhola eminye iminyaka engu-7 noma engu-8.
■ Steven Makhanya
ITHALENTE ELISHA
UNEKHONO
U-VALERIE
I-PROJECT FAME yenze ukuba uValerie Wairimu oneminyaka engu-24 ofunda eDaystar University eNairobi awine inkontileka yeminyaka emithathu yokuqopha kwaGallo Record Company eSA kanti usekhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi Baisikile.
Ngabe useyikhohliwe imvelaphi yakhe?
Umbuzo abawubuzayo eKenya lowo ngoba uValerie uyeke ukucula umculo oculwa kwelakubo obizwa nge-genge noma nge-kapuka, ofana ne-rap ne-kwaito. Kodwa yinye into ayizuzile uValerie kwiProject Fame, wasabalalisa umqondo wakhe.
Uthi wakhetha lolu hlobo lomculo we-rumba ne-Afrofusion awushaya ngesiNgisi nangesiKikuyu, isiZulu (ukwenza isibonelo kwethi Luyaph’ Uthando, ayibhala noTheo Kgosinkwe weMafikizolo) nesiSwahili nesiLuganga okuyizilimi zase-East Africa neSpanish kwezamazwe omhlaba.
■ Patricia McCracken
BONA ZULU July 2008
UMHLABA WETHU
UMHLABA WETHU
EZEBHOLA
UMDLALI
wonyaka
IQEMBU lakhe noma lingenzanga kahle kulo nyaka kodwa uTeko Modise wenza ezibukwayo waklonyeliswa ngemizamo yakhe ngesikhathi ehlomula ngePSL Footballer Of The Year Award. Abanye abawina yilaba: U-Elias Pelembe weSuperSport United (ABSA Player Of The Season), Itumeleng Khune weKaizer Chiefs (Player’s Player neGoalkeeper Of The Season) noMusa Otieno weSantos (Chairman’s Award).
▲Teko Modise.
AMA-MOVIE
Bukela eyeBhayibheli
BONA ZULU July 2008
IFILIMU entsha engundaba-mlonyeni emhlabeni izokwethulwa eSA ekupheleni kukaJune kanti umlingiswa osemqoka kuyona nguPauline Malefane owayedlala kuCarmen eKhayelitsha, iDimpho Di Kophane theatre troupe nekhwaya. Isihloko sayo sithi Son Of Man kanti ikhuluma ngoJudea waseMzansi ne-Africa oshumayela ngenkohlakalo nosindiso e-Africa.
Kule ndawo kudlange indlala nokuhlukana kwamabandla.
Ukuhlangana kwezizwe ezakhelene ngenhloso yokwakha “ukuthula” kwenza kuchitheke igazi kubulawe abantu. Usizo lugcina lutholakele ngokuzalwa kwengane ezalwa wumndeni ompofu – yagqugquzela abantu ukuba bayeke udlame babe munye kanti imizamo yokuyi “gudluza” ayizange iphumelele.
Le filimu yabhalwa njengoCarmen, ibhalwe ngesiXhosa izithombe zayo zathwetshulelwa eKhayelitsha nase-Eastern Cape.
■ Patricia McCracken
▲Musa Otieno.
▲Itumeleng Khune.
UMHLABA WETHU
EZASE-
AFRICA
KUBUKEKA sengathi elase-Abuja lizojoyina amazwe omhlaba emva kokumemezela ukuthi kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo enezitezi ezingu-50 kule ndawo. Kodwa kukhona abangahambisani nalokho.
“Iningi labavakashi libona imigwaqo emihle namahhotela amaningi e-Abuja, kodwa le ndawo ibeka isithombe okungesona ngeNigeria,” kubhala elinye iphephandaba.
Elase-Abuja lifile, kuqhuba iphephandaba. “Sinenkinga kagesi, udoti awuthuthwa, izingxenye zaleli dolobha zinuka iphunga lendle elingabekezeleki. Izindawo ezisemaphethelweni aleli dolobha zisikhumbuza okwakwenzeka kudala. Abantu bahlala ezindaweni okungeke kuhlale kuzona ngisho nezilwane. Abantu abanamanzi, abanagesi, abanamigwaqo nokokuthutha kuyinkinga.”
UHLELO lweNepad lwamabhizinisi olubizwa nge-e-Schools oluzosatshalaliswa kulo lonke elase-Africa lwamenyezelwa emhlanganweni owawuseKempton Park. I-e-Schools ihlose ukuba kufundwe i-Information and Communication Technology (ICTs) ukuze kuphuculwe ezemfundo nokufundisa ezikoleni ezingama-primary nama-secondary e-Africa abafundi banikwe ithuba lokuhlomisana ngolwazi nangezomnotho.
Amazwe ase-Africa ayingxenye yomkhankaso we-e-Schools abandakanya elase-Algeria, Burkina Faso, Cameroon, Egypt, Gabon, Ghana, Kenya, Lesotho, Mali, Mauritius, Mozambique, Nigeria, Rwanda, Senegal ne-Uganda. Izikole zinama-computer laboratory anamakhomphyutha angu-20, i-server ne-network, ama-scanner, ama-whiteboards nama-printer.
Inhloso ngqangi yayo wukwethula lolu hlelo ezikoleni ezingu-600 000 ezwenikazi lase-Africa eminyakeni engu-10 kuya kwengu-20.
BONA ZULU July 2008
ZINGAPHEZULU kuka-600 izibhamu ezalethwa abantu ngokuthanda kwabo esifundazweni saseHuila njengengxenye yohlelo lokuqedwa kwezikhali kuleli lizwe.
UMUSO Paul Mbugi wa Mbogo weRadi Cultural Group uthi unesu lokuletha ukuthula ezweni lethu. Leyo yindlela yokusebenzisa ama-“talking drums” ukuhlanganisa izinhlanga ezehlukene esebenzisa ulimi lomculo.
UMCULI wodumo uFeliciano dos Santos usanda kuwina iGoldman Environmental Prize ngokusebenzisa isithunzi sakhe sangokomculo ukuqwashisa umphakathi ngempilo, amanzi nangezithinta iHIV/Aids.
“Ngaqala ngasebenzisa umculo ngesikhathi ngibona ukuthi uyindlela enhle yokwedlulisa umyalezo nokuhlanganisa abantu,” kusho uSantos etshela abeBBC News.
Ngo-1992 emva kokusungula ibhendi yakhe ebizwa ngeMassukos, i-Unicef yayinohlelo lokukhuthaza ukwakhiwa kwezindlu zangasese zikakhonkolo. “Sathatha isinqumo sokukhipha ingoma eyayikhuthaza ukwakhiwa kwazo eyayinalama gama: ‘Mothers, listen to me; grandmothers, listen to me, she doesn’t listen to me. The slab is so good; the slab is easy to clean’.”
Ngenxa yaleyo ngoma, sakhuphuka isibalo sababefuna ukwakhelwa lezi zindlu, lolu hlelo lwagcina lungasakwazi ukwakhela bonke ababezifuna.
Ngokwe-UN, uhudo lubulala abantu abangu-1,8 million ngonyaka.
