zulu.1102.yourstyle_teen
IFESHINI YENTSHA
UKhanyi Mbau
Usikhombisa izimpahla zakhe zokugqoka ezibizayo
1. Into ebiza kakhulu kunazo zonke
kwi-wardrobe yami...
Ingubo yami yeLouis Vuitton. Ibiza R250 000 ngeyakwaSoho eNew York. Inama-strap egolide emahlombe.
2. Izindawo engithenga kuzo...
Noma iyiphi enezinto zekhwalithi. Kodwa ngivame ukuthenga eRobot nasezitolo zezimpahla zakudala ezifana noReminisce eMelville.
3. Ngizizwa nginethezekile...
Kuma-tights, amabhulukwe alula nakuma-t-shirts. Angiwathandi ama-jeans - ayasinda kanti uma kushisa ayashisa, uma kubanda ayabanda.
4. Ngalobu busika...
Ngizoshaya ama-boots ami nejakhethi e-brown. Nginamajazi amaningana futhi engiwathandayo.
5. Angikaze...
Ngishaye isiketi esinamapuliti - ngeke ngisho bangangikhokhela.
6. Angiphumi ekhaya ngaphandle...
Kwe-handbag yami ngoba iyona ephethe impilo yami. Njengoba ngingumama ngithanda izikhwama ezinkulu engizokwazi ukufaka kuzo namanye amanabukeni, izingubo zomntwana wami nezinye izinto.
7. Iqhawekazi lami lefeshini...
NguVictoria Beckham!
8. Umbala engiwuthandayo...
Ngo-cerise pink.
9. Ifeshini ichaza ukuthini kuwe...
Into engiyithanda ngoba ingifanela, kanti futhi kuningi abakubonela kimina eMzansi.
10. Uma kukhona umuntu ogqoke njengami emcimbini, ngingavele...
Ngishone emotweni ngifake okunye kwengihlale ngikuphethe. [z]
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izithombe: Peter Whitfield
