ZULU.1010.free 4 u
16 AMAHAMPA
Qhakaza kalula
KwaShoprite uthola okukahle ochungeni lwabo lwegrosa kanti banemikhiqizo oyikhonzile yezempilo nokunakekelwa kwesikhumba. Okudingayo ukuthola ngamanani aphansi ngoba ufanelwe okuphambili.
UBONA unamahampa angu-16 emikhiqizo yezobuhle abiza R250 ophisana ngawo. Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini emhlane we-postcard uyithumele
kuleli kheli: BONA/Shoprite Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe igama elithi SHOPRITE ku-35919.
(I-SMS ngayinye ibiza u-R3.)
33 AMAHAMPA
Okokunakekela izinwele
Njengoba ubusika sebufikile, kumele sisebenzise isiswakamisi esizovikela isikhumba – kodwa sithini ngezinwele zethu?
I-Blue Magic Conditioner Hair Dress, eyenziwe nge-petrolatum, iyazithambisa ngaphandle kokuzimanzisa izinwele, izicwebezelise, zibukeke zinempilo izivikele ukuze zingaphuki.
I-Blue Magic Bergamot Hair
And Scalp Conditioner iqeda ukoma kwezinwele, ukubaba kwazo, isize ekulweni nenkwethu, izithambise, zikameke kalula, ayinamafutha kanti ilwa nokuphuka kwazo.
UBONA unamahampa angu-33 aneHair Dress neScalp Conditioner, ikapisi nepeni okubiza R120 kukunye ophisana ngako. Thumela igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini emhlane we-postcard kuleli kheli: BONA/Blue Magic Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe igama elithi BLUEMAGIC
ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza uR3.)
BONA ZULU – June 2006
Imititilizo
Usuku lokuvala:
30 June 2006
10 AMAHAMPA
Okwe-movie
KwiMission Impossible III uTom Cruise ubuya eseyiSpecial Agent esingu-Ethan Hunt onomsebenzi okumele awenze. Kuningi okungajwayelekile kule-movie kaJJ Abrams ongumqondisi weLost edle ama-billion ama-dollar.
Njengengxenye yokugubha ukukhishwa kwale movie yesithathu kulolu chunge, uBONA unamahampa angu-10 abiza R315 iyinye anekapisi, i-poster ye-movie, i-web camera ne-flash pen ophisana ngako.
Bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo kwi-postcard uthumele kuleli kheli: BONA/Mission Impossible Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma uSMSe igama elithi MISSION ku-35919. (I-SMS ngayinye ibiza uR3.)
20 IZINCWADI
Funda ngeYouth Day engomhlaka 16 June
Intsha izothola ulwazi oluningi ngezinsuku ezibalulekile emlandweni waseSouth Africa kwiYouth Day June 16 (eyashicilelwa ngabakwaJacana) okuyincwadi yokuqala ekhishwe ochungeni lwe-Exploring Our National Days.
UBONA unamakhophi angu-20 eYouth Day June 16 ebiza u-R150 iyinye ophisana ngawo kubantwana besikole. Bhala (ngamagama angaphansi kwangu-100) usho ukuthi iYouth Day isho ukuthini kuwena ubhale neminyaka yakho, igama, ikheli nenombolo yocingo uthumele kuleli kheli: BONA/Youth Day June 16 Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060. [z]
ka-
R14 000
BONA – August 2005
