zulu.185.ster kinekor
WINA! WINA! WINA! WINA! WINA! WINA!
AMATHIKITHI E-MOVIE AMAHHALA!
Kanye nama-popcorn neCoke
– konke kukaR47 000
UBONA nabakwaSter-Kinekor Distribution banika abafundi ithuba eliyingqayizivele lokubona i-Akeelah And The Bee ngaphambi kokuba ikhonjiswe umphakathi.
NINI?
NgoLwesine, 31 May, 2007,
8 kusihlwa
KUPHI?
Gauteng East: Eastgate, Cine 10
Gauteng West: Cresta, Cine 9
Gauteng West: Westgate, Cine 6 Pretoria: Sterland, Cine 1
KZN: Gateway, Cine 8
KZN: The Wheel, Cine 1
Cape: Cavendish, Cine 8.
INDLELA YOKUTHOLA ITHIKITHI LAKHO LAMAHHALA
Shayela inombolo yakwaTicketline ekuleli khasi. Uzonikwa i-reference number. Yibhale ngezansi “ethikithini le-movie”, lisike ulifake esikhwameni sakho. (Kufanele uveze le nombolo ukuze uthole amathikithi akho e-movie angempela, ungayilahli!)
AbakwaTicketline bazokubuza igama lakho ngoba umuntu ngamunye uzowina ithikithi elilodwa okuzongena ngalo abantu ababili.
INDLELA YOKUTHOLA I-COMBO-PACK YAKHO YAMAHHALA
Uma uveza i-reference number oyinikwe abakwaTicketline kuleyo ndawo oyikhethile (bheka uhlu), uzothola ithikithi lakho kanye nevawusha yeCoke nama-popcorn mahhala.
TICKETLINE: 082-
167-89. (Le nombolo izoqala ukusebenza kusukela mhlaka 21 May kuya ku-29 May, 2007 ukuze ubhuke.)
AKEELAH AND
THE BEE
Abadlali: Laurence Fishburne, Angela Bassett, Keke Palmer noCurtis Armstrong. Isexwayiso: PG (inolimi oluqosheme).
Le filimu emnandi ixoxa ngo-Akeelah Anderson (Keke Palmer), oneminyaka engu-11 oliqhamukisa eningizimu yeLos Angeles oyiciko lokukhuluma.
Phezu kokuba umama wakhe uTanya (Angela Bassett) engafuni ukuba u-Akeelah angenele imincintiswano yokupelwa kwamagama eyayenziwa nguDokotela Larabee (Laurence Fishburne), uthishanhloko wakhe uMnuz Welch (Curtis Armstrong) nezakhamizi zangakubo, u-Akeelah wayeyingenela.
Ikhono lika-Akeelah lamnika ithuba lokungenela iScripps National Spelling Bee kanti lokho kwasiza ngokuba kube khona ubumbano kubantu bangakubo ababona isibindi nokukhalipha kwentombazana esencane.[z]
l Izobonakala emaCinema ngomhlaka 1 June 2007.
BONA ZULU – June 2007
2 Movie Tickets
for
Akeelah And The Bee
on 31 May 2007 at 8pm
Ref no: .......................................
Cine venue: ...............................
BONA – August 2005
