zulu.1852.Missing
BONA – August 2005
100 BONA – August 2005
Ufuna ukuxhumana nomngani okade nadukelana naye noma ilungu lomndeni? Sithumelele imininingwane yabo, mhlawumbe singakusiza sikufunise. Bhalela kuleli kheli: BONA/Missing, Box 32083, Mobeni, 4060. Ungakhohlwa wukusipha igama nekheli lakho futhi.
UMamazi Catherine Mathambo wagcina ukubonakala ngo-2002. Kukholakala ukuthi useThekwini. Xhumanani noGasela G. Mathambo, Basiea Store, Box 4740, Maluti.
Ubaba uBonginkosi Christopher Tshabalala, umama wami wagcina ukumbona ngo-1993 nginonyaka ngizelwe. Wayehlala eSprings abazali bakhe behlala eSoweto. Xhumanani noSamantha,
cell: 073 3318 925.
ULenadi Buthelezi ufunwa yingane yakhe uZwelakhe. UngowaseMahlabathini KwaZulu Natal kanti wayehlala ePretoria kwaLayna Xaba. Xhumanani noNonhlanhla A. Majola, 3586, Kriel, 2271;
cell: 072 5677215.
UGoodness Thembi Mbhele nendodana yami uSimanga Nqcamphalala, esagcina ukuzwa ngabo ngesikhathi behlala KwaMashu M.407 Tsheketshe Road ngo-1996.
Xhumanani noPhillip B. Nqcamphalala, Box 202, Nsoko L.3113, Swaziland.
UVeliswa Emma Mbelwa, udadewethu owanyamalala ngoNovember 1992 washiya izingane zakhe ezimbili. Kunamahlebezi okuthi washona, ngakhoke ngithanda ukwazi ukuthi kwenzekani ngaye, nokuthi ithuna lakhe likuphi uma ashona ngempela ukuze nami ngikhululeke. Xhumanani noNomhle Beauty Mbelwa, 106 Ibika Township, Butterworth, 4960;
cell: 073-193-9899.
UMoses Saul wagcinwa ukubonwa eNewcastle. Xhumanani noS Nkompela,
ucingo: 021-557-7473.
Umama uMerrian Matlola ufuna ukufuniswa ubaba wami engatshelwa ukuthi nguJoseph Mashaba, mina angimazi.
Xhumanani noFreddy Matlola, cell: 076-161-3584 noma 073-195-4966.
Ubaba uSimon Sukude, wangishiya ngineminyaka eyisikhombisa. (Ngazalelwa eSorfliet, Bronkhorstspruit.)
Xhumanani noVictor Viyo Sukude,
cell: 072-855-1645 noma 072-352-5800.
UThozama Mbewu esahlangana naye eKatlehong ngo-1996, kanye nendodana yethu. Ikhaya likababa wayo liseMount Frere kanti ngikholwa wukuthi kungenzeka uhlala no-anti-wakhe eThembisa ePhomolong Section eKatlehong. Ngiyabathanda bobabili ngithanda ukuba bangibhalele noma aye ekhaya nendodana yethu. Xhumanani noSkhumbuzo Dlamini, P/No. 202740070, Leeuwkop Maximum Prison, Private Bag X02, Bryanston, 2021.
UNokuthula Makhathini owayehlala ePiet Retief, umama wakhe uSiphiwe Mavuso ohlala eBlock G69 Ntuzuma, KwaMashu, 4360 uyamfuna.
Xhumanani noHerminah,
cell: 073-511-8743 noma 073-510-6238.
Umngani wami uSindiso Mhlomi waseQumbu esagcina ukubonana naye eGcisa High School ngo-1986.
Xhumanani noFungile Bulawa, cell: 073-384-7069.
UWinston Msoma ongubaba wami, ngagcina ukuzwa ngaye ngesikhathi eseRustenburg.
Xhumanani noRichwell Msoma,
ucingo: 09263-9-175-8529 noma 09263-9-197-7737 (Bulawayo), e-mail: richwellmsoma@yahoo.co.uk [z]
Izihlobo Ezidukelene
BONA ZULU – May 2006 101
