zulu.1848.lebotrib
Wasebenzisa ithalente lakhe ukukhuthaza nokuthuthukisa ukuhlonishwa kwamasiko nomculo wase-Africa
BONA ZULU – December 2006
Hamba Kahle Lebo!
indaba nguPAT LIGARIS
INGOZI eyenzeka ekuseni ngovivi kunguMsombuluko womhlaka 23 October yashaqisa abaningi yaphuca izwe laseSouth Africa isihlabani soqobo kwezomculo uLebo Mathosa. ULebo nomshayeli wakhe bagingqika ngemoto yakhe iToyota Prado emgwaqweni ongu-N3 eduze kwaseGermiston, emva kwalokho yashayisa isihlahla - ngokusho kukaKobeli Mokheseng owayekhulumela amaphoyisa eMetro.
NgokwabeSAPA, kwathi lapho lezi zindaba zizwakala yaqala yangena ingenile imiyalezo yenduduzo yokulilela lo mculi obeneminyaka engu-29.
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uPallo Jordan wachaza uLebo, “njengomunye wabaculi abayisibani esiqhakazile endimeni yesizukulwane somculo we-kwaito nomculi osebenzise impilo yakhe, ithalente nomsebenzi wakhe ukukhuthaza nokuthuthukisa ukuzigqaja, nokuhlonipheka komculo wase-Africa, umdanso, ifeshini, amagugu, ezobuciko namasiko.”
ULebo wayenobudlelwane obuhle kakhulu ne-ANC Youth League, ngokusho kukaZizo Kodwa we-ANCYL.
“ULebo ubengumculi omangalisayo nathi siwuthanda kakhulu umculo wakhe esivuselela nangekhono lakhe ekuthuthukiseni umculo wakhe, kusho uPat Lebenya-Ntanzi we-IFP Youth Brigade.
UMathosa waqala ukuduma ngo-1994 eqenjini leBoom Shaka. Wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ecula ngayedwana ngo-2000.
Umshayeli wakhe wasinda kule ngozi walashelwa ukwethuka khona endaweni okwenzeka kuyo ingozi.[z]
BONA – August 2005
