zulu.1847.soccer1
Usufikile…!
Umqhudelwano wendebe yomhlaba wethembisa ngomjiko nebhola eliphezulu – leyo i-Germany 2006!
Ifayineli iyoshaywa lapha eBerlin Olympic Stadium.
AKUSHIWO mahhala ukuthi lona ngumqhudelwano omkhulu kunayo yonke emhlabeni owedlula ngisho imidlalo yama-Olympics nothokozelwa yingxenye enkulu yabantu njalo emva kweminyaka emine.
Yisikhathi seWorld Cup futhi kanti nakulena ungalindela ibhola eliphezulu njengoba kuhlale kunjalo.
Namanje sekuphindile ukuba amaqembu amazwe angu-32 ahlangane kulo mqhudelwano womhlaba webhola.
Amathikithi alo mqhudelwano waseGermany adayiswa aphela eminyakeni emibili eyedlule - kodwa futhi kukhona ama-billion ababukeli abazobuka le midlalo kwiTV.
Kulo mqhudelwano mahlanu amaqembu aqalayo ukungena - amathathu awase-Africa. Kodwa ekugcineni kubukeka kuzoba yizinkunzi ezijwayelekile ezizokhiphana amakhizana.
Oshampeni balo mqhudelwano abavikela le ndebe iBrazil nomakhelwane babo baseSouth America i-Argentina yiwona maqembu ayizimfivilithi nakuba ezobhekana nomqansa wenselelo yamaqembu akwelase-Europe.
I-France, England, Italy neSpain amazwe asazakhela igama ebholeni kanti nezwe okudlalelwa kulo lo mqhudelwano ngeke silibukele phansi nakuba belithanda ukulahlekelwa yifomu yalo kamumva nje.
Kungenzeka ukuba inselelo enkulu yeBrazil ne-Argentina iqhamuke emaqenjini afana noCzech Republic, Portugal, neqembu lamaDutch elinabadlali abasebancane.
Nezwe lase-Africa linelikhulu ithemba lokukhombisa ukuthi liphetheni nakuba kuyi-Cote d’Ivoire neGhana esingathi banabadlali abanethalente elimangalisayo okungenzeka baye bafinyelele ezigabeni zokugcina zalo mqhudelwano.
I-USA neSouth Korea, abafinyelela kuma-semi-final ngokwedlule, ngeke nabo sibathathe kancane.
Abadlali ababoshelwe kulo mqhudelwano abadume umhlaba wonke kanjalo nabaningi abazosebenzisa leli thuba ukuzibonakalisa emazweni omhlaba.
Ngempela ayikho into eyofana neWorld Cup… [z]
BONA ZULU – June 2006
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeGETTY IMAGES/TOUCHLINE PHOTO
Umqhudelwano omkhulu emhlabeni!
Ababili okumele babhekwe
Abadlali abaningi asebephumelele kuvame ukuba bakhule behlupheka njengabaphezulu base-Africa asebedlala phesheya.
UKaka we-AC Milan wazalelwa eBrasilia kanti ikhono lakhe selenze abaningi bambiza ngokuthi yi“boy genius from Brazil”.
UKaka, noma uRicardo Izecson Santos Leite njengoba aziwa, akuthathanga isikhathi eside ukuba athathe amehlo abaningi eqala ukudlalela iSao Paulo.
Washaya amagoli angu-22 emidlalweni yeligi engu-56 nokwalandelwa wukusayiniswa yiMilan.
UPele wamchaza ngokuthi “kumanje ungomunye wabadlali abaphambili emhlabeni.” UZico ngaye uthi “ngaphandle kokungabaza, ungomunye wabadlali abaphambili asebake bavela eBrazil” kanti futhi umlinganisa nokapteni weBrazil uSocrates ngeminyaka yo-1980.
UDidier Drogba weChelsea ukhombisa elikhulu ikhono ebholeni.
Wazalelwa enhloko-dolobha yase-Ivory Coast i-Abidjan, kodwa wahamba wayohlala eFrance eneminyaka emihlanu. Umalume wakhe uMichel Goba wayengumdlali webhola ku-second division eFrance. UDrogba wahlala naye ngoba ubaba wakhe wayefuna ukuba afunde eFrance.
UDrogba wadlala ngaphansi kweLevallois esemncane ku-second division neLe Mans cishe amasizini amane.
Wasayiniswa yiGuingamp ngasekuqaleni kuka-2002 kanti washaya igoli emdlalweni wakhe wokuqala bedlala neMetz. Waphinde wathola amanye amabili kuphela kuleyo sizini nakuba wayeseqale imidlalo eyisithupha ngaphambi kokuba adlaliswe njalo ngesizini ka-2002/03.
Amagoli kwiGuingamp amenza wathathwa yi-Olympique Marseille, nokuyilapho adlala khona isizini eyodwa. Kumafayineli e-UEFA Cup waqokwa ozakwabo njengomdlali ovelele.
I-Chelsea yamthenga ngetshe lemali, waqhubeka nokushaya amagoli kangangoba waze wawavalela nakwifayineli yeligi bedlala neLiverpool.
Ikhono lakhe ekilabhini lamenza wabizwa yizwe lakhe.
Amagoli ayisishiyagalolunye awashayela izwe lakhe, akwazi ukuba leli lizwe liqede lingaphezu kweCameroon emidlalweni yokuhlungela indebe yomhlaba ngaleyo ndlela lazitholela indawo okokuqala ngqa emqhudelwaneni weWorld Cup eGermany.
Isihlabani saseBrazil…
BONA ZULU – June 2006
Ngabe uDidier Drogba weChelsea uzokwazi ukwenzela iCote d’Ivoire imilingo?
u
I-World Cup 2006
BONA ZULU – June 2006
Uhlelo lwemidlalo ngesihe sabeFIFA, kanti kungashintsha ngaphandle kokwaziswa. Izikhathi zemidlalo ziqondile ngokwaseSA. Bheka kwabezindaba ukuqinisekisa.
BONA ZULU – June 2006
