zulu.1846.force
ISILILO NGO-FORCE
Siyohlale sikukhumbula!
UBONA ukhumbula imizuzu yokugcina uBra Force Khashane ayichitha ehhovisi kanti siyavalelisa kule ndoda yamadoda eyayithandeka ihloniphekile
NJENGETHIMBA labasebenzi bakwaBONA, sashaqeka samangala sizwa ngokwedlula kukaBra Force Khashane emhlabeni. Wadutshulwa wabulawa ngenyanga edlule ekhaya lakhe eliseSoweto. Njengenjwayelo savalelisana sonke abanye besenethemba lokuthola izingcingo zakhe noma ama-e-mails ngosuku olulandelayo kodwa kwangenzeka.
Ngeke salukhohlwa usuku esamgcina ngalo ehhovisi ngoba njengenjwayelo, kukhona izwi alishiya kulowo nayilowo owayekhona.
UKamogelo Sebola oyintatheli kwaBONA uthi uBra Force weza edeskini lakhe ephethe isithombe sikaSteve Khompela ongumqeqeshi weqembu elidlala kuPSL. Wabuza ukuthi uKamogelo angaphawula athini ngendlela uSteve abukeka ngayo. Bahleka behlekiswa yinkulumo kaBra Force.
UNtokozo Maseko oyintatheli yezokungcebeleka kwaBONA wayebhala udaba olwaluthinta iMeadowlands enenkinga yokuthola ulwazi ayeludinga kwi-internet.
Wathatha isinqumo sokubuza kuBra Force ngoba kuningi akwaziyo kanti uthi wamnika okungaphezulu kwalokho ayekudinga. Inkulumo yabo wayiphetha ngokuthi: “Kumnandi ukusebenza nami, akunjalo?” UNtokozo wayengazi ukuthi uluthola okokugcina usizo lwale ndoda eyayikhaliphile.
Ngesikhathi ithimba lakwaBona livalelisana okokugcina ngci noBra Force, akekho owayekhombisa ukuthi ujahe ukugoduka njengoba kuye kwenzeke. Akekho owayejahe ukuphuma singakaqali isiminyaminya sezimoto emgwaqweni kanti abasebenzi abajwayele ukusheshe bahambe babesahleli.
Wakhiya ehhovisi lakhe wabuka ezinye izithombe ezazizoba kolunye udaba lwethu wavalelisa waphuma waya ekheshini elisebhilidini.
Asazi ukuthi yini eyambuyisa ngoba emva kwalokho wabuza izithakazelo zamantombazane asebenza kwaBona.
Wawalalela wonke ehleka lawo ayengazazi ezawo emva kwalokho washo ezakhe ngokuziqhenya okukhulu. Wavalelisa kodwa kwathi lapho esethathe amagxathu ambalwa wama wabuza ukuthi ngabe siyazi yini ukuthi igama elithi ‘riperile’ lisho ukuthini.
UThato-ya-Ona Lerefolo onguchwepheshe wezefeshini kwaBona wamphendula ngokuthi yigama lesiShangana elisho ukuthi “ilanga lishonile.” Wavuma wahumusha lelo gama ngesiPedi nesiTswana wahamba.
Mhlawumbe wayesaqhubeka nezimfundiso zakhe noma lokhu kwakuyindlela ayevalelisa ngayo kithina. Ngeke sazi kodwa nakuba izinhliziyo zethu zisebuhlungu, siyayibonga indlela eyavalelisa ngayo kithina le ndoda esasiyithanda siyihlonipha.
Lala ngoxolo Bra Force.[z]
NguNtokozo Maseko
▲Abantu asebenze nabo kwaBona ngeke bamkhohlwe.
▲UDorah Ditshwene wazana nomufi uKhashane emicimbini yeBona Empowerment Club.
►Unko-sikazi wakhe uPalesa.
▲Umfowabo kaForce omdala uSolomon Khashane.
▲Kusuka kwesobunxele: uSbu Mpungose uMhleli kaBonA, Ntokozo Maseko noKamogelo Sebola enkonzweni yesikhumbuzo sikamufi.
◄ Ababengabahleli beCity Press oKhatu Mamaila (phakathi nendawo) noMathata Tshedu (kwesokudla) nabo babekhona kulo mngcwabo.
▲Robala ka Kgotso, Lala Ngoxolo Force Khashane.
▲Izingane zikamufi uMaphoko (8) (kwesobunxele) noKhashane (15) bedudu-zwa amalungu omndeni.
▼ U-Mickey Modisane okhulumela iqembu le-Orlando Pirates wathi uBra Force wayezithobile ezikhonzele ibhola.
▲Intatheli uJoe Khumalo ekhuluma ngesihluku soku-bulawa kukaBra Force.
◄Umufi eseyobekwa endlini yakhe yokugcina.
