zulu.1841.yourlifeguide_legal
AZI AMALUNGELO AKHO
Kule nyanga sichaza ngegunya lokugcina izingane nokuthi kungani abazali bobabili kumele bafake isicelo sokugcina izingane uma bedivosa
UKUGCINA IZINGANE
Mina nonkosikazi siyadivosa. Izingane zethu ezimbili zizohlala naye kanti ngizozondla. Siyazwana nonkosikazi kodwa engisebenza naye ungitshele ukuthi angifune ilungelo lokuba "sizigcine sobabili izingane". Uthi lokho kungangivikela uma kwenzeka sigcina singasazwani noma uma umama wezingane zami ethatha isinqumo sokuphinda ashade. Ngabe liyini ilungelo "lokugcina izingane nobabili"?
ISELULEKO SOFEZELA
Uzakwenu uyihlabe esikhonkosini! Kubalulekile ukuba nelungelo lokugcina izingane.
Into okukhulunywa ngayo kakhulu uma kudivoswa "yisondlo". Kodwa lokho akusho ukuthi ezinye izinto ezimqoka azinganakwa.
Okunye kwalezo zinto wudaba lokugcinwa kwezingane. Ukugcinwa kwezingane akuyi ngokuthi izingane zizohlala nobani nje kuphela. Baningi abantu abangazi ukuthi ungakhetha okufunayo odabeni lokugcinwa kwezingane. Akukhethi umzali oyedwa nje kuphela!
Zimbili izinhlobo zamalungelo okugcinwa kwezingane: "bangagcinwa ngumzali oyedwa" noma "bagcinwe abazali bobabili."
Inkantolo ivame ukunika umzali obafunayo abantwana igunya lokubagcina nokuvame ukuthi kube ngumama.
Inkantolo ikhipha leso sinqumo uma abazali bebanga ukuthi ngubani ozogcina izingane.
Kodwa ngenxa yokuguquka kwezimo ekubeni ngumzali, sekuvame ukuthi kunikwe abazali bobabili igunya lokuzigcina.
Uma abazali bobabili begcina izingane, bathola ithuba lokuchitha isikhathi nazo kanti kufanele baxhumane ngaphambi kokuthatha izinqumo ezithinta izingane.
Nakhu okunye okulusizo ngalokhu:
Ingane ayizizwa ilahlwe omunye umzali.
Abazali bakhulisa izingane ngokubambisana.
Izingane uzibona kalula.
Ubaba uyakwazi ukubona ukuthi imali ondla ngayo izingane isetshenziswa kanjani.
Abazali kumele babambisane ukuze leli lungelo lisebenze - kungenzeka lokho kube nzima. Ukhumbule ukuthi sikhuluma ngabantu abasuke behlulwe wumshado wabo.
Ukuze nilinikwe nobabili leli lungelo, yile migomo emine okufanele ifezeke:
1 UTHANDO NOKUBAMBISANA. Umama nobaba kufanele bazinikele ekuthandeni nasekunakekeleni izingane, babambisane ekufezeni lokho.
2 IZINHLOSO. Abazali kufanele babe nezinhloso ezifanayo ngempilo yezingane. Izingane zingadideka uma benezinhloso ezingafani kugcine sekunokungaboni ngaso linye phakathi kwabazali.
3 MABAKHELANE. Abazali mabakhelane. Ngeke banikwe igunya lokugcina izingane bobabili uma omunye ehlala eGoli omunye ehlala eCape Town.
4 IMINYAKA. Iminyaka yezingane nokuthi zingaki nakho kuba nomthelela esinqumweni senkantolo.
Ukugcinwa kwezingane abazali bobabili akulula. Kodwa uma usazimisele ngokubamba iqhaza empilweni yengane yakho ungalifuna leli lungelo. [z]
UTHINI UMTHETHO
KUBHEKWA IZIDINGO ZENGANE
Uma kukhulunywa ngodaba lokugcinwa kwezingane inkantolo ibheka izidingo zayo kuqala. Kuthathwa ngokuthi ngumama ongazigcina kahle izingane. Inkantolo ingacabanga kanjalo kanti nisemathubeni amahle okunikwa igunya lokuzigcina nobabili uma nivumelana ngokuthi ngumama ozozigcina isikhathi eside.
ESITHOMBENI ABAKHANGISI
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
