zulu.1099.bec events
UMakheni Motana
BONA ZULU July 2008
INGQIKITHI:
■ Amathenda kahulumeni: Indlela yokuwathola
■ I-2010 FIFA World Cup: Amathuba ezamabhizinisi Ekurhuleni
I-BONA Empowerment Club izobhekisa amabombo e-East Rand ngenhloso yokusiza abafundi, izinhlangano zezitokifela nezimboni ukuze bazakhele imali. Sekunesikhathi abafundi bakaBONA bebhekene nezinkinga uma kukhulunywa ngezomnotho bezabalazela nokuzinza kwesimo kwezamabhizinisi. Manje bazothola izeluleko ezizobacija ngokuvulwa kwamabhizinisi.
I-Ekurhuleni Business Initiative Project ibekelwe umgomo wokwakhela umnotho amalungu omphakathi anamabhizinisi amancane noma afuna ukuvula amabhizinisi. Lolu hlelo luzohambisana nolwazi mayelana nokufakwa kwesicelo sokuthola amathenda. Abantu bangathola imali enhle ngeSoccer World Cup ngo-2010. Qiniseka ukuthi inhlangano yenu ayiphuthelwa. Bhuka manje ubhukele umcimbi ozoba ngoMgqibelo mhlaka 5 July eBirchwood Hotel.
Nini: NgoMgqibelo mhlaka 5 July 2008
Kuphi: Birchwood Hotel, 120 North Rand Road, Bartlett, Boksburg
Isikhathi: Fikani ngo-9.30am ukuze siqale ngo-10am
Imali: R60 umuntu emnyango. Eyelantshi ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
UKUBHUKA: Shayela uLindo ucingo: 011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi (8.30am-5pm phakathi nezinsuku zesonto)
UHLELO:
■ Ukubhalisa
■ UKhulile ocula umculo woKholo
■ U-MC Makheni Motana
■ UMhleli kaBONA, uForce Khashane
■ Oyokhulumela abakwaSasko nguShakes Bouwer, imenenja kazwelonke
■ U-Chris van Biljon, iCEO ye-Ekurhuleni Business Initiative Project
■ UBoitumelo Mofokeng uchwepheshe wezezimali wakwaBONA
■ I-Mageu Number 1 Business Start-up Awards iyomelwa nguLebo Mahlaela
■ Ukucwalwa kobuso kwaka-Avon ngu-Eunice Maseko, inhloko yezokuthengisa
I-BUFFET LUNCH
■ (UKhulile
uyocula ngesikhathi selantshi)
BAKE & COOK
FOR PROFIT
■ Kuyopheka abapheki asebephumelele Ekurhuleni
UKhulile
Bhakela ubusika ngeSasko Flour
KUNGABA lula kusheshe ukubhaka kwakho. I-Sasko Flour izokhombisa amalungu eBONA Empowerment Club ukuthi kungaba lula kangakanani ukubhaka okumnandi.
Uchunge lweSasko Flour lulungele konke okubhakwa ekhaya noma ebhizinisini.
Qiniseka ukuthi uyasijoyina kwiBEC ulalele izeluleko zethimba lakwaSasko Flour.
Ungakhohlwa wukuthi iSasko Flour isathungatha ababhaki baseSouth Africa abaphumelelayo.
Indlela yokungenela umncintiswano weziNdaba zeMpumelelo
UMA unebhizinisi lokubhaka, noma uma uthanda ukubhaka, sazise ngalokhu:
■ Iresiphi yakho usebenzisa iSasko Flour.
■ Ongathanda ukukuzuza ngebhizinisi lakho lokubhaka. (Sitshele ngamaphupho akho.)
Ungawungenela kunoma yimuphi umcimbi weBONA Empowerment Club, noma uthumele kuleli kheli: Sasko Flour Success Stories, Box 1300, Rivonia, 2128.
Uma ukhethwe njengomunye wabawine zinyanga zonke uzoziwinela izimpahla zokuqhuba ibhizinisi lakho lokubhaka.
IMageu Number 1 Business
Start-up Awards 2008
UNOKUZOLA Beauty Golozana waseSteytlerville nguye owawina kwiMageu Number 1 Business Start-up Awards ePort Elizabeth. Wathola umklomelo ka-R2 000 kuLebogang Mahlaela, okhulumela lesi siphuzo esinempilo.
UNokuzola wavula iSamkele Spaza Shop ngo-2002 esizwa ngudadewabo.
Inhloso yakhe wukudayisela umphakathi imikhiqizo eyikhwalithi engambi eqolo ukuze ugweme ukuthenga izinto ezibizayo edolobheni.
I-Samkele Spaza Shop inokuningi okudingwa wumphakathi ngoba idayisa izimpahla zemvunulo negrosa.
UNokuzola ukholwa wukuthi wukwazi ngezizinda angathola kuzona izimpahla ezishibhile, uthando nokwazi kwakhe ngezidingo zomphakathi okusimamisa ibhizinisi lakhe.
UNokuzola uncintisana nabo bonke abawine kulo mncintiswano abagaqele ukuwina umklomelo omkhulu ka-R26 000 oyonikezwa abathathu abayowina ekuqaleni kuka-2009.
Ukuze ungenele iMageu Number 1 Business Start-Up Awards, thumela umlando omncane osichazela ngebhizinisi lakho, izinombolo zakho zocingo nekheli kuleli kheli: Box 3858, Rivonia 2128. Abawinile zinyanga zonke bathola umklomelo ka-
R2 000 kwiBONA Empowerment Club.[z]
Inhloso yeBONA Empowerment Club wukusiza amalungu ayo ukuze alwe nenkinga abhekene nayo kwezomnotho athole nolwazi lwezihloko ezizowafundisa, ziwahlomise ziwanike nomkhomba-ndlela wokuvulwa kwamabhizinisi.
BONA ZULU July 2008
Siyakwemukela Avon!
UMNDENI wakwaBONA usanda kujoyinwa omunye wemikhiqizo yezobuhle onempumelelo emhlabeni.
Abakwa-Avon banochunge oluhle olubandakanya neziqedaphunga ezinjenge-Imari Seduction esanda kwethulwa kanti bona nethimba labo bazosikhombisa ukuthi kulula kangakanani ukubukeka kahle.
I-Avon ikukhuthalele nokuhlomisa iqwashise abantu kokuningi. Njengamanje sibheke ngabomvu ukufunda ngokuqwashisa kwabo ngomdlavuza webele besebenzisa Ithemba Crusade Of Hope, nangomkhiqizo wakwa-Avon olungele abantu baseSA. Ngokukhipha kwabo isimemezelo sokuthi uLesego Motsepe uyisihlabani somkhulumeli wabo, abakwa-Avon bakhombisa ngokusobala ukuzinikela kwabo ekubeni yingxenye yomphakathi waseSA kanti sibheke ngabomvu ukwazi kabanzi ngalo mkhiqizo.
Vakashela ku-www.avon.co.za.
