ZULU.1835.muthi
nguFORCE KHASHANE
NGESIZULU kuthiwa yidliso, ngesiSuthu yisejeso kanti lona ngumuthi ofakwa ekudleni komuntu noma esiphuzweni sakhe uma umthakatha noma ufuna akuthande. Uma uwusebenzisela uthando lo muthi ubizwa nge-korobela emalokishini.
Idliso livame ukusetshenziswa kakhulu emishadweni nasemigubhweni yezinsuku zokuzalwa. Eminye imindeni yenza isiqiniseko sokuthi ozodliswa usevwa umuntu othembekile.
Uthando nedliso Abasebenzisa umuthi wedliso ngoba befuna ukuthandwa kufanele bazi ukuthi lo muthi awuthembekile kungenzeka ungakwenzi lokho abakufunayo. Umuthi owusebenzisa njengekorobela ungakujikela umgulise umuntu omdlisa wona kunokuthi akuthande.
Okunye okufanele sikuphawule wukuthi akukuhle ukwenzisa umuntu intando yakho.
Ngabe awufuni ukuthandwa ngothando umuntu azokunika lona ngoba ethathwe yikho konke okuhle ngawe ngaphandle kokumsebenzisela umuthi" Ngabe ungakukholwa okushiwo umuntu ephuzile"
Ngeke ukukholwe!
Umuthi ufana notshwala kulolu daba. Ave kumnandi ukuthandwa ngothando lwemvelo kunokuthandwa ngothando olwakhiwe ngomuthi.
Idliso nokuthakathwa
Kuthiwani ngalabo abasebenzisa lo muthi ngenhloso yokuthakatha abanye babenze isilo sengubo"
Abanye bathi badliswa belele bezunywe wubuthongo.
"Ngaphupha ngiphoqwa ukuba ngidle inyama yenkukhu enempushana emnyama.
"Kulelo phupho ngabuye ngaphoqwa ukuba ngidle isikelemu," kubhala omunye umfundi.
"Ekuphaphameni kwami ngezwa into inyakaza esiswini sami. Ngangiyizwa noma ngiyithinta ngezandla ikhahlela."
Lo mfundi usejele njengamanje kanti uthi izinkinga zakhe zaqala kusukela ngaleso sikhathi.
"Emva kwezinsuku ezimbalwa, ngahlaselwa elinye futhi iphupho eliyindida. Ngaphupha ngibuka uhlangothi lwangakwesobunxele lwesisu sami ngabona into eyayithandelekile injengomnenke. Le nto yayidla isisu sami.
"Ngaphaphama sekuneqhubu kuleyo ndawo. Kwathi uma ngilipitshiza kwezwakala umsindo ongaqondakali.
"Usizo lokwelashwa odokotela alungenzeli lutho. Kokunye odokotela bangitshela ukuthi siyabadida isifo sami."
Omunye owadliswa wabhala kanjena: "Kuvele kuthi angiphalaze uma ngidla into enoshukela njengoswidi namakhekhe.
"Emva kwamahora ambalwa kuba buhlungu esifubeni. Izinyanga zithi ngadliswa.
"Sengake ngazama ukulikhipha ngokuphalaza leli dliso kodwa angisizakali."
Ukwelashwa kwalo
Ukuzivikela kuqala ngokuvikela ikhaya lakho.
Uma ikhaya lakho ungaliqinisanga, funa isangoma esizokwenzela lowo msebenzi ngokushesha.
Qiniseka ukuthi uthola usizo uma isifuba sakho sibuhlungu. Kungenzeka siqaqanjiswe wubuthaka benhliziyo.
Ezinhle zithi idliso liyelapheka.
Ngabe bewazi ukuthi ubisi lwembuzi lulwa nedliso"
Labo asebenesikhathi behlushwa yidliso bangasizwa wukuphuza ubisi lwembuzi oluxutshwe nomuthi obizwa ngokuthi yinsizi yamadlozi. [z]
34 BONA ZULU - August 2006
Ezemithi yesintu
Zivikele edlisweni!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
