zulu.1834.motoring
Izimoto ezincane
ezibizayo
INDABA NGUGAVIN FOSTER
Daihatsu Sirion
Lezi zimoto ziyangena ephaketheni ekubeni zihamba kahle kanti nosayizi wazo ukahle. IDaihatsu Sirion, yimoto engathengisa kangcono eSA uma abantu bengaba nolwazi ngayo.
IDaihatsu ngeyakwaToyota. Ihlanganisa amabheji ezinkampani ezimbili iToyota neDaihatsu. ISirion ithengiswa kwamanye amazwe njengeToyota Passo. Izinto zeSirion eziningi ziyefana nezeToyota Yaris.
ISirion yimoto eyenza kahle kakhulu, kanti futhi iyabaleka iye ifinyelele ku-185km/h kuleyo engu- 1,5, kuthi engu-1,3 litre iye ifinyelele ku-173km/h.
Kunama-airbags ngaphambili, ama-anti skid ABS brakes, aircon, electric windows nezibuko, i-radio/CD player ezwakala kahle kanye nezindawo zokuzibekela okuthile.
Izicabha zivuleka kakhulu kunezezimoto eziningi, kulula ukungena nokuphuma kuyona iDaihatsu kanti isihlalo sangemumva siyalala ukukunika indawo enkulu.
AbakwaDaihatsu bamandla kakhulu ekwakheni izimoto ezincane ezinendawo eningi ngaphakathi. Lena ngenye yezimoto zabo eziphambili.
ISirion 1,3 litre ingu- R109 995, kanti engu-1,5 litre eyiSports ithe xaxa ngo-R10 000.
Eno-gear box oyi-auto yona ungafaka imali engu-R9 000 kweyezinye izinhlobo.
Zonke izinhlobo zifika nohlelo lwe-service lweminyaka emithathu lwamakhilomitha angu-75 000km.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: 4 cylinder fuel-injected DOHC
USAYIZI WENJINI: 1 298cc
ITHANGE: 40 litres
ITHANGE ELIGCWELE (cishe): 550km
I-WARRANTY: 3 years/100 000km
UHLELO LWE-SERVICE: 3 years/75 000km
ESIKUTHANDAYO: Isitayela, inani, ubuyona, ukusebenza kwayo, izinga ekulo
ESINGAKUTHANDI: Akukho esikucabangayo
BONA ZULU - May 2008
INANI ELINGCONO
Ingosi yezimoto iqala kule nyanga lapho sikunika izeluleko ngezimoto neminye imininingwane. Kule nyanga sibhekisisa izimoto ezintathu ezincane...
Kia Picanto
I-2008 iPicanto yathola ama-headlights amasha, yi-grille entsha, i-bonnet nokumiswa ngendlela ehlukile kwamalambu angemumva.
Phezu kobuncane bayo le moto kodwa inendawo enkulu ngaphakathi kanti ingahamba iye ifinyelele ku-152km/h.
IKia yimoto okulula ukuba nayo - ngamalitha angaphezu kwayisithupha ungahamba ibanga elingu-100km.
Engingakusho nje ngeKia Picanto wukuthi uhlobo lwayo olunama-airbags, aircon nama-ABS luyabiza. I-EX ibiza R105 995 ingahambi nohlelo lwe-service noma i-radio/sound system. Ngaleyo mali ngingamane ngithenge iDaihatsu Sirion 1,3 litre hatch.
Kodwake okunye okuhle ngeKia wukuthi ine-warranty yeminyaka emihlanu ka-100 000 km.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: 4 cylinder fuel-injected SOHC
USAYIZI WENJINI: 1 086cc
UMTHAMO WETHANGE: 35 litres
ITHANGE ELIGCWELE (cishe): 500km
I-WARRANTY: 5 years/100 000km
UHLELO LWE-SERVICE: lutholakala ngokuthanda kwakho
ESIKUTHANDAYO: Isitayela, ikhwalithi, imali, ukungawudli kakhulu uphethiloli
ESINGAKUTHANDI: Ingadinga amandla amaningi
Honda Jazz
Lena yimoto ebiza kakhulu kulezi ezintathu esizicubungulile. Imali yayo isuka ku-R137 900 kuya ku-R159 800. Lolu hlobo luyi-hatchback.
Okubalulekayo ngemoto yohlobo lweHonda wukuthi minyaka yonke okugqamayo wukwaneliseka kwamakhasimende ayo - yingakho abantu abanamaHonda behlale bethi - ngeke ngiyithenge enye imoto ngaphandle kweHonda.
Nami ngibe nenhlanhla yokunikezwa iHonda Jazz 1,5 manual VTEC ukuba ngiyihlole ohlelweni lesikhathi eside. Sengihambe 5 000km ngaphandle kwezinkinga.
I-VTEC yinjini engawudli kakhulu uphethiloli engahamba 188km/h kanti ingashaya 100km/h esikhathini esingaphansi kwama-seconds angu-11.
Kukhona zonke izinto eziwubukhazikhazi kanjalo nezokuvikeleka.
Engakuphawula ngayo wukuthi izicabha zayo zincane, mhlawumbe abenzi bayo babefuna ukuba ingasindani.
IHonda yiyona moto ekhombisa enkulu impilo kulezi zontathu. Yinhle futhi emabangeni amade lapho kungumshayeli nabagibeli abathathu.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: 4 cylinder fuel-injected DOHC
USAYIZI WENJINI: 1 496cc
UMTHAMO WETHANGE: 42 litres
ITHANGE ELIGCWELE (cishe): 480km
I-WARRANTY: 3 years/100 000km
UHLELO LWE-SERVICE: 4 years/60 000km
ESIKUTHANDAYO: Ithembekile, eyekhwalithi isezingeni eliphezulu
ESINGAKUTHANDI: Akukuningi [z]
BONAEZEZIMOTO
BONA ZULU - May 2008
