ZULU.182.yourfamily_pregnancy
UMAMA OSEKHULILE
Umhlahlandlela wongakulindela lapho uthola umntwana usuneminyaka engaphezu kwengu-35 nangaphezulu
ABESIMAME abangaphezu kweminyaka engu-35 basengcupheni yokuba nezinkinga zokubeletha. Uma uthola ingane yokuqala emva kweminyaka engu-40, amazinga okukhubazeka makhulu - ngokusho koyi-obstetrician uDkt Magezi Hlongwane.
Njenganoma yimuphi umama okhulelwe, kufanele wenze isiqiniseko sokuthi uyaya kohlolwa ngudokotela noma emtholampilo ngezinsuku okufanele uye ngazo, uqiniseke ukuthi udla okunempilo ugweme ukukhathazeka. Ukunciphisa ukuphuza utshwala nokubhema kunciphisa izinkinga zempilo.
Ezinye izinkinga ongabhekana nazo uma ukhulelwe usumdala:
Ukuba nobunzima bokukhulelwa - noma yimuphi owesimame unamaqanda alinganiselwe nokuthi lapho kusuka eminyakeni eko-30, isibalo sawo sehle.
Uma uneminyaka engaphezu kwengu-35 futhi waba nenkinga yokuzabalazela ukukhulelwa izinyanga eziyisithupha, bonana nodokotela wakho. Usengcupheni yokuphuphunyelwa yisisu uma uneminyaka ephakathi kwengu-40 nengu-44 kanti uma ungaphezu kwengu-45, ingcuphe okuyo ingu-53%.
I-gestational diabetes - lolu hlobo lukashukela lujwayelekile kwabadala abakhulelwe kanti lungaba yingozi enganeni engakhula ikhubazekile isesesibelethweni.
I-high blood pressure - lokhu kungaba yingozi kakhulu kuwena nengane yakho uma kungalawuleki. Ungaphathwa yi-stroke noma isifo senhliziyo nengane yakho ikhule kancane noma izalwe ishaya isisindo esincane.
Uma ukhulelwe kubalulekile ukuphila endaweni lapho kungelula ukukhathazeka. Uma sekutholakele ukuthi une-high blood pressure qiniseka ukuthi uyayilandela imiyalelo kadokotela.
Ukubeletha ingane ngaphambi kwesikhathi - Ingane ezalwe ngaphambi kwamasonto angu-37 isuke izalwe ngaphambi kwesikhathi esifanele kanti iba nesisindo esincane. Ngokuyeka ukubhema nokuphuza ungehlisa amazinga okubeletha singakashayi isikhathi.
Ungadinga i-C-section - Izinkinga zokubeletha zivame ukufana komama abasuke bebeletha okokuqala ngqa beneminyaka engaphezu kwengu-35. Ungaphathwa yi-placenta previa - isimo lapho umzanyana uba sendaweni engafanele bese uvala umlomo wesibeletho.
Ukukhubazeka - Ingcuphe yokuba umntwana abe nokukhubazeka okufana ne-Down Syndrome iba nkulu lapho ukhula. Kodwake kuningi okungakunciphisa.[z]
Ngolunye ulwazi: www.pregnancy-info.com; www.mayoclinic.com
Indaba: Kamogelo Sebola
UKUKHULELWA KWAKHO
Uma usu-mdala liyehla izinga lenzalo
UKUHAMBA KWESIKHATHI KOBABA
Ucwaningo lukhomba ukuthi izingane ezizalwa kwabesilisa beminyaka engaphezu kwengu-40 zisengcupheni yokuphathwa yizifo ezifana ne-autism (ukukhubazeka ngokomqondo okwenza ingane izibandlulule kwabanye abantu). Abesilisa beminyaka engaphezu kwengu-50 basengcupheni yokuba nezingane ezikhubazekile.
