ZULU.1825.yourcelebs_coverstry
OSAZIWAYO BASEGOLI E-Inc
izithombe zodaba lwethu oluphambili noKelly Khumalo zathwetshulelwa e-Inc The Club, okuyindawo yakamumva ukuyivakashela eBraamfontein eGoli.
Indawo yabantu abaphezulu ehlotshiswe kahle ngaphakathi. Kulula ukubona ukuthi kungani i-Inc isiphenduke umazibuthe wabantu abadumile kwezokungcebeleka eGoli.
Kusukela emculweni weHouse noweR&B ebusuku ngemiGqibelo kuya kumaphathi ezicukuthwane okukhona kuwo izihlabani zakuleli nezaphesheya ezifana noDJ Mixwell no-Akon, I-Inc ibukeka izodlisa ngalesi sikhathi.
Ukuze ubhuke nokuba ubekelwe indawo, shayela kule nombolo: 011-403-9834.
UDABA OLUPHAMBILI
Usekulungele ukuthola umntwana!
UKELLY KHUMALO (25) akaseyona intombi-nto - futhi akazisoli ngalokho. "Ukugcina ubuntombi bami kwakungumqhele engangingeke ngiwephucwe muntu kuze kufike isikhathi sokukulungela lokho," kusho lo mculi owake waziwa ngokuthi "Itshitshi" nosewake wagxekwa ngokungakhulumi iqiniso ngomlando wakhe wezocansi.
Kwinkulumo ngxoxo yakamumva uKelly wavuma ukuthi owayengumkhwenyana wakhe futhi bebambisene naye kwezamabhizinisi uProsper Makwaiwa nguye owathatha ubuntombi bakhe. Lesi sihlabani somculo we-Afro-pop sikuvumile ukuthi kulolo thando babebaningi abesimame.
"Ngangilahlekelwa yikhanda uma nginoProsper. Konke kwakwenzeka ngokukhulu ukushesha ngihlale ngicasukile. Ngangiphihliza izingcingo, kuthi uma eseduze kwami ngize ngimshaye naye ngempama. Ekugcineni, ngakhetha ukumshiya,"
kuchaza uKelly.
Ukushiya kulolu thando kwaba yinto engcono ayengayenza. Njengamanje usekwazi ukugxila emsebenzini wakhe, futhi usesothandweni olusha nokuyilapho esekhuluma eyokuthola umntwana.
Izibusiso kubukeka ziqala ukwehlela lesi sihlabani esakhulela eThokoza eGoli nesaqala ukucula esontweni.
Kumanje une-albhamu entsha ethi Simply Kelly adinga ukuyiphromotha nokuchaza ukuthi maduze uzoba namakhonsathi ezweni lonkana - kanti nabalandeli bakhe basazoqhubeka bambone kwiRhythm City enguSunay. Kukhona futhi nesethembiso sochunge lwezimpahla zangaphansi zokugqoka ezingaphansi kwegama lakhe, ifilimu ezoxoxa ngempilo yakhe nekontileka yokuba ngubuso ochungeni lweziphaqulo.
Ngesikhathi sokushicilela, uKelly akakwazanga ukusitshela ukuthi yimuphi umkhiqizo azobe ewukhangisa kodwa wathi lokho kuzomngenisela imali kumnike nethuba lokuba ngumkhangisi.
"Lesi yisivumelwano sokuqala ukuzibandakanya naso, kanti ngizimisele ukwenza okuthile okwehlukile kunomculo," kuchaza yena.
Ukuba ngubuso bochunge lweziphaqulo kuzomenzela izimanga emsebenzini wakhe wokucula njengoba amabhodi ezikhangiso, izikhangiso zeTV nemikhankaso kazwelonke, lokhu kuzomenza ahlale esesweni lomphakathi.
Phezu kwazo zonke lezi zibusiso, uKelly uthi ukuthola umntwana iyona into ezomthokozisa kakhulu.
UBONA ubonane nalesi sihlabani endaweni yokuphuza ikhofi eHyde Park eGoli ukudingida indaba yakhe yokuqala umndeni. Uhlale egqoke kahle kangangoba akulula ukumcabanga efake izingubo zabakhulelwe.
Ngesikhathi ehlala phansi, umfana omncane othile wagaqa weza endaweni yethu. Ngokushesha wawathatha amehlo kaKelly. UKelly waqala wadlala naye emdonsela ubuso ukuze ahleke.
"Ngifuna ukuzibona ngiba mkhulu, ngiba neminyama nazo zonke lezo zinto nokuyizinto ezizokube zifanele," kusho yena ngomcabango wokukhulelwa.
"Kungayinto enhle ukuthola intombazane encane ebukeka njengami. Lena yiyona into engicabanga ngayo kulezi zinsuku."
"Umama wangithola esemncane, ngakhoke kuyinhloso ukuthi angikakabi nengane. Ngangingakakulungeli futhi ngingakholelwa ekutholeni umntwana ngaphambi komshado."
Konke lokho kubukeka sekushintshile njengoba esethi ngeke alindele indandatho ukuze athole umntwana. "Moma kunini kusukela manje sekuyisikhathi esihle sokuba ngumama."
Lolu daba useludingidile ngisho nanomama wakhe uqobo. "Ngamtshela ngathi: 'Ma, ngicabanga ukuthola umntwana!' Uyazi ukuthini" Ukujabulele lokho!"
UMama Ntombi Khumalo ukuqinisekile ukuthi uyazithokozela izinhlelo zendodakazi yakhe zokuqala umndeni. "Sengikulungele ukuba nomzukulu. Kumanje sengibonisana nozakwethu emsebenzini ngamagama ezingane, nokuyothi uma kuyintombazane abe nguMonica, okuyigama lika-anti kaKelly.
"Iseluleko sami esingcono ngokuba ngumama wukuba uKelly abe nesibindi njengami. Ukuba ngumama kumnandi ekuqaleni, kodwa kuyothi ekuhambeni kwesikhathi ahlangabezane nezingqinamba nokuyodingeka aqine idolo angadikibali.
"UKelly wakhula ngaphandle kukababa, kodwa UNKULUNKULU Waba nguYise, ngakhoke kufanele akhumbule ukuthi uMdali Uhlale Ekhona njalo," kusho uMama uNtombi.
Nakuba uKelly engowesimame ozimele, kodwa ukukhulelwa akusiyo into angayenza yedwa. Pho ubani ozokuba ngubaba walo mntwana"
UKelly uvele waphendula ngohleko, kodwa washeshe washintsha ngesikhathi siqagela ukuthi kungenzeka lowo baba kube ngumlungu aseke wahlanganiswa naye emibikweni yabemithombo yezindaba.
"Ubani" UDevan" Cha akunjalo, loyo ngumngani enginethezeke kakhulu ngaye. Abantu bavele bazicabangele okungesikho ngathi."
Samcindezela ngokuthola ngalo muntu wesilisa osempilweni yakhe. waphendula amehlo akhe, wacabanga ngaphambi kokuba athi: "Angazi. Anginasiqiniseko. Okay, yebo, kukhona okhona."
Akazange asinike igama lakhe kodwa wathi uthando luselusha.
Sakhunjuzwa yingoma ayidlala noRobbie Malinga ethi Sobabili, eluleka ngokuthi uthando kufanele kube ngolwabantu ababili kungangeni umuntu wesithathu. Kuyacaca ukuthi kulokhu uKelly uhlela ukuvikela impilo yakhe yothando emphakathini.
Kodwake umuntu wesimame osothandweni ngeke nakancane ayifihle intokozo yakhe. Naye usikhiphele isifuba sakhe ukuthi - ngowesilisa okahle nathemba ukuthi angaba ngubaba wengane yakhe.
Uphinde wathi: "Sekuphele izinyanga ezimbalwa kodwake angizimisele ukumethwesa umthwalo lo mlisa, angaze esabe abaleke. Okumangazayo wukuthi umqondo kaKelly walolu hlobo lukababa, yiNkosi yeKwaito u-Arthur Mafokate.
"Uyamangalisa emantombazaneni akhe. Ungubaba, umama nakho konke kulezo zingane."
Njengoba noma yimuphi umama azi, ukukhulelwa kushintsha umzimba wakho nendlela yakho yokuphila. Ngabe uKelly usezilungele lezi zinguquko"
"Cha ngisazobukeka ngibukeke ngimuhle," kusho uKelly ngokungabi nalwazi nokuyinto engaphuma kowesimame ongakabuzwa ubumnandi nezingqinamba zokuba ngumama.[z]
Indaba: Ntokozo Maseko
Izithombe: Pieter du Toit
Izitayela: Thato-ya-Ona Lerefolo
Izinwele neziphaqulo: Vuyo
Indawo okuthwetshulelwe kuyo: Inc The Club, Braamfontein.
Isihlabani somculi we-Afro pop sisichazela ukuthi kungani sesikulungele ukuba ngumama, nangesivumelwano sakamumva sekontileka yaso yezobuhle
Ijazi elimnyama nokumhlophe elinoboya: Sigal. I-kaftan enamabala engwe, Sigal; I-tight emnyama: CE at The Space; Ama-peep-toe shoes amnyama: Max Mara. I-Sequined bolero: The Space; ingubo enemidwebo yezilwane: Sigal.
