zulu.1821.lifter
Uqophe umlando
SONKE siyazi ukuthi abesimame baseSouth Africa bondlekile - kanti uma sesikukhohliwe lokho, ukhona uBabalwa Ndleleni-Ramahlape ozosikhumbuza kona. Le ntokazi eneminyaka engu-27 isanda kuqopha umlando ngokuba ngowesimame onsundu wokuqala eSA ukuwina indondo yethusi kwabaphakamisa izinsimbi esigabeni sama-kilogram angu-75 kumaCommonwealth Games ayebanjelwe eMelbourne.
"Ngenze konke okusemandleni ami," kusho yena eseqedile ngaleso sikhathi. "Ngizitshele ukuthi kuzodingeka ukuba ngikhululeke ngingatatazeli ngabambelela kulokho."
Zikhona izingqinamba ahlangabezana nazo uBabalwa nokuyinto esesiyijwayele leyo kubagijimi abenza imidlalo engahehi abaxhasi.
Ekhuluma esekhaya lakhe eGugulethu ngaseCape Town, ekanye nomyeni wakhe u-Alfred Ramahlape obuye abe yimenenja yakhe, wasitshela indlela ayezilolonga ngayo ngokwakhe ejimini eNyanga uma esebuyile emsebenzini ngaphandle kokuthola ukuxhaswa.
Kwadingeka ukuba asebenzise imali yokuzijabulisa enikwa abagijimi uma kunemidlalo ukuze athenge izicathulo ezisetshenziswa abaphakamisa izinsimbi ayezozigqoka kule miqhudelwano.
"Yaphelela kulezo zicathulo yonke imali yami ngangasala nalutho," kusho yena.
Ekuqaleni wayesebenzisa ipheya lamateku amadala elashintshwa okhanda izicathulo ukuze libe yizicathulo azozisebenzisa uma ephakamisa izinsimbi.
Izidlo eziyisipesheli nezakhamzimba ezidingwa abadlala lo mdlalo nazo zimba eqolo.
"Sengikubheke ngabomvu ukuthola uxhaso ukuze ngiphume kule nkinga," kusho le ntokazi ewine indondo.
Ukhala esifanayo nalowo ongumongameli weSA Sports Confederation and Olympic Committee uMoss Mashishi owanxusa abamabhizinisi nohulumeni ukuba bafake izimali kwezemidlalo ngesikhathi amukela ithimba labadlali baseSA eGoli.
Wathi elase-Australia lisebenzisa imali ephindwaphindwe izikhathi ezingu-60 ngaphezulu kwaleyo ekhishwa iSouth Africa ngomgijimi ngamunye.
U-Kevin du Plooy, ophethe iSouth African weightlifting, wathi uNdleleni usebenze kanzima kanti indondo ayiwinile izobanika umdlandla abaphakamisa izinsimbi kuleli. "Lokhu kukhuthaza kakhulu," kusho yena kwiCape Argus.
Le ntokazi ekwazi ukuphakamisa isisindo esingaphezulu kwama-kilogram ayikhulu kumanje isiqalile ukuzicijela imidlalo yemiqhudelwano ezokuba seBeijing eminyakeni emibili ezayo kanti futhi isiqalile nasemsebenzi wayo.[z]
Isidlakela sentokazi yaseSA
UBabalwa Ndleleni-Ramahlape uzakhele igama...
BONA ZULU - July 2006
UBabalwa ephakamisa izinsimbi...
indaba ngu-ISAAC KWELA
isithombe abe-INDEPENDENT NEWSPAPERS
BONA - August 2005
