zulu.1820.letters
Sanibona bangani
Ngathokoza lapho isihlabani seGenerations uWinnie Modise evuma ukuba sekhaveni yethu wasitshela nangezinhlelo zakhe zokuqala umndeni. Ungumkhaya wami nakuba singakaze sihlangane ezitaladini zangasekhaya Eshowe, eKZN, kodwa kimina ufana nomuntu engimaziyo.
Kuhlale kunalokho kuzigqaja uma kukhona umuntu othile odumile oliqhamukisa endaweni yangakini. Nawe uba nethemba lokuthi kukhona ongakwenza ukuthuthukisa impilo yakho ngisho ngabe uliqhamukisa kuphi.
Ngakhulela elokishini elalaziwa ngokuthi yiseGezinsila. Manje sengihlala endaweni ephambili ezungezwe yizindonga, ofenisi bagesi, enabantu abangebahle. Nami angimuhle ngesinye isikhathi ngoba kuyenzeka ngingakwazi ukuma ngibingelele omakhelwane bami, nokunye. Endaweni yabadla izambane likapondo, wonke umuntu unake izindaba zakhe nokuyinto engebona neze Ubuntu.
Ekugubheni impilo yasemalokishini ethu, sinengosi entsha ekhasini 22 nokuyilapho osaziwayo bakithi besithatha besiyisa ezikoleni ababefunda kuzo, kuma-spaza ababethenga kuwo isinkwa, ngisho nezindawo eziyimfihlo ababethokozela kuzo uthando.
Ngisakhuluma ngothando, sigubha futhi inyanga yothando egujwa umhlaba wonke nokuyinyanga futhi lapho indodana yami nami sigubha ngayo izinsuku zethu zokuzalwa. Kuzokuba yisikhathi sokupheka nesokuzithokozisa ekhaya kanti ngizokwenza amaresiphi engizowacaphuna emakhasini ethu ezokudla. Sengijahe kabi ukwenza umqombothi emva kwalokho ngenze ngawo i-dessert njengoba kukhonjisiwe ekhasini 66.
Kuze kube ngokuzayo!
UNKULUNKULU
AniBusise!
IZINCWADI
Sbu Mpungose
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
IGAMA lami nginguKarabo Kabelo ngineminyaka engu-14. Ngibhalela kwaBONA ngoba ngikhathazekile ngendlela amantombazane amancane abeka ngayo impilo yawo engcupheni akhubaze nekusasa lawo.
Inkinga iqala ngoba basuke bacabange ukuthi ukuthandana namadoda amadala kuwenza akhule noma abe ngcono kunontanga yawo.
Mantombazane amancane, ake ngibuze lokhu: yini abesilisa abadala banithande kanje? Hhayi ngoba nihlakaniphile noma nibahle, kodwa yingoba nilula.
Nenza noma yini abafuna niyenze ngoba banemali. Abanihloniphi futhi bakhombisa ukungabi nandaba nemizwa yenu. Bhekani ukuthi yini eyenzekayo uma nikhulelwa.
Usuke esekuphi lo ngqongqoshe wakho wezezimali?
Usuke use-nhlanhleni uma uk-hulelwa. Labantu besilisa bahambe belala nanoma ngubani - uyazi ukuthi ngithini ngalokho?
Imali oyithola kubona
izokusiza kanjani lapho usubulawa yi-AIDS?
Akusikho ukuhlakanipha
ukufela imali.
Ukuthandana nabafana abalingana nawe ngokweminyaka kungakunika intokozo enkulu futhi uphephe.
Kabela Makati, Limpopo
Ungazicekeli phansi
Umyalezo wamantombazane amancane aseSA
Hlukanani nabo
Ngikhathazwa yindlela abangamaRasta abaphathwa ngayo kuleli lizwe. Wonke umuntu unelungelo lenkululeko yezenkolo. Kuyaziwa ukubhema insangu kuyingxenye yenkolo nosiko lwawo kodwa uhulumeni awuwavumeli ukuba lokho akwenze ngokuthula.
Ama-dreadlocks nawo ayingxenye yenkolo yawo kodwa izikole eziningi azizivumeli izingane zibe nama-dreadlocks.
masifundeni ukuwahlonipha amaRasta.
Aaron Tlou, Tweefontein
Ikusasa elihle
I-South Africa inekusasa elihle. Kufanele sikhumbule ukuthi sonke sinamandla okwenza ushintsho kuleli lizwe nokuba sixazulule izinkinga zalo.
Isikhatghi sihlale sivuma ukwenza izinto ezifanele!
CS, Jouberton
Funda ukwamukela isimo
Ukufa kukhona yonke indawo - kanti akukhethi - oobusayo nohluphekayo. Ukufa kuza kithina sonke.
Uma usanda kushiywa othandiweyo wakho, azi lokhu: ukudinwa ngeke kukusize.
Yonke into eyenzekayo yenzeka ngeNtando kaNKULUNKULU. USithanda sonke kanti Unathi njalo.
Nakuba singakwazi ukubona Asihlelele kona, kodwa sonke sidinga ukuba nethemba.
Ayikho into edlula umthandazo. Umthandazo uyakusiza ukwazi ukubhekana nokudideka nobujhlungu obuzwayo.
Deborah Mashigo, Maboloka
Musani ukubeseka
Izikhalo zosizo azifinyeleli eziteshini zamaphoyisa noma ezibhedlela. Izitimela azisigcini isikhathi abantu bazebalahlekelwe yimisebenzi. Ngani na? Ngenxa yokuthi izinyoka zintshontsha amakhebuli!
Kungani abanye abantu bavikele lezi zigila mkhuba? Izigidi ngezigidi zemali ezilahlekayo ngenxa yalezi zinyoka kodwa abanye abantu becabanga ukuthi bangamaqhawe.
Ngabe laba bantu ababoni ukuthi lezi zinyoka zingamaphekula acekela phansi umbuso wentando yeningi yezwe lethu?
Izinyoka nalabo ezibathengiselayo kufanele zibhekane nezigwebo ezinde ejele uma zibanjwa.
Uma nibanika ibheyili, nibanika ithuba lokuntshontsha kakhulu ukuze babuyelwe yimali yabo.
Izinyoka nalabo abasebenzisana nazo kufanele bagawule babheke ngoba ngelinye ilanga umphakathi uyozithathela umthetho ngezandla ukuze uqede lobu bugebengu!
AS, Bloemfontein
Omama nezingane
Kubuhlungu ukubona indlela izingane ezihlukaniswa ngayo nomama bazo ngoba kuthiwa usiko alubavumeli abesimame abanezingane ngaphandle ukuba bangene nazo emshadweni.
Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuba abesimame babhukule bazimele nezingane zabo. Lokhu akusilo iqiniso ngoba abesilisa bona bayeza nezingane zabo zangaphandle ngaphandle kwezinkinga.
Kungani ukuba abesimame kudingeke ukuba bashiye izingane zabo ukuze bakhulise ezendoda?
Uzozithanda kanjani izingane zendoda uma engakwazi ukuthanda ezakhe?
Uma indoda ikuthanda, izozithanda nezingane zakho!
NM, Maseru
Incwadi ewine kule nyanga izowina iMotorola W230 music-phone ebiza R700!
YIBA MotoSharp-Sharp ngeMotorola entsha eyi-W230 music-phone okwazi ukuba uzikhethele umculo ngayo. Ungarekhoda kusukela kwiFM radio yakho eyakhelwe khona noma ulalele kwi-1GB MP3 player enezingoma ezifika ku-300.
Incwadi
Ewinile
EZASELOKISHINI
Akanamali yokuthenga amakhondomu nokukhokha ilobolo
Ukwenyuka kwezinga lama-rates
Masizondle!!
Nginithumelele lesi sithombe ukunibonga ngengosi entsha yezezingadi. Ngiyethemba izokhuthaza abanye abafundi ukuba balwe nendlala
nobubha ngokuba bazisungulele ezabo izingadi.
Ingadi inginika ukudla okwanele komndeni wami bese kuthi okusele ngikudayise ukuze ngithole ezinye izinto engizidingayo.
ME Tshiki, Idutywa
NAMUHLA inkinga ayikho ekwenyukeni kwamanani okudla nezinto zokuthutha. Izinto ezazinganakiwe phambilini, namuhla sekungeziphambili. Iningi lethu lehluleka ngisho nokukhokha ilobolo, alisakwazi nokuthenga amakhondomu selisebenzisa awamahhala. Lezi ngezinye zezinselelo esibhekene nazo ukuze siphile.
Make siqale ngenselelo enkulu yezezimali abesilisa ababhekana nazo ukuze bafinyelele emshadweni - ilobolo.
Kulezi zikhathi ezinzima, abantu besilisa bayehluleka wukugcina izibopho zabo. Labo abangakwazanga ukushada ngeminyaka edlule, kumanje bayazisola. Uphethiloli nama-interest rates akuzona kuphela izinto ezikhuphukayo - abazali bafuna imali enkulu ngamadodakazi abo.
Labo abangenankinga ekukhokheni ilobolo labo - babhekana nenkinga yokuthi abakwazi ukumelana nemishado emibili - omhlophe nowesintu.
Iningi lezithandani lincamela imishado yesintu lapho kungadingeki makhekhe ayizitezi ezintathu, kungekho izimpelesi eziyisithupha, nezindawo ezingubukhazikhazi nezingubo ezimhlophe zomshado.
Lezi zikhathi ezinzima zimbula ingubo zingene nasezinkonzweni zasemakamelweni kangangoba izithandani eziyiqikelelayo impilo ezazisebenzisa amakhondomu kanokusho athengwayo, sezincamela ukusebenzisa lawa kahulumeni amahhala. Ngisho nalawo abiza kangcono amaLovers-Plus akuselula abaningi bamelane nawo.
Izitokifela nazo ziyakhubazeka. Abantu bayehluleka wukukhokha inzalo. Lokhu kudala ukukhathazeka okukhulu ngoba ababuye besakwazi ukuphindela emumva bayofuna usizo futhi ngezikhathi ezinzima bangakwazi ngisho nokungcwaba izihlobo zabo ezingasebenzi.
Sisakhuluma ngemingcwabo, uboqaphela ukwehla kokumbulwa kwamatshe amathuna. Lokhu kuyabiza ngoba wumcimbi obandakanya inkomo, ukudla okuningi notshwala, izingubo eziphambili zokugqoka, amatende nokuqashwa kwamabhasi.Lo mcimbi awuseyona ingxenye yemindeni eminingi.
Njengama-Africa asithandi nje kuphela amasiko namadlozi ethu, kodwa sithanda noNKULUNKULU nesonto. Iningi lalikhipha izimali eziningi linikela likhipha nokweshumi esontweni kodwa konke lokho sekukhubazekile.
Uma ungumuntu othanda ukuzishayela ubhiya owodwa noma ababili ukukhohlwa yizinsizi zosuku emva komsebenzi, noma kanjani sizokukhathaza isimo sokwehla kwamandla ezomnotho.
Esikhundleni salokho, ukwenza isibonelo, uma uvakashela eMeisies Shebeen e-Orlando East eSoweto, kungenzeka uzithole usuphuma uqonda ekhaya. Ukugwema ukubona umkakho esapheka akuseyona into elula manje. Iqiniso wukuthi abesilisa manje abasakwazi ukuthenga ipapa no-mogodu eBra Ben's Place.
Shwele uma lokhu kungakukhathazi. Mhlawumbe usuphumile ekhaya kodwa useyingane enhle esayithumela imali. Abathandiweyo bakho kungenzeka bakuzwe ukhalaza ngokuthi awusakwazi ukuthenga igrosa eningi yakho neyabo.
Njengokusho kukaTito Mboweni ethi sekuyisikhathi sokuqinisa amabhande ethu - lokho akufanele kube yinto enzima ukuyenza: iningi lethu lizokuba nemizimba emincane ngokungayidli inyama nsuku zonke nanokukhathazeka ngenxa yokungabi nayo imali.
Foshizi Black Consumer Insight Agency
Lolu daba lufinyeziwe lahlelwa. Ngodaba olugcwele, vakashela ku-www.foshizi.co.za
