zulu.1098.trivia
Kuyethusa! Isimanga! Kuyathokozeleka! Amaqiniso nama-puzzle ezingane zeminyaka yonke!
INDAWO iDistrict Six yasungulwa ngo-1867 ithathwa njengendawo kaMasipala wesithupha eCape Town. Emva kweminyaka elikhulu yayisiyakhelwe ababeyizigqila bakhululwa, abadayisi nabanye abantu ababeliqhamukisa kwezinye izindawo. Ngeminyaka yo-1940 iDistrict Six kwase kuyindawo yomculo, yokuhaywa kwezinkondlo, yomdanso nezobuciko.
Uhulumeni wobandlululo wona wabona kuyindawo yobugebengu, yokugembula nokuthengisa ngemizimba. Abazange basho ukuthi le yayisondele nenkaba yedolobha, iTable mountain nechweba nokwakuzoyenza indawo ebizayo.
NgoFebruary 11, 1966 iDistrict Six yamenyezelwa njengendawo yabamhlophe bodwa, kwathi eminyakeni emibili eyalandela, basuswa ngenkani abamnyama. Ngo-1982 base bengaphezu kuka-60 000 abantu abase bethuthelwe eCape Flats indawo eqhele ngo-25km.
AmaMulti-Game
IZINGANE EZIHLAKANIPHILE
Hlola ulwazi lwakho lolimi. Isithombe yiso esikutshelayo ukuthi ngabe yini igama laleyo nto?
Yigama elisho ukucolisiseka noma ukuhlanzeka. UFebruary iyona nyanga emfushane kunazo zonke futhi yiyo kuphela enezinsuku ezingaphansi kuka-30.
Ngokuvamile inezinsuku ezingu-28 kodwa njalo emva kweminyaka emine inezingu-29, Lokhu kubizwa ngokuthi ama“Leap Years” ngoba unyaka ugxumela phambili ngosuku.
Elandelayo iyokuba ngo-2012.
KULE NYANGA UMLANDO WASE-SA
1960
■ February 3: Undunankulu waseBrithani uHarold Macmillan wenza inkulumo i“Wind Of Change” ephalamende laseSA eCape Town.
1982
■ February 5: Umholi wenyunyana uNeil Aggett wafela ezitokisini zamaphoyisa.
1990
■ February 2: Umongameli FW de Klerk waqeda ubandlululo wathi kuzokhululwa uMandela. I-ANC, PAC neCommunist Party yavulwa umlomo.
■ February 11: UMandela wakhululwa ejele iVictor Verster.
1996
■ February 3: IBafana yashaya ngo-2-0 iTunisia yawina i-AFCON ka-1996 eGoli.
2000
■ February 22: Isiphepho u-Eline sahlasela eMozambique ngaseBeira. Imimoya yayishaya ngo-260km/h. Abombutho wezempi bathumela ama-helicopter ukutakula abantu.
2005
■ February 20: UDalene Matthee umbhali wenoveli iFiela Se Kind nezinye washona.
IYIPHI INDAWO ESHISA KUNAZO ZONKE EMHLABENI?
ETHEKWINI ngoFebruary? Amazinga okushisa afinyelela ko-30o C, nokungamazinga aphezulu uma uwaqhathanisa neLibya!
NgoSeptember 13, 1922 endaweni i-El Azizia, amazinga okushisa aze afinyelela ku-58oC – nokungukushisa okungakaze kubonwe.
Indawo ebanda kunazo zonke? Isekudeni - izinga lokubanda eselake laqoshwa emhlabeni ngu: -89o C eVostok e-Antarctica ngoJuly 21, 1983.[z]
Amanzi e-Angel Falls eVenezuela ehla ibanga elingu-979m ukwenza impophoma ende kunazo zonke emhlabeni.
I-Puzzle Yezithombe
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho.
I-VALENTINE’S DAY
Sonke siyalwazi usuku, akunjalo? Amaqiniso ngosuku lothando.
1 Bangaphezu koyedwa oSaint Valentine kangangoba akekho owaziyo ukuthi yimuphi okuqanjwe ngaye usuku lwezithandani.
2 Ukuqoshwa kokuqala okumayelana neValentine’s Day ngokuhlobana nothando kwenzeka ngo-1382 kudala!
3 E-Paris ngeminyaka yo-1400, iNkantolo yoThando yabanjwa ngoFebruary 14. Le nkantolo yayixazulula amacala okuphinga, awodlame olubhekiswe kwabesimame nawezinkinga zemishado. Amajaji ayekhethwa abesimame emva kokuwafundela izinkondlo.
4 Amakhadi okuqala eValentine akhishwa eNgilandi ngeminyaka yo-1800.
5 UFebruary 14 wusuku lwesibili ezinsukwini zokuthunyelwa kwamakhadi olukhulu lulandela uKhisimusi.
6 U-85% wemiyalezo yeValentine emhlabeni ithunyelwa abesimame.
UMTHOMBO: Encyclopedia Britannica, Big Book Of Strange Facts, Guinness World Records, Wikipedia, That’s Amazing!
