zulu.1818.cover (KB)
Nganqoba UKUDIVOSA
IKHAVA
BONA ZULU July 2008
SEKUPHELE unyaka izinto zingamhambeli kahle ngakwezothando uKB. Sekuphele unyaka ahlukana nomyeni wakhe uTerry Pinana ayesechithe naye iminyaka eyisithupha - kuleyo minyaka, mibili kuphela abayichitha beshadile - umyeni wakhe ubengumngani wakhe, imenenja yakhe, uphrojusa wakhe... nobaba wendodana yakhe uPhala.
Akusiyo into elula nemnandi ukwehlukana nomuntu osuke usondelene naye ngale ndlela. Uma ubheka isimo sikaKB namuhla, kuyamangalisa ukuthi phezu kwale nkinga wakwazi ukuthola indawo azoyidlala emdlalweni wezothando wawina neSAMA.
"Siye sizikhohlise ngokuthi kukhona izinto esingeke sakwazi ukuzenza empilweni kodwa sizithole sisesimweni esenza sibone kufanele ukuba sizenze," kusho yena. "Ukubaluleka komndeni nabangani ukubona ngaleso sikhathi."
U-KB kwadingeka ukuba ashiye indodana yakhe ezohlanganisa iminyaka emibili manje nogogo wayo ukuze amkhulisele yona.
"Ngangifuna ukuba ikhulele emndenini onothando," kuchaza yena. "Abazali bami basaphila kanti ihlala nabo eMmabatho.
"Ngangifuna ukuba ikhule inolwazi ngempilo yasemakhaya. Mina ngikhulele emakhaya kanti umfana wami wayengazi ukuthi yini inkomo wayibona esehlala ekhaya!
"Ekhaya sinengadi enkulu nenja kanti unabazala bakhe aya nabo enkulisa. Kwesinye isikhathi bayaxabana ubabone sebekhombana ngeminwe yabo emincane!"
Igama lendodana yakhe nguPhala kanti yigama lesiTswana elichaza i-instrument yomoya. Kubukeka sengathi uPhala wafuza abazali bakhe ngokuthanda umculo.
"UPhala ungiculela izingoma zami uma ngimshayela ucingo kanti ugcine ukungiculela ingoma yeJoyous Celebration. Uhlakaniphile - uyashesha ukubamba into," kusho umama wakhe ngokuziqhenya. "Ucula aze ashaye izandla kanti uma ezwa kukhala amadada engadini uyawalingisela."
U-KB uthi ngeke abe nenkinga lapho indodana yakhe ikhetha ukuba ngumculi uma isikhulile.
"Kodwa akekho umuntu engingameluleka ngokuthi makacule," kusho yena. "Ngazikhethela mina ukucula, angizange ngikhethelwe wumndeni wami nabangani - ngiyazi ukuthi nabo badumile ngenxa yokusondelana kwabo nami kanti kumele ngibavikele ngingabahlanganisi nomsebenzi wami. UPhala akasiyo neze ingxenye yengikwenzayo."
Uma sesibuyela eJozi, kwiRhythm City uKB usebenza amahora angu-12 ngosuku, izinsuku ezinhlanu zesonto.
"Kuyasiza ukuba matasa ngento ethile uma kukhona okungahambi kahle empilweni yakho," kusho yena. "Kwaba yisibusiso ukudlala kwiRhythm City. Ngiyathanda ukuba yingxenye yento entsha kanti kuyona ngathola into engizogxila kuyona amahora angu-12 ngosuku.
"Ekuqaleni nganginovalo - baningi ababukeli balo mdlalo oqala ngo-6.30pm. Kodwa manje angesabi lutho ngoba ngiyakwazi okwenzeka kumuntu engimlingisayo. Ngiyasazi isimo uLucilla abhekene naso, ngiyazi lapho ekhona manje nalapho eya khona.
"Kodwa kimina impilo iyaqhubeka, yena uyabambelela entweni - uyangabaza."
Izinto uKB aziqale kabusha empilweni yakhe zibandakanya nokuhlala kwakhe ekhaya alirentelayo eliseMorningside. KumaDVD akhe abekwe eduzane kweTV yakhe engubhazabhaza kukhona aka-Jay-Z, Lauryn Hill no-2-Pac, Celtic Moods kuya kwakaRingo noMbongeni Ngema.
"Ngangifuna ukuba nendawo yami kanti ngithanda nokuba yingxenye yamabhizinisi. Kule ndawo kukhona abantu abangangisiza kulokho.
"Ngizibambele ebhizinisini lami," kusho yena emva kokuba yena noTerry kanye noKing Beatmaker Mathemo ababesebenzisana naye behlukana njengoba babebambisene enkampanini yomculo.
Kuyisifiso sakhe ukuba nochunge lwefeshini yeKB yezimpahla zokugqoka nezokuhloba. Ufisa nokubona abaculi baseSA besimama behlangana becula ndawonye njengoba kwenza abesilisa.
"Abazali bami banomuzi ngaseSun City kanti ngilala khona uma kuzoba namaSAMA ngiye kuwona ngingakhathele."
Ngempelasonto uma engasebenzi uyaya ekhaya kanti wenza isiqiniseko sokuya okungenani kabili ngenyanga.
"Umama wayenezingane eziyisithupha kanti uyaphumula uma sikhona. Ekhaya ngiyapheka ngenze neminye imisebenzi yasekhaya.
"Njengoba sengiseGoli, ngiyakubona ukubaluleka kwabazali bami kanti ngiyababonga ngokungikhulisa kwabo. Bayangikhuthaza kakhulu kwengikwenzayo.
"Zimbili izindlu abazakhile kanti ababheke sipho esivela kimina. Siningi isikhathi abasichitha bekhuleka besebenzela thina ukuze siphile kahle. Kufanele sibabonge ngokwenza izinto ezizobajabulisa." [z]
U-KB wakhuliswa wukulahlekelwa kwakhe. Indaba nguPatricia McCracken
Izithombe ngu-Ivan Naude; izinwele ne-make-up nguFaith Seuoe; i-styling Marina Walsh; umdidiyeli nguPatricia McCracken; ingubo: YDE; ama-boots: Woolworths; amacici: Ruby In The Dust
BONA ZULU July 2008
Izeluleko zikaKB ezingu-5 zokunqoba ukudivosa
1. Yamukela: "Isinqumo usithatha emva kwesikhathi waba nolwazi lokuthi uyogcina usithathile."
2. Qhelelanani: "Mina noTerry sibonana uma kunesidingo kuphela."
3. Hloniphanani: "Ngisamhlonipha njengobaba wengane yami."
4. Ungakhulumi kakhulu: "Ngiyasazi isizathu esasihlukanisa kanti angifuni ukuthi kuvunwe othile phakathi kwethu."
5. Bheka ikusasa: "Bonga okuhle okwenzeke empilweni yakho kube khona nezinto ozozilangazelela empilweni."
