zulu.180.cover story
Isihlabani esisha sefeshini
UKUNGENA ezicathulweni zesihlabani sezefeshini kuyasabisa kanti nomuntu ozethemba njengoBonang Matheba weLive uyavuma ukuthi unovalo.
"Kubukeka sengathi umhlaba usulawulwa yimina!" kusho le ntokazi ekhonze ukuhleka nokuzikhulumela. Isitayela sakhe sihlukile - kangangoba izitolo zakwaLegit sezethule uchunge lwezingubo zokugqoka olubizwa ngaye.
"Uchunge lwezimpahla zethu olwaluqanjwe ngoNoni Gasa lwaba yimpumelelo kakhulu kanti sekuphele iminyaka emibili sifuna umuntu ozongena ezicathulweni zakhe," kusho imenenja yakwaLegit uGlenda Mthimkhulu. Bagcina becele ukuba kuvotelwe umuntu ozovala isikhala sikaNoni kwi-website yakwaLegit - amakhasimende avotela uBonang njengesihlabani okuzokwethulwa izimpahla ezizobizwa ngaso.
"Kwaba wusuku oluyingqophamlando empilweni yami mhla ngizwa ukuthi kukhethwe mina!" kusho yena. "Udadewethu wajabula kakhulu wangihalalisela umama yena wavele wakhala izinyembezi zenjabulo.
"Umama wathi 'Ngiyakubongela kakhulu ntombi yami, noma ngifa ngiyobe ngazi ukuthi uzokwazi ukuziphilisa.'"
KuBonang, lokhu kusho ukufezeka kwamaphupho akhe.
"Ngesikhathi ngingena okokuqala esitolo sakwaLegit ngabona isikibha sikaNoni Gasa ngafisa sengathi kungaba yigama lami elalibhalwe kusona," kusho kukhumbula yena. "Ngangizizwa ngiphatheke kahle njalo uma ngisigqoke nebhulukwe lami ngonyaka engangenza ngawo u-matric."
Njengeningi lamantombazane aseMzansi, uBonang kukhona okubi nokuhle akukhumbulayo okwenzeka ngalowo nyaka!
"Ngathola ithuba lokubona ingubo eyayithungwa owayengithungela ngosuku olwalandulela olwephathi yokuvalelisana kwethu - ngathola okukhulu ukudumala. Yayiyimbi ngendlela engachazeki. Kwadingeka ukuba ngiqale phansi ngibheke engangizokugqoka ntambama ngalelo langa."
Wathola i-ballgown e-pink yakwaHip-Hop eyayinobhodisi ohlotshisiwe - wathenga nomgexo namacici.
"Ngangifuna ingubo e-orange ngoba uMama wayengithengele izicathulo ezi-orange eMelika," kusho yena. "Kodwa ngagqoka lezo zicathulo ngoba zazingabonakali zifihlwe yingubo yami ende!"
Umcwali wezinwele wenza i-braiding ezinweleni zikaBonang uBonang yena wawasetha kahle ngendlela yakhe. Ebusweni wacwalwa umuntu oqeqeshiwe kulo msebenzi.
Imoto yohlobo lwe-limo ayezohamba ngayo ayifikanga. Wagcina ehambe ngemoto yakubo yohlobo lweToyota Tazz!
"Kwakumnandi phezu kwazo zonke lezo zinkinga," kusho uBonang. "Iphathi yethu yokuvalelisana yayiseGallagher Estate eGoli.
"Ngangiphelezelwa uTumi engimazela eRhema Bible Church. Wenza lwaba mnandi kakhulu usuku lwami kanti nabangani bami bonke babephelele. Asisabonani noTumi manje ngoba wathola umsebenzi kwenye indawo."
U-Bonang wenza izifundo zezentengiso nokuxhumana kanti ukhona umuntu athandana naye. "Sineminyaka emibili sithandana," kusho yena enqaba ukusinika igama lakhe. "Ubuso bami buyachachamba uma ngikhuluma ngaye.
"Kulula ukuwela ogibeni lokuthandana nabantu abangalungile kanti yena uneminyaka engu-10 esembonini yezikaqedisizungu. Ngiyamhlonipha kanti uyangixhasa.
"Usebenza ngokuzikhandla kanti uyangikhuthaza kakhulu ngalokho. Awukwazi ukungakulangazeleli ukuphumelela uma unaye ngoba unomdlandla akwenzayo ukwenza ngothando.
"Angazi ukuthi yini engingayenza ngaphandle kwakhe."
Umuntu oyilolu hlobo amdingayo njengoba enza izinto ezintathu ngesikhathi esisodwa - wenza izifundo zakhe ngokugcwele, ethule iLive abuye asebenze nabathunga izimpahla zakwaLegit. Njengoba selwethuliwe uchunge lwalezi zimpahla, luzohambisana nokuthwetshulwa kwezithombe ezizobonakala emabhodini amakhulu, ezikhangisweni zamaphepha, kwiTV nasemibukisweni yefeshini.
"Kuthatha izinyanga eziyisithupha kuye kweziyisishiyagalombili ukukhetha impahla ezosetshenziswa kuye ekufakweni kwayo esitolo. Mina ngibanika izeluleko ukuze bayithunge ngendlela engigqoka ngayo. Bayazi ukuthi yini ebukeka kahle nethengwayo.
"Intombazane ezwana nezimpahla zakwaLegit yintombazane esencane eneminyaka engu-16 kuya ku-22. Ayinamali yokuthenga izimpahla ezibizayo kodwa ifuna ukubukeka kahle. Ingathanda ukuba yisihlabani esizobonakala kwiTV ngelinye ilanga."
NgokukaGlenda uchunge lwalezi zimpahla luzoba yizitayela ezihlukene lube nengqikithi entsha. Luthungwe lususelwa ezimpahleni zamaphathi okuvalelisa abafundi baka-matric.
"Kuyajabulisa ukubona ubuso bami emabhodini amakhulu kodwa ngibuye ngishaywe wuvalo ngizibuze ukuthi ngingenzenjani uma abantu bengazithandi noma bengazithengi izimpahla zami. Kodwa ngiyazethemba ngiyazithanda kanti ngizigqoka yonke indawo," kusho uBonang.
Akakholwa uBonang ukuthi lokhu akwenzayo kumnike ithuba lokusebenzisa akufunde ezifundweni zakhe.
"Ngikubona konke esifunda ngako kanti lokho kwenza izinto zibe lula kakhulu.
"Ngingumuntu othanda ifeshini kanti ngifunda namaphephabhuku efeshini ngibuke neF-TV ukuze ngibone okusesitayeleni.
"Ngifuna ukuvula ibhizinisi lokwenza ubucwebe neziqedaphunga. Kodwa ngisazohlala kwezikaqedisizungu. Ngifisa ukusakaza uhlelo lwami emsakazweni.
"Impilo yami iyahleleka manje - amaphupho ami ayafezeka. Ngineminyaka emihlanu ngisebenza kanzima. Ngike ngaphatha izinhlelo, ngenza izimakethe, ngaba yijaji emincintiswaneni yonobuhle ngenza nokunye okuningi. Ngizwa ngibusisekile." [z]
BONA ZULU October 2008
Akusiwo wonke amantombazane agcina ethola imali ngezinto ezaziyingxenye yephathi yokuvaleliswa kwabafundi baka-matric - kodwa uBonang Matheba unenhlanhla. Indaba nguPatricia McCracken, iziphaqulo nezinwele nguFaith Seuoe, zonke izingubo nguBonang at Legit
IKHAVA
BONA ZULU October 2008
UBonang emodela egqoke izingubo ze-matric dance yakhe nezephathi. NGENHLA KWESOKUDLA: UBonang egqoke ingubo ye-matric dance ayithenga ngomzuzu wokugcina enoTumi owayemphelezela.
OKUTHANDWA NGU-BONANG
Umbala awuthandayo: "Awukho oqondile! Ngithada okusagolide nokusasiliva, okumhlophe - kanti umbala o-lime green usesitayeleni njengamanje."
Isitayela sokugqoka asithandayo: "Esi-retro chic - ngezinye izinsuku! Ngezinye ngithanda okucwebezelayo ngoba kuhle."
Umuntu onesitayela asithandayo: "U-Rhianna - akekho engingamfanisa naye."
