zulu.1807.yourstyle_solutions
kwasebusika
O
Asikho isidingo sokuthenga njalo. Ungakwazi ukujika okwasehlobo ukugqoke ebusika
kokugqoka
Ingubo esahembe
Ingubo esahembe iyahlala kubantu bama-figure ehlukene. Ehlobo yinhle ipholile kanti ebusika ingaba yijazi elisesitayeleni.
Faka i-cowl top enemikhono emide ukuze ufudumale.
Igqoke ihambisane ne-jean encane, ibhande nezicathulo ezinezithende ukuze uphothule lobo buhle basebusika.
ISELULEKO: Uma ingubo yakho ikubamba emzimbeni, kungakuhle ufake ama-tight ngaphansi ukuze ubukeke ungakhuluphele.
Ukugqoka
IZISOMBULULO ZEFESHINI
Ingubo encane emnyama ifanele noma yimuphi umcimbi nanganoma yisiphi isikhathi. Gqama engubeni yakho encane emnyama kusukela ngesikhathi sehlobo kuya ebusika, ufake namasokisi abomvu nokunye okusasikotshi.
Okunye ongakwenza wukwengeza okufudumele nokunithiwe ngaphansi kwengubo. Ukuze ufudumale, okunithiwe makube nemikhono emide.
Faka ibhande elibomvu ukugqamisa ukhalo lwakho nokwengeza ubuhle.
ISELULEKO: Ukushaya okumnyama kusuka ekhanda kuya phansi kuhlale kusefeshinini. Bukeka ngale ndlela ngokufaka amasokisi amnyama noma ama-tight - esikhundleni sokubomvu.
Ihlazo
Yebo, izicathulo ezinezithende eziphakeme ungazifaka ebusika. Ungafaka futhi ne-tight noma amasokisi i-sheer (ebonisa ngale) - ungazishayela okwehlukile ngoba abaningi bazobe begqoke ama-boot.
ISELULEKO: Ukugwema ukuba izinyawo zakho ezifake ama-pantihose zingasheleli uma uhamba, thenga ama-inner sole uwafake ngaphakathi ezicathulweni.
Lasebusika
Emnyama
Ingubo encane
